Ziyabonakala izithelo zokuqinisa isifociya
UMhlongo yintatheli ebheke izindaba zohulumeni bendawo
Omasipala bangoHulumeni Bezindawo okusho ukuthi bawuhulumeni oseduze kwabantu futhi yibo okumele bangenelele ngokushesha uma kudingeka uHulumeni kubantu.
Kumanje esifundazweni iKwaZulu-Natal bayisi-9 omasipala abangaphansi kwabalawuli. Ngaphansi kwesifunda uMgungundlovu bathathu okuwuMsunduzi, iRichmond neMpofana. Kowesifunda uThukela iNkosi Langalibalele, eZululand Abaqulusi, ngaphansi kwa-Amajuba i-Emadlangeni, eMkhanyakude uMtubatuba bese kuba owesifunda uMzinyathi.
Ngesikhathi uMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zomdabu uhambela omasipala ngenhloso yokukhipha imibiko ukuthi yenze kanjani kusuka ngalesi sikhathi nyakenye kuze kube yimanje, eminye imibiko ibicacisa ukuthi kukhona abasazohlala ngaphansi kwabalawuli njengoMsunduzi. Kepha kunabanye okwakwembulwa kwembeswa kubo nyakenye ngaso lesi sikhathi sonyaka kepha ephume phambili esifundazweni. Phakathi kwabali-10 abahambe phambili iNewcastle. Nyakene lo Masipala wathola amaphesenti angama-59,63 kodwa kulo nyaka uthole angama-77,63% ngokuhamba phambili nangentuthuko edidiyelwe.
Phakathi kwezinto okwabikwa ukuthi awuzenzi kahle kukhona ukwehluleka ukuthuthukisa umnotho wendawo, ukuhambisa izidingo kubantu nokulawulwa kwezimali.
Ezinye zezinkinga ebezihlasele lo Mkhandlu isikweletu sakwa-Eskom esasilinganiselwa ezigidini ezingama-R270 nokwehluleka ukuqoqa imali. ElaboHlanga libe nengxoxo neMeya kalo Masipala uDkt uNtuthuko Mahlaba, ochaza ukuthi lezi zingqinamba bazinqobe kanjani.
Ithe: “Uma uyimeya awusiso isikhulu kepha uyisisebenzi, uthunywe izakhamuzi. Kumele uye emsebenzini, ubheke uhlelo lokusebenza ukuze umasipala ungawi. Ngifika nyakene ngihlangane nenkinga ka-Eskom ebinzima kakhulu kuhlongozwa ukuthi ugesi uyavalwa, selokhu saqeda nale nkampani ngoMandulo nyakenye asikaze sangakhokha ngesikhathi.”
Iveze ukuthi lo Masipala phambilini imali ubuyiqoqa kepha u-Eskom ubungakhokhelwa kahle kusuka ngowezi-2012.
“Sibe nohlelo lokukhokha lesi sikweletu esenzeka kuqala, sisikhokha ngendlela esavumelana ngayo no-Eskom kodwa asikho isikweletu esenzeka nyanga zonke,” isho kanje.
Ithe ngokwenkantolo kwakumele baqale kulo nyaka ukukhokha kodwa baphazanyiswa ukhuvethe kanti imali esasele abayikweletayo izigidi ezingama-R205.
IMeya iqhube yathi behlisa izindleko njengoba ngaphambilini izikhulu beziba nonogada ababalelwa kwabahlanu okuyinto eyibona ingawakhi umqondo.
“Izisebenzi bezizenzela emalini yokusebenza isikhathi esengeziwe, kuphinde kube imali yezingcingo. Lezi izinqumo okumele uzithathe bese uba nomgogodla ngoba kukhona abakubuka kabi nabakubona unesihluku. Okunye esikutholile bekuwukwebiwa kukaphethroli lapho iloli beligcwaliswa nsuku zonke, izisebenzi bezizenzela zingabhekani nokuqondiswa kobugwegwe.”
