Seliqokiwe ibhodi elisha leBoxing South Africa
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kuphelile ukuqagela ngokuthi obani abazongena kwibhodi elisha leBoxing South Africa (BSA), njengoba uNgqongqoshe wezeMidlalo, amaCiko namaSiko, uZizi Kodwa eseliqokile.
Leli bhodi elisha eliqokiwe linamalunga amasha ayisikhombisa, lizohlala iminyaka emithathu. Lokhu kusho ukuthi isikhathi sebhodi sizophela ngonyaka wezi-2026.
Kumagama ayisikhombisa amemezelwe uKodwa, kukhona elikaSfiso Shongwe, uSakhiwo Sodo, uRomy Titus, uNande Mshe, uPrincess Nongoma, uMarry Sitata noLuxolo September.
UKodwa phambilini kuke kwavela ukuthi unezikhalazo ngezinto eziningi ezenzeka esibhakeleni. Ukuqoka kahle leli bhodi elisha cishe lingeza noguquko.
Leli bhodi elisha lizoqala ukuhlala ezikhundleni mhla zili-12 kuZibandlela nonyaka.
UShongwe ngokubambisana noSeptember yibo abazobe behola leli bhodi.
Leli bhodi livala izikhala zikaLuthando Jack, uGilberto Martin, uSurej Maharaj, u-Azwitamisi Nthangeni, uSakhiwo Sodo, uNsikayezwe “Eric” Sithole noKhulile Radu.
UKodwa uphinde wamemezela ukuthi iNingizimu Afrika yiyo ezosingatha iNdebe YoMhlaba yekhilikithi, yabaneminyaka engaphansi kweli-19. Le midlalo izoqala mhla zingama-20 kuMasingana isongwe mhla zili-11 kuNhlolanja.
Ngokomthetho iNdebe YoMhlaba bekumele ibanjelwe eSri-Lanka, ngaphambi kokuthi inhlangano eyangamele lo mdlalo emhlabeni uyiphuce ilungelo ngenxa yokugxambukela kukahulumeni.
Ngokomthetho iNdebe YoMhlaba bekumele ibanjelwe eSri-Lanka, ngaphambi kokuthi inhlangano eyangamele lo mdlalo emhlabeni uyiphuce ilungelo ngenxa yokugxambukela kukahulumeni.