Now Reading
Isigaba sokuqala kube ngesithembisayo kuPSL
Dark Light

Isigaba sokuqala kube ngesithembisayo kuPSL

Liyagculisa izinga likanobhutshuzwayo nendlela amaqembu amancane adlale ngayo   


Imidlalo yeDStv Premiership ngaphansi kwePremier Soccer League (PSL), isesigabeni lapho sekuzongena umlenze wesibili wemidlalo lokho kusho ukuthi amaqembu asezolwela ukufa nokuphila ukuthola amaphuzu agcwele ukuze kuzothi uma kusongwa isizini abe ehlezi ezindaweni ezigculisayo kulogi.

Njengoba kuzoqala umlenze wesibili ngesonto elizayo, ngithathe isikhathi ngayibuka imidlalo yomlenze wokuqala. Awukho umdlalo ebengiwukhetha bengizinika isikhathi ngiyibuke yonke. Ngeke ngaqamba amanga ngigculiseke kakhulu ngendlela izinga likanobhutshuzwayo wakuleli elinyuke ngayo.

Okungichaze kakhulu ngomlenze wokuqala ukudlala kahle kwamaqembu amancane ngesikhathi ebhekene namakhulu. Ngincoma indlela okushaywe ngayo amagoli, abengavalelwa phakathi abagadli kuphela kodwa nabadlali basesiswini kuya kwabasemumva.

Ngincome umqeqeshi womakoti iSwallows FC, uBrandon Truter (osesithombeni), othe uma kuqala isizini wabhekwa abantu abaningi ukuthi engabe uzozinza yini kuleli qembu kwazise akanawo amava futhi lena kuyisizini yakhe yokuqala eqeqesha kulesi sigaba. Kodwa isizini uyiqale kahle njengoba kuze kube imanje qembu lakhe induku aliyazi.

Omunye umqeqeshi engimuchoma uphaphe lwegwalagwala uMandla Ncikazi, oqeqesha iLamontville Golden Arrows. Ungomunye okuthe kuqala isizini ethatha izintambo kuSteve Komphela, abantu abaningi baba nongabazane ngaye bembona njengomqeqeshi ozosheshe akhonjwe indlela kodwa lutho. 

Iqembu elingidlalele ibhola elinenkosi phakathi nokuyinto elihlezi liyenza i-Orlando Pirates, engicabanga ukuthi kufanele engabe linamaphuzu angaphezulu kwalawa elinawo. Okwenza ngisho lokho ukuthi emidlalweni yayo iyona ehlezi iphethe umdlalo kodwa imiphumela ekugcineni ingavuni yona, namanje ngiyazibuza ukuthi kwalani ngoba inabo abadlali. Kodwa-ke ngoba ikwazile ukunqoba umqhudelwano womkhumulajezi iMTN 8 kungenzeka ukuthi isangawaguqula amatafula kwazi bani.

Kuwona wonke amaqembu ngibona elasePitoli, iMamelodi Sundowns, indlela elidlala ngayo nemiphumela yalo, kungaliweza ekutheni linqobe isicoco seDStv Premiership.

Indlela okuyiyo muva nje ngethemba ukuthi kuyabacacela laba ababethi eminyakeni edlule iSundowns, ibulala ikusasa labadlali njengoba isizini nesizini ihlezi ithenga okhilimu babadlali. Isizini nesizini leli qembu laseChloorkop lihlezi likhipha itshe lemali lithenga abadlali abasuke begqamile emaqenjini abo ngesizini esuke yedlule.

Yize abanye abeseka amanye amaqembu bekubuka njengokubulala ikusasa labadlali kodwa iqiniso lithi leli qembu lokho kuyalisebenzela. Ngesizini edlule ngaphansi kwesandla sikaPitso “Jingles” Mosimane iSundowns inqobe izinkomishi ezintathu iTelkom Knockout (TKO), iNedbank Cup, ne-Absa Premiership.

Leli qembu eliphethwe uDkt uPatrice Motsepe osembangweni wokuba nguMengameli weCAF, ngaphandle kokungabaza kubukeka lisazoziqoqa izindebe liphinde lenze kahle nasemidlalweni yeCAF Champions League.

See Also

Ngikhuluma nje ngempelasonto edlule lethule uRushine de Rauck obeyisitobha seMaritzburg United, njengomdlali walo omusha. Lo mdlali usayina nje ubefunwa uthuli i-Orlando Pirates. Ngaphambi kwalokho ekuqaleni kwesizini lisayinise uPeter Shalulile ovutha engabaselwe phambili, uMothobi Mvala abebekuHighlands Park edayisele iTS Galaxy isitifiketi sayo sokudlala kuPSL.

Abanye uHashim Domingo, uGift Motupa, uRicardo Goss abaphuma kuBidvest Wits, uGeorge Maluleka osuka kuKaizer Chiefs, uKermit Erasmus obekuCape Town City, uGrant Margeman noJody February abebegijima ku-Ajax Cape Town, uLesedi Kapinga obekuBlack Leopards no-Aubrey Modiba obekuSuperSport United.

Laba badlali banekhono elimangalisayo bebodwa, uma ubahlanganisa noThemba Zwane, uGastino Sirino, uHlompo Kekana ukukha phezulu kuphuma iqembu lesizwe uqobo lwalo.

Kulogi iSundowns ihlezi phezulu emva kwemidlalo eli-15, inqobe eyisi-9 yadlala ngokulingana kweyisi-6, induku ayiyazi kanti inamaphuzu angama-33.

Leli qembu lizogcina selifana neBayern Munich ehlezi izithathela iligi yaseGermany, iBundesliga. 

Scroll To Top