Nawe Showe awumncinyana ngokukhiqiza uMthabela


Esikhathini samanje sokusabalala kwezinkundla zokuxhumana nokuba khona kwemidlalo eminingi ewuchungechunge kuthelevishini, akuselula ukwazi bonke abalingisi njengoba kwakwenzeka esikhathini esedlule. Sekujwayelekile ukuthi abanye abalingisi bangaveleli emidlalweni abalingisa kuyo, ngenxa yokukhula kokuncintisana kulo mkhakha.
Kubalingisi abangaconsi phansi kubalwa uMuzi KaChibi Mthabela oneminyaka yobudala engama-45 odabuka Eshowe KwaZulu-Natal, wakhulela eClermont eThekwini. Ngaphandle kokulingisa uphinde abe nesandla ekulekeleleni ukuqondisa imidlalo ethile kuthelevishini. Lolu ngqwazi lehwaqa luzifake ezinhliziyweni zababukeli abaningi bethelevishini emdlalweni ongasekho Isibaya. Yinto engephikwe ukuthi uMthabela akagcinanga nje ngokuba isilomo kwabesifazane kulo mdlalo ngendawo abeyilingisa, kodwa nangaphandle kwethelevishini abesimame bebezifela ngaye.
Uma kuphathwa igama lakhe kuyacaca ukuthi usuthinte intandokazi. Indlela yakhe kwezokulingisa nethelevishini yaqala ngowezi-1999 ngesikhathi efudukela eGoli eyophendla isikhala emkhakheni wezikaqedisizungu. Uqale ukubonakala emidlalweni eminingi njengeJacob’s Cross, Dream World, The Road, Sokhulu & Partners, Ashes to Ashes, Saints and Sinners, Loxion Lyrics ngaphambi kokuba athole indawo eyamveza kakhulu kubantu emdlalweni iSibaya, edlala indawo kaDuma Ngema. Ikhono lakhe kwezokulingisa lenza abakhiqizi bomdlalo iMuvhango bamnika indawo ephambili elingisa uRichard ngonyaka wezi-2020.
Akubanga mnandi kubalandeli bomdlalo iSibaya ngesikhathi eshiya kuwo kodwa wabaqinisa idolo ngokuthi usazoqhubeka nokubonakala kuthelevishini.
Engxoxweni aba nayo nephephabhuku iBar ngesikhathi bembuza ngokuthi angayichaza kanjani indoda waphendula ngokuthi, “Indoda ngumuntu impilo yakhe ebuswa yimithetho ethile azibekele yona. Siphila ezikhathini ezimnandi lapho kumele sihlale njalo sikhuluma ngendima yethu, sichaza nokuthi singobani.”
Asondelene nabo emkhakheni wezokulingisa bamchaza njengomuntu okwaziyo ukuhola, olalelayo futhi ongenawo umona okwaziyo ukunika abanye abantu ithuba. Lo mlingisi ukholelwa ukuthi noma usuhlale isikhathi esingakanani ulingisa indawo ethile emdlalweni, uma sekufika isikhathi sokuthi uye kodlala komunye umdlalo, awukwazi ukubonakala njengomuntu oyedwa.
Waziwa kakhulu ngokusiza abalingisi abasafufusa kulo mkhakha, ngaphandle kokuzikhukhumeza nokuziqhakambisa. Uthi kubalulekile ukuhambisana nendawo oyidlalayo umdlalo nomdlalo. Lo mlingisi ushadelwe unezingane ezimbili.