Ukukhuluma sekuzophela enkundleni phakathi koMsinga United noMkhambathi FC



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kusukela ngempelasonto edlule umdlalo obandakanya uMsinga United noMkhambathi FC, abantu bebelokhu bekhuluma ngawo yize uzodlala kusasa ngoLwesithathu.
Ngisho ezinkundleni zokuxhumana kukhulunywa ngawo lo mdlalo.
Kunamavidiyo asabalele ezinkundleni zokuxhumana, okukhuluma khona uNelisa Mchunu noThobile Mabika abazakhele udumo belingisa kuZalo.
Laba bobabili bebenxenxa abantu ukuthi bezengobuningi babo bezokweseka Umsinga United, kwazise bobabili badabuka khona eMsinga. Lo mdlalo uzobanjelwa eMzisho Stadium, ngehora lesithathu ntambama.
Okwenza lo mdlalo ube nesasa ukuthi la maqembu adlala kuqoqo B ayalingana ngamaphuzu ahlukaniswe amagoli.
Womabili lamaqembu asedlale imidlalo eyi-8 anamaphuzu angama-21, asahlulwe kanye kuphela.
Okunye okubalwa njengokuthi lo mdlalo ube isasa ukuthi, umdlalo wokugcina kulo nyaka futhi owokugcina kumlenze wokuqala.
Ngalokho iqembu neqembu lizofuna ukunqoba ukuze lizonika abalandeli balo isipho sancibijane okungamaphuzu amathathu.
ElaboHlanga libe nengxoxo ekhethekile noMondli Ntinga ongumqeqeshi woMkhambathi FC, okade ekhuluma nglkubaluleka kwalo mdlall.
“Lo mdlall kukhulunywe kakhulu ngawo, angingabazi ukuthi kuzoba umdlalo omuhle ngoba womabili amaqembu alapho ekhona kungenxa yokusebenza kanzima. Amalungiselelo siwenze kahle, akekho umdlali olimele bonke abadlali bakhona. Laba esibaqokile ukuthi beyosimela eMsinga kusasa siyathemba bazosimela kahle” kusho uNtinga.
Lo mqeqeshi isizini yakhe yokuqala eba ngumqeqeshi, njengoba ethathi izintambo kuSiyabonga Mdluli.
“Ngifunde lukhulu kuMdluli ebengiyisekela lakhe kuleli qembu, ngiyaqala ukuba umqeqeshi ekwenzeni kweqembu kungenxa yezinto engizifunde kuyena nakulaba abaqeqeshi engibambisene nabo manje. Njengoba sizoqeda umlenze wokuqala, ngikholwa ukuthi konke esikwenze ngePre-Season sikwenzile kuyona yonke imidlalo yethu” usho kanje.
Kuqoqo A khona iqembu eliqhwakele iNjampela FC enamaphuzu ali-19 ilandelwa iSummerfield Dynamos, enamaphuzu ali-16.
Kuzo ezithinta i-ABC Motsepe League KwaZulu-Natal, uzofihlwa kusasa uTerrence “Spoon” Subramoney obeyiMenenja yeSummerfield Dynamos. UZofihlwa eMobeni Heights.