Now Reading
Emuva koKhuvethe sekungugesi okhinyabeza ezokuvakasha
Dark Light

Emuva koKhuvethe sekungugesi okhinyabeza ezokuvakasha

Ukuhlasela kobhubhane uKhuvethe emhlabeni naseNingizimu Afrika eminyakeni emibili edlule kwafana nokufaka usawoti esilondeni esibhibhayo embonini yezokuvakasha kuleli eyabe ivela ixhugela. 

UKhuvethe laphoqa ukuba kuvalwe izwe, ezokuvakasha zakhinyabezeka kakhulu ngalesi sikhathi ngoba inzuzo enkulu yalo mkhakha ingena ngezivakashi. Ngaphambi koKhuvethe ezokuvakasha zangenisa imali eyizigidigidi ezi-13.2 kwi Gross Domestic Product eNingizimu Afrika. 

Yize isimo siya ngokubuyela kwesejwayelekile kule mboni, into ebonakalayo iyibuyisela emuva manje ukunqanyulwa kukagesi. Lokhu kuhlanganisa nempahla ethengwa ngabantu bangaphandle abavakashela kuleli. Ukunqanyulwa kukagesi osekuphenduke ingxenye yempilo ezweni kwadalwa ukungavuselelwa kwengqalasizinda njengeziphehli zakwa-Eskom kanye nokuthembela kakhulu eziteshini zikagesi ezisebenzisa amalahle. 

Selokhu kuqale unyaka esikhundleni sokuthi isimo sibe ncono siya ngokuya sibi kakhulu ngoba kwezinye izingxenye zezwe kunemibiko yokuthi ziyaphela izinsuku bengenawo ugesi. Ukuqokwa kukaNgqongqoshe uKgosientsho Ramokgopa oqondene nogesi kuze kube yimanje akukawenzi umehluko kule nkinga.

Ugesi nomthelela kwezokuvakasha 

Inkinga kagesi iphazamisa izinhlelo eziningi, kodwa ezokuvakasha yizo ezingaphansi kwengcindezi enkulu. Lo mkhakha Uneku unegalelo elikhulu emnothweni waseNingizimu Afrika. Ngowe-2019 iNingizimu Afrika yamukela  izivakashi zakwamanye amazwe ezingaphezu kwezigidi eziyi-10 . Umkhakha ube nesandla esifinyelela ku-6.4% wesamba somkhiqizo wasekhaya kanye nemisebenzi eyizigidi eziyi-1.5 (amaphesenti angama-9.3 ayo yonke imisebenzi). 

See Also

Ngenxa yokubona kungathi uhulumeni uyehluleka ukuxazulula inkinga kagesi, abasemkhakheni wokuvakasha kuzwelonke sebeqale imifelandawonye lapho kudingidwa ukuthi kungayiwa kanjani phambili ekubhekaneni nale nkinga. Yize uhulumeni ekhuluma ngohlelo lomnyango wezokuvakasha olwaziwa ngeGreen Tourism Incentive Programme, abezokuvakasha babone kusekude phambili.

IGreen Tourism Incentive Programme ikhokha cishe izingxenye ezimbili kwezintathu zokutshalwa kwezimali. Amabhizinisi angawodwana axhasa ngezimali ingxenye yesithathu esele. Kulolu hlelo zikhona izinkampani ezisebenzisana nohulumeni njengembumba yamahhotela iCity Lodge. Ngalesi sikhathi sokusondela kwamaholidi abemboni yezokuvakasha babambe umoya ngokuthi noma ugesi unyanyulwa kodwa kungabi amahora amade. Ukunqanyulwa kukagesi kushaya kuzwele nabasebenza kulo mkhakha okuphoqa ukuba banqanyulelwe amahora ngenxa yokugqoza kwezivakashi.

Scroll To Top