Now Reading
OweSundowns akafuni ukubeka izaba ngabalimele
Dark Light

OweSundowns akafuni ukubeka izaba ngabalimele

Akafuni ukubeka izaba umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokwena iqembu lakhe elibhekene nejoka lokulimala kwabadlali noxhaxha lwemidlalo elandelanayo.

ISundowns iyingxenye yenqwaba yemiqhudelwano. Idliwe kowamanqamu weMTN8 sekukhahlelwa amaphenathi eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Kweyeligi isidlale imidlalo eyisishiyagalombili yaqoqa amaphuzu angamashumi amabili nane. Isiyinqobe yonke imidlalo yayo yeligi kanti iyibambe endaweni yesibili.

Muva nje, iBrazilians, isanda kudla umhlanganiso ku-African Football League (AFL).

Ngempelasonto eyedlule iqale eyamaqoqo eCaf Champions League. Kusasa ngo-7.30 ebusuku izobhekana neSuperSport United emdlalweni wabakhaya basePitoli eLucas Moripe Stadium.

“Kumqoka ukuziqeqesha. Ngebhadi-ke izimo azisivumeli ukuthi sizicije njalo. Ngesikhathi sekhefu lemidlalo yamazwe ngiphoqeleke ukuthi nginike ikhefu abanye abadlali beqembu asebedlale imidlalo eminingi. Phezu kwalokho vele abanye bebengekho bekuBafana Bafana nakwamanye amaqembu esizwe. Kunzima ukuhlela izinsuku zokujima. Nokho anikaze ningizwe nangelelilodwa usuku ngibeka izaba ngalokho. Angikaze futhi ngikhale ngokulinyalelwa abadlali. Angikaze ngibalise ngokuminyana kwemidlalo,” kuchaza uMokwena exoxa nabezindaba ngaphambi komdlalo wabakhaya basePitoli.

See Also

ISuperSport iyibambe endaweni yesithathu ku-log ngamaphuzu angamashumi amabili ntathu. Isele ngephuzu elilodwa kuSundowns eyibambe endaweni yesibili. Amatsatsantsa Apitori asethubeni lokuqhwakela uma enqoba kusasa ebusuku.

“Uma useqenjini elifana neSundowns awukwazi ukukhala. Uma ukhala ubani onendaba. Ngiyazi nizohle kodwa lelo yiqiniso. Uma ngiqala ngikhala uma uzolalela. Kuzofana nokuthela amanzi emhlane wedada. Okwethu wukuqhubeka nomsebenzi silwela ukunqoba imidlalo. Ngeke sibeke izaba ngoba noma ngabe lezo zizathu noma izaba esizibekayo zenze umqondo kodwa akekho ozosinika indlebe. Lapha kuSundowns sinalowo mqondo wokungabalisi noma kungathiwa isimo esibhekene naso sinzima kangakanani. Into emqoka wukulwela ukwenza kahle. Izimpande zeqembu zakhiwelwe lapho. Noma kungathiwa umqeqeshi uManqoba Mngqithi kumele aphakele abagadli, mina ngidlale njengomgadli bese sibeka uWendel Robertson emapalini sizokwenza lokho,” kusho uMokwena.

Scroll To Top