Now Reading
Konke sekumi ngomumo kwiqembu labesifazane lekhilikithi
Dark Light

Konke sekumi ngomumo kwiqembu labesifazane lekhilikithi

Iqembu lakukeli lesifazane lekhilikithi lizoqala imidlalo emithathu emqoka yeT20 International neBangladesh, ngaphandle kuka kaputeni walo uLaura Wolvaardt. 

Lo mdlali oneminyaka yobudala engama-24, okudala ukuthi engabibikho ingoba iqembu adlala kulo kusasa ngoMgqibelo lizobe lidlala owamanqamu kowe-Women’s Big Bash League (WBBL). 

ULaura udlalela iqembu lase-Australia i-Adelaide Strikers ezotholana phezulu neBrisbane Heat edlalelwa uMignon Du Preez oseke waba ukaputeni weqembu lesizwe lakuleli. Lo mdlali omandla ekushayeni amabhola (batting) kumanje ubalwa nabali-10 asebeshaye amaruns ama-363. 

Njengoba ezobe edlala owamanqamu kusasa, uzotheleka kuleli ngoMsombuluko noma ngoLwesibili. 

ICricket South Africa (CSA) imqoke ngesonto eledlule njengokaputeni welesizwe ethatha izintambo kuSune Luss yena owayezithathe kuDane Van Niekerk. 

Kuyimanje uLaura usedlale imidlalo ye-One Day International (ODI) engama-86 washaya amaruns ayi-3 421, koweT20 International udlale engama-59 wabeka amaruns ayi-1313. 

Ezinyangeni ezedlule uLaura udlale kahle kakhulu esiza izwe liguqisa iPakistan neNew Zealand kwe-ODI. 

INingizimu Africa neBangladesh umdlalo wabo wokuqala uzokuba ngeSonto eSahara Park Willwmoore Cricket Stadium, eBenoni ngelesibili emini. 

Abanye abadlali abangeke baze babonakale uNadine De Klerk no-Ayabonga Khaka abalimele. 

Kuzobonakala abadlali abancane okungu-Ayanda Hlubi no-Eliz Mari Marx, abasuka eqenjini labaninyaka engaphansi kweli-19 ne-S.A Emerging Stars. 

See Also

Lemidlalo ingemqoka kakhulu njengoba abaqeqeshi bazobheka abadlali abazobasebenzisa kwiNdebe YoMhlaba yeT20 International ngonyaka ozayo eBangladesh. 

Kusazophinde kuqokwe iqembu elizodlala imidlalo ye-ODI nayo iBangladesh, nayo ezobe ingebalulekile njengoba ingenza elakuleli lizibekele indawo kwiNdebe YoMhlaba, ezokuba ngonyaka wezi-2025 e-India. 

Elakuleli likeliswe endaweni yesine emhlabeni kweye-ODI, amaqembu ayisithupha aphezulu kwali-10 aya kweYoMhlaba kuthi amane adlalele eyokuhlunga. 

Selilonke iqembu elibhekana neBangladesh koweT20 International lithakwe kanje: 

U-Anneke Bosch, uTazmin Brits, u-Annerie Dercksen, uMieke de Ridder, uLara Goodall, u-Ayanda Hlubi, uSinalo Jafta, uMasabata Klaas, uSuné Luus, u-Eliz-Mari Marx, uNonkululeko Mlaba, uTumi Sekhukhune, uNondumiso Shangase, uDelmi Tucker noLaura Wolvaard. 

Scroll To Top