Umanaphanapha zimnetha ngapha nangapha umfo kaGordhan



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
INational Union of Metalworkers of South Africa (NUMSA) neSouth African Cabin Crew Association (SACCA) bathi uNgqongqoshe woMnyango wamaBhizinisi kaHulumeni, uMnu uPravin Gordhan, kanye nePhalamende yibona okufanele bagxekwe ngokuqedwa kweSA Express.
Bathi uMnyango awuzange usiphikise isicelo sokuthi kuqedwe inkampani yezindiza kodwa waphikisana neseSouth African Airways (SAA).
Lezi zinyunyana zifuna kuphenywe uNgqongqoshe ngokuvumela iSA Express ukuthi ivalwe okwesikhashana ngesikhathi inqaba ukwesekwa ngabasebenzi bezokutakula ukuze bayitakule. Bathi uMnyango ubufuna iSA Express iwe.
Okhulumela iNUMSA, uPhakamile Hlubi-Majola, uthe lokhu kushiye abantu abaningi bengenamisebenzi.
“IDPE ayizange isiphikise lesi sicelo yize ibinamandla okwenza lokho. Ayizange iphakamise umunwe ukuvimbela ukuvalwa kwenkampani yezindiza futhi ithathe isihlalo esingemuva kuyo yonke inqubo. Ukubhidlika kweSA Express kuncike ngokuphelele emahlombe kaGordhan kanye nasephalamende ngokwehluleka ukunakekela amaSOE ethu futhi wehluleka ukubeka ungqongqoshe aziphendulele. Ngenxa yabo, silahlekelwe yiSOE ebalulekile nesebenzayo enkohlakalweni futhi abasebenzi nemindeni yabo bakhokha inani eliphakeme kakhulu ngenxa yokuntuleka kwemisebenzi nobubha.”
Ngakolunye uhlangothi abasebenzisa izindiza bayaphoqeleka ukuthi bangene bajule emaphaketheni abo njengoba amanani ezinkampani zezindiza ekhuphuka ngamandla.
Kodwa naphezu kwezindleko ezikhulayo ezinye izinhlangano zokuhamba zithi isidingo sezindiza siyaqhubeka nokukhula. Imali yokugibela yezindiza inyuke ngamaphesenti angaphezu kwekhulu kulo nyaka.
Lokhu kwabangelwa isidingo esikhulu sezihlalo zohambo lwasekhaya nolwamazwe ngamazwe. Intengo ephezulu kaphethroli nezinye izindleko kanye nezinga lokushintshisana kunomthelela emananini aphezulu okuhamba ngendiza.
Ezinye izinhlangano zezokuvakasha zithi ukugibela amathikithi endiza kuphazamisa ezokuvakasha.