Ushiwe ngaphandle uThemba Bavuma kweyeT20 kanye neye-ODI



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Inhlangano ephethe ikhilikithi lapha eNingizimu Afrika iCricket South Africa (CSA), imemezele iqembu lamaProteas elizothola phezulu ne-India.
Le midlalo izoqala kusukela mhla zili-10 kwephezulu kuze kube umhla ziyisikhombisa kuMasingana.
Amaqembu ahlukene kathathu lapho kukhona elizodlala imidlalo yeT20 International emithathu, eye-One Day International (ODI) emithathu neyeTest emibili.
Okuvelile ukuthi uThemba Bavuma ngeke abonakale emidlalweni yeT20I neye-ODI.
Ukungabibikho kwaBavuma kwenzeka nje, uke wabasematheni ngokungenzi kahle kwakhe kwiNdebe YoMhlaba ekubeni engukaputeni. Abaningi bamgxeke kakhulu, baze bathi akumfanele ukuhola iqembu emdlalweni yosuku.
Yize engeke ayidlale imidlalo ye-ODI neyeT20I kodwa eyamaTest uzobonakala kuyona.
U-Aiden Markram uyena ozobe ehola amaProteas esikhundleni sikaBavuma.
Omunye umdlali ongeke abonakale uKagiso “KG” Rabada, bobabili babhekwe babuye emidlalweni yetest kwazise iyona mdlalo ethathwa njengebalulekile ngokusho kwe-CSA.
Amanye amagama abelindelekile elika Anrich Nortje noWayne Parnell, kodwa awavelanga ngenxa yokuthi balimele.
“Sinemidlalo eminingi esizoyidlala ngalokho siqoke ukuthi abanye abadlali bethu abadala sibaphumuze. Lesi sinqumo sisithathe nomqeqeshi weTest uConrad Shukri. Sifuna ukunikeza abadlali abancand nabasha ithuba njengoba benza kahle emaqenjini abo” kushl uRobert Walter ongumqeqeshi koweT20I nowe-ODI.
Kubadlali abasha abazobonakala kule midlalo kukhona abeWestern Province (WP) uMihlali Mpongwana, uDavid Bedingham noNandre Burger.
UBurger uqokelwe kuyona yonke imhlobo yemidlalo, uMpongwana ubizelwe kweye-ODI kwathi uBedingham waqokelwa kwetest.
Izikwati zamaProteas zithakwe kanje:
T20I
Aiden Markram (Kaputeni) u-Ottniel Baartman uMatthew Breetzke, uNandre Burger, uGerald Coetzee, uDonovan Ferreira, uReeza Hendricks, uMarco Jansen uHeinrich Klaasen, uKeshav Maharaj, uDavid Miller, uLungi Ngidi, u-Andile Phehlukwayo, uTabraiz Shamsi, uTristan Stubbs niLizaad Williams.
ODI
Aiden Markram (Kaputeni) u-Ottniel Baartman, uNandre Burger, uTony de Zorzi uReeza Hendricks, uHeinrich Klaasen uKeshav Maharaj, uMihlali Mpongwana, uDavid Miller, uWiaan Mulder, u-Andile Phehlukwayo, uTabraiz Shamsi, uRassie van der Dussen, uKyle Verreynne noLizaad Williams.
Test
Temba Bavuma (Kaputeni), uDavid Bedingham, Nandre Burger, uGerald Coetzee, uTony de Zorzi, uDean Elgar, uMarco Jansen, uKeshav Maharaj, u-Aiden Markram, uWiaan Mulder, uLungi Ngidi, uKeegan Peterse, uKagiso Rabada, uTristan Stubbs noKyle Verreynne