Ibhodi elisha liqukethe abantu abangazi lutho ngezamankomane



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.

Lishone usuku lwangoLwesibili sekuphelile ukuqagela ukuthi obani abazongena kwibhodi elisha leBoxing South Africa (BSA) lokho kwenzeke emva kokuthi uNgqongqoshe wezeMidlalo, amaCiko namaSiko, uZizi Kodwa elimemezelile esithangamini sabezindaba eGoli.
Leli bhodi elisha eliqokiwe linamalunga amasha ayisikhombisa, lizohlala iminyaka emithathu. Lokhu kusho ukuthi isikhathi sebhodi sizophela ngonyaka wezi-2026 ngomhla zili-11 kuZibandlela.
Kumagama ayisikhombisa amemezelwe uKodwa, kukhona elikaSfiso Shongwe, uSakhiwo Sodo, uRomy Titus, uNande Mshe, uPrincess Nongoma, uMarry Sitata noLuxolo September.
Leli bhodi livala izikhala zikaLuthando Jack, uGilberto Martin, uSurej Maharaj, u-Azwitamisi Nthangeni, uSakhiwo Sodo, uNsikayezwe “Eric” Sithole noKhulile Radu.
Okugqamile ukuthi kuleli bhodi eliqokiwe kukhona namagama abantu abazakhele igama kunobhutshuzwayo.
USeptember, usebenze iminyaka eminingi kwiPremier Soccer League (PSL), njengoba manje eseyi-Head of TV/ Broadcasting (Commercial) enhlanganweni eyengamele ibhola ezwenikazi i-Afrika, iConfederation of African Football (CAF).
Kube noTitus, owayengumethuli wezemidlalo kwi-SABC, osesebenza kwezokuxhumana kwiSouth African Football Association (Safa).
Yize phambilini uKodwa eke wabalula ukuthi unezikhalazo ngezinto eziningi ezenzeka esibhakeleni. Ukuqoka kahle leli bhodi elisha cishe lingeza noguquko.
Mina lokhu kungishiya nemibuzo owokuqala ukuthi labantu abafakile kuleli bhodi ngabe banamuphi umlando kwisibhakela?
Ngeke uthi ufuna uguquko kodwa bese ubeka abantu okusamele befunde ngalolohlobo lo mdlalo. Bangakanani abantu asebeneminyaka bezibandakanye kwksibhakela kungani benganikezwa ithuba.
Mina ngokwami fuze ingabe kuthathwa abantu abadala bengabekwa, kulalelwe iziyalo zabo ukuthi yini engenza isibhakela sibuyele kulesi esabe sivukelwa izintatha esabe siqhwiza umentshisi.
Basakhona uThulani “Sugarboy” Malinga, Tap Tap Makhathini, ukubala abambalwa laba basazi isibhakela njengoba bezazi imibono yabo ngeke yashaya eceleni.
UKodwa uma ebona inkinga esibhakeleni kwi-Safa khona akayiboni, ngoba iqiniso kule nhlangano ephethe unobhutshuzwayo sisehlane akukholutho.
Nakhona akazenze izinguquko, yiso isikhathi manje.