Now Reading
Okungapheli kuyahlola: U-Erwee uyavuma ukuthi iminyaka isimhambele
Dark Light

Okungapheli kuyahlola: U-Erwee uyavuma ukuthi iminyaka isimhambele

Akambambele gqubu umqeqeshi wamaProtaes, uShunki Conrad, ocija isikwati esidlala imidlalo yamaTest umdlali weHollywoodbets Dolphins, uSarel Erwee.  Lo mdlali oneminyaka engama-34 utshele elaboHlanga ukuthi akekho ezinhlelweni zikaConrad osanda kuthatha izintambo kuMark Boucher njengomqeqeshi weqembu kweyama-Test.

“Ngesikhathi uShunkri Conrad ethatha umsebenzi sahlala phansi sabhunga ngekusasa lami kumaProteas. Wakubeka kwacaca ukuthi angikho ezinhlelweni zakhe. Ngimethulela isigqoko ngokuphumela obala ngeqiniso. Isizathu sakhe kube yiminyaka yami. Ufuna ukwakha iqembu ngabadlali abancane. Isinqumo sakhe ngiyasihlonipha. Angibambe gqubu ngalokho. Ngihlonipha iqiniso lakhe,” kuchaza u-Erwee. KumaProteas udlale imidlalo elishumi kweyama-Test. Uthole ikhulu elilodwa no-50 owodwa. Asewonke ama-runs awashayile angama -479 emidlalweni eyishumi egqoke imifaniswano yeqembu lesizwe.

“Emdlalweni wekhilikithi ngeke ushaye phansi ngonyawo uthi umnyango usushudiwe. Uma wenza kahle eqenjini lakho umdlalo nomdlalo nethimba labaqoki ligcina liphoqeleka ukuthi likubize. Nakhona kodwa kuya ngokuthi iqembu lenza kanjani ngaleso sikhathi. Angisoze ngaqhenyela izwe lami. Uma kuphinde kuvela elinye ithuba lokudlalela izwe lami ngiyolithatha ngezandla zombili. Okwamanje ngigxile kuHollywoodbets Dolphins. Ngizimisele ngokusiza iqembu linqobe izicoco. Ngifuna nokusiza abafana bethu abancane ekutheni bathole amathuba okudlala eqenjini lesizwe,” kubeka u-Erwee.

Ubonakale okokuqala elakuleli libhekene neNew Zealand ekuhambeni kuchungechunge lwemidlalo emibili yama-Test. Kulona lolu chungechunge uzitholele ikhulu lama-run (108). Ubevula nokaputeni uDean Elgar.

“Bekuyingqayizivele yethuba ukumela izwe lami ezingeni lomhlaba. Ngikhule iphupho lami kuwukudlalela amaProteas. Ukuba yingxenye yeqembu kwenze amaphupho ami afezeka. Ngifunde lukhulu ngokudlala imidlalo yamaTest ezingeni lomhlaba. Emdlalweni wekhilikithi alukho uhlobo olunzima njengemidlalo yama-Test. Lapha uyavivinyeka ngokomqondo nezinga lakho lokulwa nokukhombisa inkani ezimweni ezinzima. Uma ngikhuluma iqiniso akuzange kuhambe ngendlela abengihlele ngayo. Nokho impilo injalo ukuphoxeka yinto ohlale uhlale uhlangabezane nayo. Nakwezemidlalo ukuphoxeka yinto yakhona,” kuqhuba u-Erwee. Phakathi kwamazwe abhekane nawo kukhona i-Australia, I Bangladesh neNew Zealand.

“Isikhathi sami kumaProteas ngisithakasele kakhulu. Umdlalo nomdlalo bengihlale ngiphokophele ukulwela izwe lami. Nangempela ngenze njalo. Ngilwile. Ithuba nethuba engilitholile angizange ngilibukele phansi. Ukushaya ikhulu ngigqoke imibala yeqembu lesizwe kube yinto engenze ngaziqhenya. Ngikwenze lokho sidlala ekuhambeni nelinye lamazwe ahlonishwayo kukhilikithi, iNew Zealand. Iminyaka emibili engiyichithe neqembu lesizwe angisoze ngayikhohlwa. Iyohlale ibalwa nezinto ezinkulu esengake ngazizuza empilweni yami yekhilikithi,” kusho u-Erwee.

