Now Reading
Umgadli weBafana Bafana uthi uzimisele ukwenza elakuleli libe yingxenye yeNdebe yoMhlaba ngowezi-2026
Dark Light

Umgadli weBafana Bafana uthi uzimisele ukwenza elakuleli libe yingxenye yeNdebe yoMhlaba ngowezi-2026

NgoMgqibelo iBafana Bafana izoqala umshikashika wemidlalo yokuhlungela ukungena kweyoMhlaba. Izokwamukela iBenin emdlalweni ozobanjelwa eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngehora lesithathu ntambama.

Emvakwalokho iBafana izobe isilibhekisa eRwanda lapho izobhekana khona neThe Wasps (iRwanda) eHuye Stadium eButare ngoLwesibili.

Ukugcina kweBafana Bafana ukuzibekisela indawo kweyoMhlaba, kwabe kungunyaka wezi-2002. Iyidlalile iNdebe YoMhlaba ngowezi-2010 kodwa ingoba yabe ingosokhaya.

INdebe YoMhlaba elandelayo ezoba ngowezi-2026, izosingathwa amazwe amathathu ngokubambisana okuyi-USA, iMexico neCanada.

“Kuliphupho lami elikhulu ukuthi ngilekelele izwe lethu ukuthi libe yingxenye yeNdebe YoMhlaba bgkwezi-2026. Lokho kuzosho lukhulu kuthina nakubadlali abancane abeza emvakwethu. Izokuthazeka intsha ukuthi uma ithola ithuba lokudlala kwelesizwe, yazi kumele nayo idlale kweyoMhlaba njengoba sizobe senzile nathi. Iminyaka yami iyona engikhuthaza kakhulu ukuthi makukhona umqhudelwano engiwudlalayo ngizinikele, ngaphambi kokuthi ngithathe umhlalaphansi” kusho uTau.

Lo mgadli ogijima eqenjini laseGibhithe i-Al Ahly, uneminyaka yobudala engama-29.

See Also

UTau uvumelane nenkulumo yomqeqeshi wayo iBafana Bafana uHugo Broos ukuthi ikhempu ayiqalanga ngendlela enhle.

“Ikhempu iqale kambi kakhulu ngoba bekukhona abadlali abalimele, abanye bebekhathele njengoba bebeqeda kudlala imidlalo eshubile ngempelasonto. Kodwa kuzomele sibuyise umfutho kushaye usuku lemidlalo sisesimeni esihle kakhulu” kusho uTau.

Kubadlali okuphoqeleke ukuthi behoxe eqenjini ebelibizwe uBroos, uLebo Mothiba, uGrant Kekana noThapelo Maseko abalimele izindawo zivalwe u-Evidence Makgopa, uTapelo Xoki no-Elias Mokwana weSekhukhune United.

Scroll To Top