Isizwe sibhodla indlala kuphele amathuba okuqashwa



UDhlomo ungungoti wezamabhizinisi nombhali wamabhuku ehlukene ngokwakhiwa nokuphathwa kwamabhizinisi
Siwuqale lo nyaka kulokhu kukhulunywa ngokuthi uHulumeni kumele enze izithangami kumbe aqhamuke nezinhlelo ezizoveza amathuba omsebenzi. Bekubalwa nezingqungquthela esezike zaba khona lapho bekudingidwa izinhlelo zokusungula imisebenzi. Size saficwa wukhuvethe kusalokhu kukhulunywa kungaqhamuki lutho. Ukhuvethe lufike njengesichotho labulala amathemba amaningi, amanye awo abesesemqondweni. Namuhla sikhuluma ngemisebenzi elahlekile, sibabaza singaqedi, kuchitshiyelwa izinkampani ezivalile nalezo ezizama ukuvuka emva kukazamcolo. Njengokujwayelekile abeStats SA bethule umbiko wabo ngesimo esikhona ezweni nendlela esibathinta ngayo abantu ngokwemisebenzi.
Uma umuntu ecabanga ukuvuka ekuseni enze okuthile, kwabaningi kufika umunyu ngoba abazi ukuthi bangavuka baye kuphi. Ngisakhula kunesikhathi ngangivuka ekuseni ngiye endaweni abantu ababeyibiza ngeTownboard. Ngangingakaze ngizihluphe ngokuthi leli gama lisho ukuthini, kodwa ngangazi ukuthi phakathi kwezinto ezazitholakala kuleya ndawo yimisebenzi. Abanye babethola umsebenzi wosuku olulodwa, abanye kube yizinsukwana ezimbalwa kanti abanye babegcina beqashwe okwempela. Leya nkundla eyayivele igcwala ngaleya minyaka, namuhla ngeke isakwazi ukumumatha isibalo sabantu abantula imisebenzi.
Noma kungethusanga kangako ukumenyezelwa kwesibalo sabantu abaswele umsebenzi kulesi sikhathi, singakusho siqiniseke ukuthi kugcizelele lokho obekushiwo ukuthi imvalelwakhaya nokhuvethe kuzoshiya kukhalwa. Kuleli sonto uMnu uRisenga Maluleke, onguMphathi-jikelele wakwaStats SA, wethule umbiko oveze ukuthi isibalo sabantu abangasebenzi kulesi sigamu sesibili sonyaka sehlile sisuka kuma-30,1% saya kuma-23,3%. Lesi sibalo sitholakale ngokubala abantu abashabashekayo befuna umsebenzi kulesi sikhathi, kungabalwa labo asebekhathele abangasazifaki izicelo zokufuna umsebenzi. Lo mbiko ushiye abaningi bemangala ukuthi kungenzeka kanjani ukuthi isibalo sabangasebenzi sehle kube kukade kunemvalelwakhaya kusukela kuMbasa kuya kuNhlangulana. Ngaleso sikhathi kunezinkampani ezakhipha imiyalezo yokuthi zizokwehlisa isibalo sezisebenzi ngenxa yokhuvethe.
Abahlaziyi bezomnotho bawugxekile lo mbiko ngokuthi awuvezi isithombe esiyiqiniso ngesimo sabantu abangasebenzi ngesigamu sesibili salo nyaka ophezulu, esiqale ngoNtulikazi kuya kuMandulo. Ngalesi sikhathi okukhulunywa ngaso kulo mbiko weStats SA bekusenzima emabhizinisini akuleli ngenxa yokhuvethe nemvalelwakhaya. Kunamabhizinisi okuthe noma evula emuva kwemvalelwakhaya esezingeni lesihlanu, kwacaca ukuthi izisebenzi kumele zisebenze zisemakhaya, kanti kwezinye izinkampani baphoqekile ukuba behlise isibalo sezisebenzi emuva kwezinyanga ezintathu kungasetshenzwa.
Ekhuluma egameni lenkampani i-Investec uSomnotho omkhulu wale nkampani, uNks u-Annabel Bishop, uchaze wathi ucwaningo lwabo luveze ukuthi ngalesi sikhathi esishiwo yiStats SA abafuna umsebenzi balinganiselwa kuma-45%. Uma abeStats SA bebebale zonke izinhlaka zabantu abantula imisebenzi lesi sibalo besizokuba ngaphezulu kwama-45%. Lesi yisibalo esikhulu kakhulu, esingasichaza ngokuthi bacishe babe yingxenye yezakhamuzi zaseNingizimu Afrika ziphelele abantu abangasebenzi bebe befisa ukusebenza.
Sizokhumbula ukuthi noma zonke izimboni zishayeke kakhulu ngenxa yokhuvethe, kunezimboni okuyimanje zinabantu abasahlezi emakhaya bengaholi, kuphakathi kokuthi bayadilizwa baphelelwe wumsebenzi noma balinda kuze kuvulwe embonini yabo. Ezokuvakasha selokhu zavalwa enyangeni kaNdasa.
Izisebenzi zasemahhotela zihlezi emakhaya. Lapho sekuqaliwe ukuvula khona kusabuye ezimbalwa ngenxa yokuthi nabantu basesaba ukusabalala kokhuvethe olusadla lubi. Izinkampani zezindiza zixoshe izisebenzi kanti futhi kuze kube manje akukacaci noma iSAA izovuka noma izophela yini. Izindawo zokudla kuhleziwe ziyacothoza. Uma udlula ngakuzo uzibonela ungabuzanga ukuthi abantu abakakhululeki ukuhlangana bathokoze ezindaweni zokudla. Izindawo zokungcebeleka nezobumnandi azikavuli. Lapha ngibala amanight club nezinye izindawo lapho abantu bezithokozisa khona. Kuyacacisa- ke lokhu ukuthi umbiko weStats SA awulubhekisisanga lolu hlangothi. Noma ziyiqiniso lezi zibalo ezikhishiwe, kodwa kusobala ukuthi baningi abantu abashiywe ngaphandle bebe bentula imisebenzi. Noma yiluphi uhlobo locwaningo olwenziwayo ngaphansi kwesihloko esithile, kumele sifake zonke izinhlaka ezithintekayo ukuze uphelele kahle.
Okwethusa kakhulu embikweni wukuthi intsha ebalelwa ezigidini ezili-10 3 ayifundi, ayisebenzi futhi ayiqeqeshelwe ukwenza lutho. Lapha kukhulunywa ngentsha eseminyakeni esuka kweli-15 kuya kwengama-24. Le minyaka yokukhula komuntu iyisikhathi esisemqoka ukubumba uhlobo lomuntu nekusasa lakhe. Uma esedlule kule minyaka kunezinto ezingasenakungena zigxile emqondweni wakhe noma esengazifundiswa. Uma uhamba emigwaqeni emalokishini intsha ibonakala iwuvanzi iyizixukwana namaqoqwana ahamba engenanhloso yokwenza lutho olutheni ngoba sekuphele ithemba lokuthola umsebenzi.
Angazi noma lo mbiko kukhona yini ozokuvusa emiqondweni yabaholi mayelana nekusasa lezwe nezizukulwane ezikhula namuhla. Siyazidinga izinkundla ezizokuba nezifundo kanye nezinhlelo ezizokwakha amathuba emisebenzi, futhi sezidlulelwe yisikhathi.