Now Reading
UNgqongqoshe ukhathazekile ngempatho yezinkampani zaseNingizimu Afrika eCameroon
Dark Light

UNgqongqoshe ukhathazekile ngempatho yezinkampani zaseNingizimu Afrika eCameroon

UNgqongqoshe Wezobudlelwano Namazwe Angaphandle, uNaledi Pandor, usephinde wazwakalisa ukukhathazeka mayelana nempatho yezinkampani ezithile zaseNingizimu Afrika eCameroon. Ngasekuqaleni konyaka, uPandor uvakashele lelizwe eliseNtshonalanga Afrika lapho abakwaTiger Brands kanye nabakwaMTN babike khona ukunganami kwabo ngokuthile.

Lezizinkamani zazikhala ngokuningi okubalwa kukho ama-akhawunti azo asebhange avaliwe ngokungemthetho. Esitatimendeni esinamandla, uPandor weluleke abaphathi bezinkampani zaseNingizimu Afrika ukuthi baqhubeke nokulandela imigudu yomthetho etholakalayo.

NgoMbasa nonyaka, uPandor uye eCameroon efuna ukukhuthaza ukuhweba kanye nobudlelwano bamabhizinisi phakathi kwala mazwe womabili. UPandor wengeze ngokuthi intuthuko yakamuva iletha inselele esezingeni eliphakeme kanye nesifiso sokutshala izimali kulelizwe eliseNtshonalanga Afrika.

See Also

Nokho uNgqongqoshe ukuvezile ukuthi usanalo ithemba lokuthi lezi zindaba zizolungiswa kahle. Khonamanjalo, uMnyango ubikelwe nangezingqinamba ezibhekene noVodacom eDemocratic Republic of Congo.

Scroll To Top