Now Reading
ISILO sikhomoza isizwe ukuvikela umhlaba
Dark Light

ISILO sikhomoza isizwe ukuvikela umhlaba

Inkulumo yeSILO yokuvula iNdlu YaMakhosi oBukhosi bukaZulu mhla ziyisi-5 kuNdasa ngowezi-2018, Ondini

“KUNGUMUSA kaNkulunkulu wabazali babazali bethu ukuthi namuhla siphinde sithole ithuba lokuba ndawonye. Ngikusho lokhu ngoba ngiyazi ukuthi kweminye imindeni usuku kanjalo nesonto esikulo lisho ukuqala ngaphandle kwelungu lomndeni thizeni ngoba kubo uNkulunkulu usevakashile wazokha isidalwa sakhe esingumuntu.

Lo musa kaNkulunkulu kungakuhle siwamukele ngesihle. Siwamukele ngokuthi senze okulungileyo ngoba sisanikwe ithuba lokuba nezithandwa zethu kanye nomphakathi wethu. Lesi sipho esiyimpilo sinenhloso. Ngikusho lokhu kini ngoba ngiyazi ukuthi niyakuqonda ukujula kwalokhu eniyikho nalokho engiyikho kini.

Yize abanye benu babuye bazingabaze, abanye baze bazilinganise nabanye abaholi abakhona ezweni, kepha iqiniso lithi okwenu kwehlukile. Oyingxenye yoBukhosi unikwe umsebenzi okungathi nxa ungenzeki ngendlela athwale icala. Kunesizathu kungani ningavotelwa njengabanye ngoba uNkulunkulu kini ulindele ukuba nenze ngale kweminyaka emihlanu noma elishumi. Lokhu kusho ijoka elimangalisayo ngoba nxa ungasekho lapha ungeke ukhale ngokuthi kwaphela isikhathi. Ngakho ubukhona kwakho namuhla akuwona nje kuphela umusa kepha yinhloso kaNkulunkulu.

Malungu ahloniphekile Ale Ndlu sihlangana namuhla emuva kweziwombe ezimqoka ezenzekile ezweni. Esinye salezi ziwombe kube yisimo lapho iSihlalo okunguMphongolo wesivumelwano owafungelwa ngoyihlo eNdulo sikhonjwa ngomunwe. Abasikhomba ngomunwe balikhipha ngembaba elokuthi akuphele ngalesi Sihlalo. Lokhu ngikusho ngoba owazi umlando wethu uyazi ukuthi nxa ususa ingubo uNkulunkulu asimbathisa yona okuwumhlaba usuke uhlose ukusenza izimfambele uqobo. Owenza njalo usuke efuna ukusenza isinxibi ezweni lawobabamkhulu futhi kasifiseli okuhle thina nesizukulwane sethu.

Kula masonto amathathu edlule ngikhulumile ngalokhu kanjalo nangalokho okuzomele kwenzeke. Engifisa ukukugcizelela namuhla wumhlangano weziNduna engiwudinga ngokuphuthumayo. Lo mhlangano umqoka ngoba uzobe uqinisekisa ukuthi ibutho lokuvikela ukuqhwagwa komhlaba wethu limi ngankomo. Njengoba benza abazali bethu eNdulo nami ibutho leli ngili hlele ngisebenzisa izimpondo zenyathi.

Uphondo lokuqala luphethe abakhongi; abahlanganisa abameli nongoti. Uphondo lwesibili lona yisizwe sonkana okuhlanganisa abantu abasha, omama namadoda, ogogo nomkhulu. Kanti isifuba sempi yiNdlunkulu, ngaMakhosi nezinduna. Njengoba lenza iLembe eNdulo leli butho liholwa yimi uqobo. Okwamanje ngisaqinisekisa ukuthi isifuba simi ngomumo. INdlunkulu isikhona kanjalo naMakhosi akhona asebesele yizinduna. Yikho ngithi umhlangano wezinduna uyaphuthuma. Uma sengiqede ngesifuba ngizobhekana ngqo nophondo lokuqala.

Mhlonishwa uMaDube Ncube

lokhu ngikusho ngoba ngineqiniso ukuthi uMnyango wakho uzoba yingxenye yokuhlela lo mhlangano wezinduna ozayo. Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi ngethula inkulumo yami kuleNdlu emasontweni amathathu edlule kanye naleyo engiyethule ngeledlule kuvulwa iSishayamthetho ngisibekile isifiso sami sokuthola uhlu. Ngiyafisa ukuzwa ukuthi lokho sekuhambe kwagcinaphi ngoba mhla ngisho ngabe nginganteli kepha ngangisho ngoba ngazi ubumqoka balo mhlangano wezinduna.  Lo mhlangano ngiyafisa wenzeke lingakafiki iPhasika ngoba ngifisa kusentshenziwe impelasonto yePhasika ukuthi izinduna ezizobe zihambele umhlangano ukuba ziyobika emphakathini ezisuka kuyo. Kumqoka ukuthi kukho konke esikwenzayo umphakathi singawushiyi ngemuva.

