Now Reading
“Ayiqine imithetho ngezinkundla zemidlalo” – Broos
Dark Light

“Ayiqine imithetho ngezinkundla zemidlalo” – Broos

Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos ubona ukuthi iCaf neFifa kumele baqinise umthetho ngezinkundla ezingekho sesimeni esihle.

Lo mqeqeshi usho lokho ngesikhathi ebona inkundla yaseRwanda. IBafana Bafana izotholana phezulu nayo iRwanda emdlaweni wokuhlungela ukungena kwiNdebe yoMhlaba ezokuba ngowezi-2026.

“Bekungelona uhambo olulula, njengenjwayelo e-Afrika bengizibuza ukuthi kungani kumele sidlalele lapha eButare. Ngaphandle kokuthatha indiza eya eKigali kubuye kwadingeka ukuthi sihambe isikhathi eside ngebhasi. Angisiboni isidingo sokuthi sizodlaliswa lapha.

Okwesibili, ngesikhathi ngibona izithombe zomdlalo obuphakathi kweRwanda neZimbabwe ngibone inkundla embi. Sekuyisikhathi sokuthi iCaf neFifa baqinise imithetho mayelana nezindawo nezinkundla okudlalelwa kuzona. Ayikho inkinga ngotshani bokwenziwa, sidlale enkundleni enjalo eLiberia kodwa yona ibisesimeni esihle. Lena indala futhi iqinile, kucishe kube sengathi udlala emgwaqeni. Ibhola lishona ezindaweni ezahlukene ngakho kunzima kakhulu ukudlala ibhola elihle” kusho uBroos.

Lo mdlalo ozobanjelwa eHuye Stadium uzoqala ngehora lesithathu ntambama. Uma inganqoba iBafana Bafana, kuzobe kusho ukuthi isinamaphuzu ayisithupha kwazise nangempelasonto ithole amaphuzu agcwele emva kokuhlula iBenin ngamagoli amabili kwelilodwa.

See Also

Ngenxa yalezi zimo nokubaluleka kokuthola amaphuzu aphelele kulo mdlalo, uBroos uthe akabhekile ukuthi ezakhe zidlale ingcwenga yebhola, inqobo nje uma zibuya namaphuzu agcwele.

“Sizodinga amaqhawe ali-11 enkundleni, akumele sicabange ngebhola elihle. Kufanele sizitshele ukuthi sizolwa. Sizobona ukuthi yibaphi abadlali abakulungele ukwenza lokho. Sisazoqapha nesimo sabadlali abathintekile emdlalweni odlule njengoMothobi Mvala, Aubrey Modiba no-Evidence Makgopa. Ngiyalethemba iqembu esinalo. Izinga lokuzethemba selikhulile eminyakeni embalwa edlule. Ekuqaleni sike sabashintshashintsha abadlali kodwa emakhempini akamuva sekunobuso obufanayo. Lokho kusho ukuthi sengilitholile iqembu lami” kubeka uBroos kwabezindaba zeSafa.

Scroll To Top