IBhodi le-INgonyama Trust emizamweni yokwenza ngakhona



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Emuva kombhinqo selizoba nomhlangano naMakhosi okokuqala emuva kokuhoxisa icala engazi
Imizamo yokuginga nokujivaza elaboHlanga yiBhodi le-Ingonyama Trust ngomlomo womkhulumeli wayo, uMnu uSimphiwe Mxakaza kayiphumelelanga. Emasontweni amabili edlule elaboHlanga libike ngomuga lapho leli bhodi eliholwa yiNkosi yaseMazimeleni ngaphandle kokubonisana naMakhosi nemiphakathi lihoxise icala elabe lifakwe ngesikhathi seSILO esidala kanye noNdunakulu waso uMntwana wakwaPhindangene. Emizamweni enqunu yokusabisa nokuthunaza elaboHlanga ngokubhala loludaba uMnu uMxakaza wasola elaboHlanga ‘ngokuthatha uhlangothi’ nagcina engashongo ukuthi kuchenywe nobani.
“Kusobala ukuthi inhloso yakho bekuwukubhala ngohlangothi olulodwa okungavumelani nemigomo yeSouth African Press Code wokuqinisekisa ukuthi nibika izindaba ngeqiniso, njengoba zinjalo futhi ngendlela efanelekile”, kubhala uMxakaza. Obekusobala ngencwadi kaMxakaza obekungacaci noma iyimizwa yakhe noma ngeyeBhodi wukuthi kakuphiki ukuthi nembala iBhodi asebenza ngaphansi kwalo lishiye aMakhosi nemiphakathi okhalweni odabeni oluwathinta ngqo.
Kuyo leyoncwadi ubhinqe ngesidingo sokubiza imbizo yaMakhosi. “NjengeBhodi sibheke ngeso lokhozi ukusebenza kwezimali zeNgonyama Trust ngakhoke akuzona zonke izinqumo esizozidlulisela eMakhosini ngoba ukubiza amaKhosi endaweni eyodwa kuyimali le esingenayo”, kubhinqa uMxakaza egameni leBhodi. Kwijubane abekulo uMxakaza wehlulekile ukuphendula imibuzo eyi-8 yelaboHlanga.
Sekuyisonto lesibili engakwazi ukuphendula nansi imibuzo ebuzwe ngelaboHlanga:
- Ukuhlinzeka elaboHlanga ngamamaminithi eBhodi, lapho kuvela khona inkulumompikiswano ngesinqumo sokubonisana udaba enkantolo, kanye nesinqumo esathathwa,
- Iseluleko sezomthetho (esivela kumumeli) ngamathuba okuphumelela kwecala,
- Izizathu zeBhodi zokuphikisana nomthetho oligunyaza ukukhipha ama lease,
- Kungabe iBhodi linayo yini imali eyanele yokumelana nesinqumo seNkantolo okuhlanganisa nokubuyisela abantu izimali zabo,
- Njengoba inkantolo ingazange ikhiphe isinqumo sokuthi amalease ezindawo zokuhlala aphambene nomthetho, lizokwenzenjani iBhodi ngalama lease,
- Kungabe uthini umbono nenkambiso yeBhodi ngokukhokhwa kwama-rates ezindaweni ezingaphansi kweNgonyama Trust.
- Ngabe aMakhosi nemiphakathi eyakhele izindawo zaMakhosi bazisiwe yini ngalokhu nokuthi anikeziwe yini umbono wommeli ?
- ISILO kukhona yini esibhalelwe khona yiBhodi ngemuva nangaphambi kokuthathwa kwesinqumo? Sinikeziwe umbono wabameli? Singakuqopha yini ukuthi iBhodi lithi ISILO okuyiso isethenjwa sazisiwe?
Umhlangano naMakhosi
Ngesonto eledlule uSihlalo weNdlu yaMakhosi KwaZulu-Natal, ukuqinisekisile ukuthi udaba lokuhoxiswa kwecala yiBhodi balizwa ngelaboHlanga akukaze kuziwe eNdlini kuzochazwa ngezizathu eziphoqe ukuba kuze kufikwe kuleso sinqumo.
“Thina esisakulindile kwibhodi yindlela yokusebenza nalo. Lafika ezinyangeni ezedlule lizozethula kubuholi obuphezulu. Savumelana ukuthi aMakhosi amaningi kawekho ebuholini ngakho sincoma ukuba kubizwe imbizo yaMakhosi. Sisalinde lokho ke sesizwa ngalesi sinqumo,”kubeka iNkosi uShinga ngesonto eledlule. Namuhla elaboHlanga selingakuqinisekisa ukuthi ibhodi libe nomhlangano phakathi nesonto nayilapha udaba lombiko welaboHlanga belusezithebeni. Okunye esingakuqinisekisa wukuthi kulo leli sonto iBhodi nezikhulu bazobamba umhlangano neNdlu ngenhloso yokuzochaza ngecala.
Likhuluma neNkosi uShinga elaboHlanga kuleli sonto iphendule yathi: “Kwasekuqaleni yilokhu ebesikufisa, ukuba iBhodi lisondele kithi siqhamuke nendlela yokusebenza. Uma singazi ukuthi izinqumo zithathelweni asikwazi ukuphendula kubantu ngazo. Leli ke kungaba yisiqalo nethuba elimqoka ekusebenzisaneni phakathi kweBhodi naMakhosi”, kusho iNkosi uShinga.
UNobhala woBumbano lweZinduna KwaZulu Natal, uMnu uFalendoda Malinga nobuye abe ngumgcinimafa enhlanganweni yoBukhosi iCongress of Traditional Leaders of South Africa (CONTRALESA), nowayebhodla umlilo embikweni welaboHlanga ngesonto eledlule naye uphawulile.
“Lokhu abayokwenza ukuhlangana naMakhosi yinto yokuqala okwakumele bayenze kwasekuqaleni. Ibhodi leli aliyona enye into edlula ukuba yizandla zokusebenza kwansukuzonke kohlaka loBukhosi iNgonyama Trust. Lokhu kokuthi lithathe izinqumo lodwa ngaphandle kwenzinhlaka zoBukhosi kuphambene. Lomhlaba unomlando, kunezingazi zamadoda phansi kuvikelwa wona. Kungethi kusuke abantu nje banqume ngawo singekho singuZulu”, kusho iNduna.
Amalungu eBhodi aholwa yinkosi uMzimela njengoSihlalo, u-Advocate uLinda Zama njengesekela, iNkosi yesizwe uMabudu Israel Tembe; uDkt uThandi Dlamini; uNks uNomusa Zulu; uMnu uDandy Matamela; iNkosi uPhallang Bokang Molefe; iNkosi uSibonelo Mkhize; kanye noNks uLisa Del Grande.
Kulindeleke ukuba loyo onguMphathi Omkhulu webhodi u-Advocate Vela Mngwengwe osesithombeni nowaqala waba yilungu lebhodi kube nguye owethula umbiko elekelela ibhodi lakhe.