Umgoga kwelikaSibiya nesixebe



USikhakhane yintatheli emnkantshubomvu egxile ekuphenyeni izindaba zepolitiki.
Kukhalwa ngababizwa ngezimpungushe ezintathu okuthiwa zizingela njengeqoqo kanti khona lapho kusolwa ukuthi kunetulo lokuzigudluza embangweni ozayo
Ibukeka ihlomela ehlathini eyokuphazamisa ukubusa kukaZikalala njengoSihlalo we-African National Congress (ANC) KwaZulu-Natal kanye nokuba nguNdunankulu wesifundazwe. ElaboHlanga lingakuqinisekisa ukuthi siyanda isibalo esithi akaphume ngendlela angena ngayo, okuwumsindo. Kulaba kukhona abantu ababemeseka ngesikhathi kududulwa uMnu uSenzo Mchunu kanjalo nalaba ababefaka ingcindezi ukuthi uMnu uWillies Mchunu akashenxe ayogugela ngasekhaya ukuze kungene injejane. Ngokuthola kwelaboHlanga abanye kule njejane babethenjiswe amavenge, okungaba zikhundla kuHulumeni kanye nemisebenzi ethize.
Kula masonto amathathu edlule elaboHlanga libike phakathi kokunye ngokuphakama kwegagasi lalabo abathi amathimbazane eqembu okunguNkk uMaDube Ncube, uNkk uMaSimelane Zulu kanye noNkk uMaSithole Moloi kabaphakame ngoba isikhathi sesifikile. Bakusho lokhu uMhlonishwa uZikalala usaphethe.
Nokho enye impi ibidudulana kwezokuxhumana yaye yayothelana kwabezindaba. Lena ibithinta izinsolo kanye nokuklwebhana phakathi kwelungu leSishayamthetho KwaZulu-Natal, uMhlonishwa uJomo Sibiya nesixebe sakhe uNks uNokwanda Ndlovu.
Yize lokhu kuqale nje kuyindaba yangasese nethinta ababili kepha intuthu ijike yaba yilangabi njengoba kube sekuqhamuka izinhlangothi ezimbili kulo iqembu. Elinye leseka uSibiya nabathi ubanjiswe iqanda lenjelwane njengoba besola ukuthi ukaNdlovu obevele ehlobene naye uSibiya kulokhu uluthwe zimbangi zikaSibiya ukuthi amveze njengomhlukumezi.
Kanti abanye bathi lolu wudaba olwembula uKhongolose izinqe odabeni lalokho abakubize ngokuhlukunyezwa kwabesifazane ngabaholi abanamandla beqembu. Lo mbono ube sewesekwa nayincwandi yomuntu ongaziwa (ozifihle ngabomu) nobebhalele uKhongolose ekhononda ngoSibiya nabahlobo bakhe okuthiwa yibutho lezimpungushe ezizingela zimaye ziphindelela amathimbazane eqembu zisebenzisa izikhundla. Kulaba kubalwa yena uSibiya, oyiMeya yaseNewcastle uDkt uMahlaba kanye noMphathiswa uSipho Hlomuka. Nokho konke lokhu kuyizinsolo nje nabasolwa abaziphikayo.
Kule ncwadi ebibhalelwe uZikalala ingxenye yayo ibithi: “Njengengane kaKhongolose ngiyafisa ukuba inhlangano yethu ibe yikhaya esikwaziyo ukubika kulo izinkinga esibhekene nazo. Ngenxa yokuthi amaphoyisa asiwathembi, sifisa kubenohlaka oluzobheka kabanzi lokhu esikhala ngakho futhi sithenjiswe ukuba sizovikeleka ngolwazi esizobe silulethile. Ngiyathembisa ukuthi ngiyoba owokuqala ukuba ngivele kulolo hlaka ngisho konke engikwaziyo.”
