Now Reading
Isinqumo sekomiti eliqondisa ubugwegwe siyiklayile i-ANC
Dark Light

Isinqumo sekomiti eliqondisa ubugwegwe siyiklayile i-ANC

Isinqumo esathathwa njengengqophamlando emlandweni wepolitiki yaseNingizimu Afrika emuva kwedemokhrasi eyazalwa ngowe-1994 sokuhlangana kwamaqembu akade eyimihlambi eyalanayo asungule umbimbi lokuginga uKhongolose ngokhetho lwangonyaka ozayo sabe siwubufakazi bokuthi zinkulu izinkomba zokuthi alikho iqembu lezepolitiki elizoba ngu ngqo shishilizi emuva kokhetho. 

Lama qembu okuyiDemocratic alliance, i-Inkatha Freedom Party, iFreedom Front Plus, i-African Christian Democratic Party, i-Action SA, i-United Independent Movement, iSpectrum National Party neSanco ayakholelwa ukuthi uma engasebenzisana angakwazi ukunikezelana ngamandla akhiphe i-ANC emandleni. Ukukhuluma kwabahlaziyi bezombusazwe nababhali kuthi kuzoba ngokokuqala okhethweni lowezi-2024 ukuthi ukhongolose uthole ngaphansi kwamaphesenti angama-50 okhethweni lukazwelonke. Izinkomba zalolu cwaningo zigqame ngomphumela wokhetho lohulumeni bezindawo ngowezi-2021 lapho leli qembu lalahlekelwa omasipala abakhulu, nalapho liphethe khona lasizwa amaqembu amancane. 

KuMasipala iTheku liqale labambisana neqembu i-ABC okuthe uma kuqala ukungaboni ngasolinye nomholi walo uMnu uPG Mavundla layilaxaza i-ABC langena ebudlelwaneni neNational Freedom Party.  Umfelandawonye wamaqembu aphikisayo owaziwa ngeMultiparty Charter okunezinkomba zokuthi ungaholwa uMnu uHlabisa we-IFP kwezinye zezinjongo zawo uqhakambisa ukubuyisa ithemba kubantu ngokushenxisa i-ANC. Ithemba likaKhongolose emuva kokhetho emaqenjini amakhulu angasebenzisana nawo aselele kwi-Economic Freedom Fighters(EFF) engeyona ingxenye yalolu mbimbi. 

Phambilini uMnu uMalema kakufihlanga ukuthi useke wazibamba izingxoxo noKhongolose kodwa kuze kube yimanje akukhona okusesandleni. Umbuzo okhona manje ngothi isinqumo saleli sonto sekomiti eliqondisa ubugwegwe lapho lithole khona uMnu uMalema namanye amalungu aphezulu ebuholini baleli qembu benecala lokuphazamisa inkulumo kamengameli ngobume besizwe kungenzeka yini sibe nomthelela ekusebenzisaneni kwalamaqembu ngale kokhetho. UMnu uJulius Malema nozakwabo uMnu uFloyd Shivambu, uDkt  uMbuyiseni Ndlozi, uMnu Marshall Dlamini, uMnu uSinawo Tambo no Mnu uVuyani Pambo balahlwe ngamacala ngesigameko sokuphazamisa inkulumo kaMengameli uRamaphosa eyayingobume besizwe ngoNhlolanja nonyaka, Laba baholi beqembu eliphikisayo kuthiwa bazobanjelwe umholo wenyanga futhi baphinde baxolise nakuMengameli uRamaphosa ngesenzo sabo.  

See Also

Lesi sinqumo siwuhlukanise phakathi uKhongolose kukhona abathi sibe nehaba kanti abanye bathi igcagcele esokeni. Ukukhuluma ngaphakathi eqenjini kuthi uMalema nezakhe kubonakala sekuyibo abangaweza uKhongolose ngokuwubuyisela emandleni kepha manxa ezophathwa ngale ndlela akubonakali ezongena etafuleni lezingxoxo zokubonisana. Kukhona nokukhuluma okuthi ngesikhathi sikaMengameli uZuma lalikuphi leli komiti eliqondisa ubugwegwe njengoba selivumbuka sekuphethe uRamaphosa. Ukuhlukana ngemibono kuKhongolose kugqame nangenkulumo ka-Advocate uNgcukaitobi othe isithangami esinjengalesi kumele sihlalelwe umuntu ongumehluleli ofunde wagogoda kwezomthetho. Ekuphawuleni kwakhe uNgcukaitobi uzwakale engumuntu omi ngakuMalema othe abakwazi ukugwetshwa “inkantolo yasehlathini”. Ngesonto elizayo i-EFF izobiza isithangami sabezindaba lapho okulindelwe ukuthi icacise ngokuthi idlula kanjani kulesi simo okungenzeka iphawule nangezinhlelo zayo zangale kokhetho.

Scroll To Top