Iqhube yathi: “Kwaba nomsindo ngenkathi kuxoshwe iMeneja yedolobha kwathiwa kukhona abantu esilwa nabo kanti sasilungisa izinto ezenziwe yiyo. Kwakunabantu ababethola imali yokukhokhela onogada ngemali kaMasipala bengazona izisebenzi zawo, lokhu okwakungalungile, kwakwenzeka ngoba benokuxhumana nabantu abathize kuMasipala. Zonke lezi zinto zenza ukuthi abantu bangihlasele kepha ngikulindele.”
Ithe bekungalandelwa imigudu efanele ukuze umuntu athole onogada. IMeya uMahlaba ithe baqale phansi benza ucwaningo lokuphepha kwabonakala ukuthi obani abasengcupheni.
Iveze ukuthi phambilini bekunikwa noma ubani abaqaphi. “Abantu bayazakhela izitha, kukhona omunye nje komasipala engingeke ngiwubize ngegama owazakhela izitha ngoba efuna onogada.”
UMbiko walo Masipala ukhomba ukuthi izikhundla eziphezulu sezigcwalisiwe esezisele esemeneja yoMkhandlu nesenhloko yezokuhlinzeka ngosizo emphakathini lapho iMeya ithe eyayikhona yaxoshwa ngoNcwaba ngenxa yokungaphathi kahle imali.
“Okusilekelelile ukulandela izincomo zikaMcwaningimabhuku Omkhulu uma ungakwenzi uzilimaza wena. Saphinda salandela lokhu abakubona kuzosiwisa. Izinto ababezishilo zazili-18, sikwaze ukulungisa ezili-15 kwasala okuthathu. Ukuqoqa imali kukhuphuke kakhulu. Nangesikhathi sokhuvethe siqhubekile sayiqoqa futhi sibonga umphakathi waseNewcastle oqonda ubumqoka bokukhokhela uMasipala. Sikwazile ukusebenzisa imali esiyinikwayo ukuhambisa intuthuko emphakathini, kulo nyaka sibe kumaphesenti ali-100 ekusebenziseni imali,” isho kanje.
Idalule ukuthi uMkhandlu ulahlekelwe izigidi ezingama-R40 ngokuvuza kwamapayipi. IMeya ithe cishe lezi zinombolo zizokwehla njengoba ithe uMnyango kulesi sabelomali ubalekelele ukulwa nale nkinga.
IMeya uMahlaba ingene nyakenye kanti kwakumele iqale emsebenzini ngoNdasa kepha ngenxa yecala eyayithweswe lona, iqembu layo i-African National Congress (ANC) layiyalela ukuba ihlale ekhaya kwaze kwaba uNcwaba nyakenye yangena ehhovisi ngoMandulo.
“Inkinga ebikhona ukuthi ngaleso sikhathi ibingekho imeya, isekela nosomlomo, uMkhandlu wethu unamalungu angama-65, angama-39 aweqembu elibusayo kepha ngokusebenza ngokubambisana futhi ngenhloso eyodwa siyavumelana ezintweni ezimqoka sibe uMkhandlu owodwa,” isho kanje.
KolweMeneja eyaxoshwa, ithe yasayina isivumelwano sokuqashiselana ngebhilidi ekubeni uMasipala wase uqedile ukwakha elawo, okwabiza ukuba kukhokhwe izigidi ezingama-R50.
Iphethe ngokuthi kumqoka ukuba bengamakhansela bangagxambukeli ekusebenzeni kwezisebenzi zomkhandlu ngoba bazoxova.
“Izisebenzi ziyawazi umsebenzi wazo, kumele ziyekwe zisebenze kepha zilawulwe. Kepha uma kukhona ongenzi kahle kumele abhekane nezigwegwe. Isisebenzi esixoshiwe ebeyisikhulu sezokuhlinzekwa ngosizo emphakathini besibuye sibe ngumphathi wezimali ku-ANC samxosha ngoba ubeganga sangathi ngoba sihlala naye ku-ANC kumele simgcine. Cha sizoqondisa, uma wenza lezi zinto uthola izingcingo emaceleni kuthiwe xegisani, lokhu okungalungile esingeke sikuthathe futhi.”