AmaProteas agcine ehlulekile wukuqeda ebalwa namazwe amabili aphezulu eqoqweni lokukleliswa kwamazwe kuWorld Test Championship. ElaseNdiya ne-Australia yibona abagcine bedlala kowamanqamu obubanjelwe kwelamaNgisi. Ama-Aussies agcine edla ubhedu.

“Kubebuhlungu ukuphuthwa yisicoco se-ICC Test Championship noma ithuba lokuzibekisela indawo kowamanqamu. Silwile njengezwe kulo mqhudelwano. Abantu abaningi bebengasiniki ithuba kodwa salwa waze wayophela umqhudelwano. ICricket South Africa ike yabhekana nezinselelo kodwa lokho akuzange kusiphazamise enkundleni uma ubheka indlela esilwe ngayo kwaze kwaba yisekugcineni,” kucacisa u-Erwee.

AmaProteas aqede endaweni yesithathu ngesizini edlule yeWorld Test Championship. NgoZibandlela azoqala isizini entsha yeTest Championship lapho ezobhekana khona neqembu lesizwe laseNdiya, eNingizimu Afrika emidlalweni emibili yama-Test. Umdlalo wokuqala uzoba seSuperSport Park, eCenturion, ePitoli mhla zingamashumi amabili nesithupha kuZibandlela bese kuthi umdlalo wesibili udlalelwe eNewlands Park, eKapa mhla zintathu kuMasingana. Ngemuva kwalokho elakuleli lizobhekisa amabombo eNew Zealand. Lizodlala imidlalo emibili ye-Test ngoNhlolanja.

“Iqembu ngilifisela konke okuhle ngaphansi kobuholi obusha. Ngihlalele ethembeni lokuthi iqembu lesizwe lizokwenza kahle emidlalweni ezayo. Sonke njengezwe siyaleseka. Ukukhishwa kwami eqenjini akusho ukuthi kumele ngibambe inhliziyo. Ngilitholile elami ithuba ngalisebenzisa. Manje sekuyithuba labanye lokuzibonakalisa. Okwami ukweseka wonke umuntu ogqoke ijezi leqembu lesizwe ngoba ngiyakwazi ukuthi kusho ukuthini ukudlalela izwe lakho ezingeni lomhlaba. Akuyona into engiyithatha kancane. Isifiso sami wukubona iNingizimu Afrika yenza kahle nezinga lekhilikithi likhula,” kubeka u-Erwee.

U-Erwee odabuka eMgungundlovu usanda kushadelwa. 

See Also

“Ukukhula kunjalo empilweni. Into emqoka wukungajahi izinto bese uyabekezela. Uma wenze njalo izinto ezinhle zizokulandela ngaso sonke isikhathi. Njengoba ulibele ukhula, uyazithola ubuwena empilweni. Yingakho nami sengithathe isinqumo sokuqala umndeni. 

Njengamanje usebheke ukwenza kahle namaDolphins nokuyodlala phesheya uma kuvela ithuba.

“Ngike ngaya kwelase-England ngiyodlala lokhu abakubiza nge-Club Cricket izikhawu eziningana eminyakeni eyedlule. Kuyisifiso sami ukudlala isizini noma eyodwa kuCounty Cricket. Ngiyahalela ukuwuzwa lowomuzwa. Yebo, leli yiphupho kodwa akuyona into engiyijahayo. Uma ithuba livela ngizolithatha uma futhi lingaveli ngizokwamukela lokho ngiqhubeke ngidlale kumaDolphins. Nakhona uma livela ngizolithatha uma isizini yethu lapha ekhaya ivalile ngoba angifuni ukuphazamiseka kumaDolphins,” kulandisa u-Erwee.

KumaDolphins usedlale imidlalo eyikhulu neshumi nane. Ushaye ama-runs ayi-6 901, amakhulu ayishumi nambili angama-50 abangamashumi nane nambili. Kweyosuku olulodwa unama-runs ayi-3 386 emidlalwwni eyikhulu neshumi nesithupha. Unamakhulu amane no-50 abayishumi nesishiyagalolunye.

“AmaDolphins ngiyawathanda. Ngizinikele kuwona. Angisoze ngawalahla. Iqembu liyakhula uma ubheka impumelelo yethu eminyakeni emihlanu eyedlule. Sikwazile ukunqoba izicoco saphinde sakhiqiza abadlali abaphelela eqenjini lesizwe. Lokhu kungenxa yokuba nohlelo esisebenzela phezu kwalo oluncike ekuhlanganiseni abadlali abancane nabadala. Okwamanje lolu hlelo luyasebenza,” kuphetha u-Erwee.

Scroll To Top