Ukubaluleka nobumqoka bukamama kithina
N GAPHAMBI kokuba umuntu azalwe uqale alumbeke, anakekelwe esibelethweni sikanina. Bese kuba ukuzalwa ngendlela ejwayelekile. Kuyenzeka ukuthi abanye bangazaleki bazalwe ngokwezimo eziphuthumayo okuthiwa ukuzala ngomthungo. Umama weqiniso unakekelana sewuzelwe uze ukhule. Yingakho kwathiwa intandane enhle umakhothwa ngunina ngoba sonke sikhala simemeze umama hhayi ubaba.
Asizinike isikhathi sokuhlakula umlando lapha nalaphaya ukuthi umama uyini noma wabe eyini uma umbuka ngokwakho hhayi ngokweningi. Ngoba kuthiwa iningi liyabona ubende.
Kungabakuhle ukuthi nsuku zonke zokuphila kwethu umlando ngomama uhlale uphila bese uyabalulwa, uyakhulunywa, uyabhalwa, uyabungazwa, uyaqhakanjiswa esadla anhlamvana lapha ezindlini nasemakhaya jikelele ukuthi uyini noma wawuyini. Kodwa kungakhunjulwa umama mzukwana kubungazwa noma kuqhakanjiswa usuku lukamama emhlabeni wonke jikelele nalapha eNingizimu Afrika nakweleNdlovukazi uMthaniya ngomhla zili-12 kuNhlaba.
Sizobe sesihluza ngesineke ngehluzo lapho kuzophuma umama wangempela onesineke sokufundisa ngoMvelinqangi nabadala, inhlonipho nenhlanzeko, ukuzenzela nokunakekela nokunye okuhle edle ngokungaklabalasi esakufundiswa ikakhulukazi ebufaneni.
Siqhubeke nomlando sithi ngumama ongaxokizi nongenawo umoya wezikhova wokucwasa, sithi ungumhlanganisi. Akaxovi umndeni nomphakathi kodwa ufakana umoya wokuthula nothando, wobunye nokuphilelana nabantu bonke.
Umama wangempela akazixabanisi izingane zakhe ngisho nangazizali. Umama wangempela oneqiniso, onesibindi nonomgogodla, ongazesabi izingane azizalayo ukuzigxeka ngokwakhayo uma zonile. Umama othanda ukubona abantu bezwana benobunye, benobuntu nentuthuko nokunye okuningi empilweni okukusiza ngisho esengasekho umama emhlabeni.
Umama wangempela akasibondi isijingi aze asishiye nephini phakathi. Uzwakala ngolimi oluphimisa okuzoyizayo ngenkathi umlalele. Akahlali ehleba njalo kuze kweqe kakhulu empilweni yakhe.Uyavikelana avikele okuhle.
Kunabantu, kunabaholi, kunosopolitiki nabanye abaningi esiye sibabone bebalula onina ngokusekujuleni kwezinhliziyo zabo ukuthi abazenzisi ngenkathi bethi balapho, bayilokhu abayikona ngenxa kamama.
Ukukha nje phezulu, ngizothanda ukucakula abaholi abanomuzwa ongapheliyo ngonina ababasingatha babanakekela bawa bevuka nabo baze bafinyelela emazingeni emfundo ephezulu.
UMntwana waKwaPhindangene noMnu.uRobert Gabriel Mugabe waseZimbabwe bafinyelela eFort Hare University ngenxa yegalelo nokunakekelwa ngumama.
UMntwana uMangosuthu uhlale etusa iqhaza likaMntwana uMagogo owamunakekela waze wazuza imfundo ephezulu. Waba yilokhu esikufakazelayo okwakungumtongelisa inhlonipho, umlando namagugu kanye nezobuciko namasiko kaZulu nanokuthi uMntwana uMagogo wayengakhohlwa ukuzigqaja ngoyise iNgonyama uDinuzulu kaCetshwayo.
Kanti uMnu.uRobert Gabriel Mugabe esenguMengameli waseZimbabwe wathi unina wamzamela usizo kubefundisi abamhlophe njengoba azuza imfundo ephakeme mhlazane ethula inkulumo eNhlanganweni Yamazwe eNew York eyayimayelana nosuku lukamama emhlabeni jikelele.
Nathi sasinomama uMaBiyela “uBiyo” Ndlovu owayengakhohlwa ukuthi wayezalwa yiNkosi uZimvu kaHhashi wase-Eshowe, eMpaphala, oSungulweni, KwaDaka. eMvuzane. Wayekuhlonipha ukuthi wayezalwa esithenjini somama ababeyisikhombisa bakaZimvu kanye nasesithenjini sogogo ababebathathu bakaHhashi ngenkathi ekushiyela eshungwini lo mlando wakubo uMkhosana eseSandlwana. Umama wayezibukela, angathi vu ngababemhlukumeza. Wasinakekela kunzima siyizingane ezili-11 emveni kokushona kukababa uWilliam ngowe-1963.
Ngaba nenhlanhla yokubhala umlando esadla anhlamvana umama kwelinye lamaphephandaba esiNgisi mhla zili-17 kuLwezi ngowe-1999 ngaphambi kokuba andulele kuleli mhla zingama-29 kuLwezi ngowezi-2002. Ngabhala ukuthi ngangibonele kuyena okuningi esengikubalulile ngenhla. Ngabonela ukuphuza amanzi afudumele njalo ekuseni nasemini kusukela ngonyaka we-1970 nanamanje njengengxenye yempilo.
Ngenyanga uMbasa ngowe-1974 ngisanda kuphuma esibhedlela umama wagcizelela ngobumqoka benhlonipho, bokubingelela, bokubika uma usuzophuma uhambo ngoba usuke ubikela uMvelinqangi nabakini okuyibona abaziyo okuphambili nabazokuvikela. Engazwani nokuzenza ngcono kunabanye, ethi uyoba ngcono mhlazane waqopha umlando owumnikelo, oyobonwa, utuswe, ufundwe ezweni nasemhlabeni wonke. Izingane zomakhelwane ngowe-1980 zazibangisana ngesikhwama sakhe uma simhlangabezile zithi ugogo wazo.
Umama wayebavikela omalokazana ezimbodleni zabafana kanye namadodakazi akhe. Wawumkhombisa owesifazane, angabesafuna ukubona omunye endlini kaWilliam. Wayezidlisa satshanyana uma usufikile kanti wawuzalelwa inja endlini uma ebone omunye wesifazane kungeyena lona owawumkhombisile. Ingasaphathwa uma sekunengane ethi kwaNdlovu ayikaze ilahlwe ingane.