Emasontweni amabili kukhona osekwenzekile njengoba uSihlalo weBhodi le-Ingonyama Trust uMehluleli uNgwenya ungibikele ukuthi njengokumjuba kwami sebemi ngomumo ukuqinisekisa ukuthi izimemo ziyaphuma kulezo zinduna ezizomenywa. Ngoba ngifisa konke kuhambe ngononina ngimlulekile ukuba alinde umbiko ozovela eMnyangweni nakuMdunge onguSihlalo weNdlu. Ngiyafisa sihlukane lapha konke sekusobala kuthi lapho kunezingqinamba sibambisane khona.

Okunye osekwenzekile esikhathini esiyisonto isikhona inombolo lapho uZulu nalabo abeseka umkhankaso wethu wokuvikela ifa lethu bezokwazi ukuphosa esivivaneni. ISILO sabe sesikhipha imininingwane yebhange ngoba ngiyafisa lokhu kube sobala emasontweni azayo ngizokhipha imininingwane yenkampani ezobheka amabhuku ukuze wonke umuntu azi ukuthi kwenzakalani ngesenti nesenti elizongena kule akhawunti.

Ngisekulo lolu daba ngiyafisa ukuphawula ngodaba engibona ukuthi uma lungalungiswa lungahle luphazamise izinhlelo zethu. Lolu wudaba lomabhalane baMakhosi. Angifisi ukungena ezindabeni zabasebenzi ngoba bakhona abaqashelwe lokho kepha angikwazi ukuthula uma okwenzakalayo noma okungenzeki kuzophazamisa lokhu engikwenzayo.  Ngokwazi kwami laba basebenzi benza umsebenzi omqoka wokugcina umsebenzi wezinkantolo phakathi kokunye. Ngiyazi futhi ukuthi njengoba kwenzekile odabeni lwezinduna, uMnyango wakwamukela ubukhona kwabo ezinhlakeni zoBukhosi. Uma lokhu kusenjalo angisiboni isidingo sokuthi kube nomdonsiswano njengoba sizwa nje.

UMnyango ngiyafisa usebenzisane neNdlu eholwa nguMdunge  ukuze lokhu kusheshe kubhulwe ngoba angifisi ngalesi sikhathi ngenza umsebenzi wokuhlanganisa isizwe odabeni lomhlaba bese kuba nemibiko ezokwenza abantu basuse amehlo kulokho okumqoka.  Nakubo omabhalane ngiyafisa behlise umoya balinde ukungenelela kwami kulolu daba ngoba nabo angifisi benze izinto ezingathunaza lokhu engikwenzayo.

See Also

Nakumalungu ale Ndlu ngiyafisa ngalesi sikhathi nibheke ukunyathela kwethu ngoba kukhona abahlela ukusihlukanisa phakathi. Bakhona abangakuthandi ukuthi sikhuluma ngazwi linye yikho belala bengalele nje behlanganisa izinto ezizosiqhatha. Lokhu akuyona into entsha ngoba kwaba njalo nangonyaka we-1878 lapho kuyiwa eSandlwana impethu yabe isingeni esizweni kepha abazali benu bavumelana ukuthi noma kunjalo okwabe kumqoka ngonyaka olandelayo ngonyaka we-1879, mhla zingama-22 kuMasingana kwakuwukuvikela ifa lethu, umhlaba. Namanje angingabazi ukuthi kungenzeka ukuthi kukhona okungenza kube khona ukungaboni ngaso linye.

Kulokho ngithi sikani iphethini kokhokho benu, ningawasusi amehlo enu kulokho okumqoka. Asivikele ifa lethu nelesizukulwane sethu, kuyothi bese kudlulile bese sibuya silungisana.

Sengiphetha, uHulumeni waKwaZulu-Natal, sithokozile ukuzwa ukuthi ungakithi kulolu daba lwamabhoklolo afuna ukugwamanda umhlaba wethu.  Empeleni asikaze sifikelwe wumcabango wokuthi uhulumeni wethu nowakhiwe ngamadodana namadodakazi alesi sifundazwe ungaba ngaphesheya ngoba amalungu awo kanye nawesiShayamthetho avela kuwo wonke amaqembu ayazi ngesimiso soBukhosi kanti abanye bazalelwe kulezi zindawo namuhla osekuthiwa azisifanele. Abangazalelwanga khona banezihlobo kulezi zindawo.  Njengoba ngishilo sisazoxoxisana noHulumeni nabaqembu epolitiki sisebenzisa uphondo lwesibili lwebutho.

Ngala magama amafushane, ngokusemthethweni ngiyayivula leNdlu nokuwumkhuleko wami wansuku zonke ukuthi amalungu ayo ahlale njalo ebumbene elwela lokho okumqoka ngoba indawo ami kuyo ingumlando okumele ufundwe yizizukulwane.

Ngiyabonga.”

Scroll To Top