Ukungenelela kweqembu
Emasontweni amabili edlule udaba lwangasese lukaSibiya noMaNdlovu luze lwaphoqa ukuba iqembu elibusayo lingenelele nokubukeka kube ngenxa yokuthi isithombe ebesesakheka besingahle sidicilele phansi isithunzi seqembu. Ngenyanga ezayo yinyanga yabesifazane kanti nezwe ligubuzelwe wukubulawa nokuhlukunyezwa kwabesifanaze. Ngokwemithombo yeBAYEDE kube netwetwe ekutheni uma iqembu lingayibambi ngezimpondo ingahle iphunyuke le ndaba bese iba yingozi kulo.
Ekhuluma nabezindaba kuleli sonto uNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnu uMdumiseni Ntuli, uthe baqoke leli thimba ukuba liphenye kabanzi ngalezi zinsolo liphinde lithole ubuqiniso kuzo zonke izinsolo eziqukethwe encwadini ebhalwe ngongathandanga ukuzidalula.
“Nakuba isikhalo besibhekiswe kuNdunankulu wesifundazwe, uMnu uSihle Zikalala kodwa umbhali okhalayo uphakamise nokuthi i-ANC kube khona ekwenzayo ngalezi zinsolo. Yingakho siwuKhongolose sinqume ukungenelela sasungula iProvincial Working Committee Task Team eholwa ngamaQabane oWillies Mchunu, uWeziwe Thusi noDon Gumede,” kuchaza uNtuli.
Uthe babheke ukuba wonke umuntu othintekayo abambisane ngalolu phenyo futhi kungabibikho ohambe ekhuluma esidlangalaleni ngalo. UNtuli uphinde wakugcizelela ukuthi uSibiya bazomnikeza ithuba lokuyochaza akwaziyo ngazo zonke izinsolo.
Ziyawusola umgqakazo
Umhlaziyi wezepolitiki ngaphansi kweXubera Institute, uMnu uXolani Dube uthe yize bengamisiwe ezikhundleni laba bobathathu kodwa sekuvele kwacaca ukuthi bayashaywa.
“Okokuqala nje akusibo bodwa abanamacala, baningi abaholi ku-ANC KwaZulu-Natal abavulelwe ngisho amacala emaphoyiseni abanye bangaphandle ngebheyili kodwa akukho uhlaka olwaqokwa yinhlangano ukuba lubaphenye. Yingakho kucacela noma ubani ukuthi lapha kuyaliwa futhi impi isinkulu kakhulu. Umbuzo omqoka ngowokuthi izinsolo ababhekene nazo zidinga amaphoyisa, ngakho yini kungavulwa icala emaphoyiseni ngoba i-ANC ayinazo izinsiza ezisetshenziswa ngamaphoyisa ukwenza uphenyo olufana ngalolu, “ kusho uDube.
Uqhube wathi inkinga ekhona eyokuthi nale mpi ayihlangene nokuhambisa izidingo zomphakathi kodwa iqhutshwa osomabhizinisi abathile ababonayo ukuthi uma umholi othile ephuma esikhundleni noma engena bazodla kahle.
“Uphenyo okumele lwenziwe elokuthi obani labo somabhizinisi abangemuva kwalaba baholi abalwayo. Ngikusho lokhu ngoba osopolitiki abakulolu daba abanye babo banamapulazi kodwa awubazi ukuthi imali engaka sebeyithathephi ngoba bafike eThekwini zolo lokhu bezihluphekela bangena kupolitiki kodwa manje banakho konke. Yingakho kumele kuphenywe ngoba balwa izimpi zosomabhizinisi okuyibo ababa nikeza lezi zinto ukuze bakwazi ukunyuka babe ngamandla kuHulumeni,” kuchaza uDube.
Ngokuthola kwelaboHlanga abaphikisa uSibiya bebethi akamiswe nokuthe kungazwakala lokho zacija ezakhe zahlela ukuthi nje uma kube njalo ziyobe sezethula umkhankaso wokumeseka. Abanye obekuthiwa bekuzomele bamiswe nguMhlonishwa uHlomuka noDkt uMahlaba nobekuzolihlukanisa phakathi iqembu kunakuqala. Iqhingasu belithi emkhankasweni wokuzwelana “nezimpungushe” bekuyobe sekubeletha naloyo wokugagazisa uZikalala. Nokho kuthiwa ziwusolile ezikaZikalala kwase kumiwa nesinqumo.