Akho soka lingenasici


Sigwetshwe iminyaka emithathu isihlabani somdlali we-Orlando Pirates uThembinkosi Lorch ngecala lokuvulela isibhaxu ngenhloso yokulimaza enkantolo yeMantshi yaseRandburg, eGoli namuhla ekuseni.
Lesi sigwebo silengiswe iminyaka emihlanu. ULorch onobudlelwano nomzukulu kaSobaba uDesmond Tutu ongasekho emhlabeni, uNatasha Tahane washaya owayeyintombi yakhe uFundiswa Mathithibala ngowezi-2020 kulandela ingxabano.
Le ntokazi yamvulela icala ngoMandulo ngonyaka wezi-2020 ngemuva kwesigameko esenzeka lapho kwakuhlala khona uLorch eMidrand.
ULorch waboshwa wabuye wadedelwa ngebheyili ka-R2 000. Ingxabano yasuka ngemuva kokuthi uLorch esebenzise imoto kaFundiswa. Wahamba isikhathi eside okwaholela ekutheni le ntokazi ithumelele umyalezo imazisa ukuthi isifuna ukugoduka ngoba sekuhlwile.
Esebuya kwasuka esinamathambo ngemuva kwenkulumompikiswano eyaholela ekutheni uLorch agqimuze le ntokazi okuvela okuthiwa wayeyisakaza phansi sengathi yisaka lamazambane. Yagcina ilanyulelwe ngabangani bayo.
Leli cala belilokhu lihlehliswa kodwa namuhla inkantolo ikhiphe isinqumo esiwujuqu. ULorch uphinde wayalelwa ukuthi akavumelekile ukusebenzisa isibhamu.
Phezu kwalokho uphoqwe ukuthi akhokhe isamba sezi-R100 000 enhlanganweni elwa nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane.