Now Reading
Singacakula okuningi ngokwazi ngempilo yabaholi besakhula 
Dark Light

Singacakula okuningi ngokwazi ngempilo yabaholi besakhula 

Akuvamile ukuba bonke osopolitiki, ikakhulukazi boHlanga basichathazele ezincwadini zomlando ezibhalwe ngabo noma ezibhalwe yibona, ukuthi beseyizingane bangena eminyangweni yamabandla babhabhadiswa besebancane, babayizikhonzi, bahamba osontosikole, bengakabi ngosopolitiki. 

Ungundingasithebeni umlando ngamabandla kwabanye osopolitiki.Iloluhlobo lomlando ngobuqotho olukhohlekayo nxa kucakulwa noma kufundwa umlando wabangosopolitiki noma wabangabaholi kweminye imikhakha ezweni. 

Kwenziwa ukuthi, uma sebesezikhundleni abanye bosopolitiki noma babaholi emikhakheni ehlukene, baqhelisa ubuqotho nobulungiswa uma sebeqhwakele ezihlalweni.Ababufundiswa emabandleni ababhabhadiswa kuwona besebancane.

Asethembe ubuqotho, ubulungiswa, buyoba seqhulwini kwabanye osopolitiki nabaholi kweminye imikhakha, ngoba akunjalo ezweni. 

Siyakuthola encwadini iZulu Stateman yomlando woMntwana waKwaPhindangene, uMangosuthu Buthelezi, owawubhalwe nguBen Temkin.Ukuthi, yize uShenge wayengusopolitiki,wawukhona lowomoya wokubhabhadiswa esemuncane, okwamenza wakuqonda ukubaluleka kokuba qotho komuntu. Kuze kufike ekhasini lokugcina lama-357, uShenge elokhu ecakule kancane ngesonto.

Kazi bona osopolitiki abehlukene ikakhulukazi boHlanga njengamanje, basazikhumbula yini izimfundiso zobuqotho zasemabandleni nezasemasontweni besebancane baze bakhula ezazimayelana nokwenza izinto ngobuqotho.Bangalobizeli izikhundla, ukuphatha, ukuthakathana, ukubulalana njengoba sibona kwenzeka.

Kafushane nje, ekhasini loku- 1 nele-4, uShenge wenaba ngokucakula ekuqaleni, lapho kwaqala khona umuzwa wokuba ngowoHlanga eAfrika. Ukuthi lowomuzwa wokuba ngowoHlanga wase-Afrika waqala emasontweni zabezimishini base-Europe (lapho babedumisa khona uMdali). 

Kwakungaleyonkathi lapho aboHlanga bavukwa imimoya yobu-Afrika abase beyibona ukuthi yayisididiswe kakhulu ngamabomu ngaphansi kwesiko mpilonhlalo lase-Europe ukuba sizingabaze ukuba yithina ngisho nasemabandleni imbala, okusenzeka kwamanye amabandla. 

Kwakuwubusika eGoli, enyangeni uNcwaba kowe-1974.Wayekade emenywe yinhlangano yamaJuda Cultural Committee of the Temple Emmanuel, ukuba yisikhulumi ebandleni lamaJuda.Wayecelwe ukuba azokhuluma ngowoHlanga ozigqajayo ngobuzwe bokuba ngowoHlanga. AmaJuda ayembuze ngowoHlanga ozigqajayo ngokuba ngowoHlanga ukuthi bayobe benjani ngeminyaka yowe-1970 nangalena kwaleyominyaka (ngohulumeni wedemokhrasi).

Kusekhasini lama-67 okuqoshiwe, ukuthi uShenge kwamsiza kakhulu ukuzihlanganisa nebandla, nesonto ngezindlela ezehlukene.Kwakumsiza ekuphumuzeni umphefumulo nasezingqinambeni zesizwe sakwaButhelezi nezezwe ngokunjalo.

See Also

Ngokwami ukubona kwamenza wabaqotho yize sazi ukuthi emhlabeni wonkana, lixhoshwa libhekile,akusoka lingenasici.Ukungaxhaphazi imali yezidingongqangi zabantu ezweni. Okwenza kube nzima kwababese duzane noMtwana uMangosuthu ukuthatha ngozipho.

Qaphu noma kafushane, ekhasini lama-325, uShenge wabeka sakuboniswa ngowe-1975 ngokuthi: Ukuhlupheka kwabantu kwakuyiqiniso futhi akungabhebhethiswa kube kubi ngokungadingekile nangokuklwebhana okwakungenasidingo phakathi kwamaviyo ayelwela inkululeko.

Kanti kwelama-326,327, lapho abeka ngokuthi, kwakusemabandleni aboHlanga ababengaphonsa esivivaneni, sokuvela komphakathi onobulungiswa ngokuzimbandakanya kwamabandla nalabo boHlanga ezintweni abazenzayo. Wagcizelela ukuthi wayefisa ukubona isonto lizimbandakanya ezintweni zentuthuko yomphakathi njengokuqeqeshelwa ukufunda nokubhala, ukuqeqeshelwa kwezezimali, ezempilo nemfundiso yenhlanzeko.

Wayengangabazi ukuthi, ngomusa wenkosi isonto lafunda emaphutheni alo, futhi laliyofunda emaphutheni alo. Kwakungamvimbeli ekucabangeni ukuthi iNingizimu Afrika lalisekhona ithuba uNkulunkulu alinike isonto ukuba libe utho ebantwini.

Nanokuthi uNkulunkulu anike isonto inhlakanipho, amandla nothando, ukuveza ilaka lalo ngokuyikhona nengezenzo, lakhe isimo sokuzuza inkululeko ngezindlela ezinokuthula, ezaziyophephisa izwe lethu (iNingizimu Afrika), ephetha.Kwenzeka!

Scroll To Top