Ubuyile uDavide kwipolitiki yamaNgisi



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Kwenzeke ngesikhathi udosi lwamaNgisi lungasazwakali kwezomnotho nesimomazwe
Lokhu akuvamile kepha sekwenzekile. Loyo owayenguNdunankulu wase Britain, uMnu uDavid Cameron usebuyile kuhulumeni. Useqokelwe kwesokuba nguNgqongqoshe wezangaphandle kuleliyazwe. Lesi sinqumo sikaNdunankulu uSunak simangaze abaningi ngaphakathi ngangaphandle kweqembu lakhe ama-Conservative. Okumangaze kakhulu akukhona nje kuphela ukuthi ubuya njengongqongqoshe kepha abaningi bakhumbule indlela ahamba ngayo.
Lo mholi wahlazeka kakhulu emuva kokwehluleka komkhankaso wakhe wokugwema ukuba izwe lakhe liphume kwi-European Union ( EU). Sekungumlando ukuthi ezakhe ( umbango wangaphakathi eqenjini) zaguqa, zaphakama lezo ezabe ziholwa phakathi kwabanye nguMnu uBoris Johnson naye owagcina esenguNdunankulu. Khona lapho ubuya nje kuvele kunokukhuluma okumlandelayo nokuthinta amabhizinisi akhe axhumene kakhulu neChina. Kwabanye kunokwesaba ukuthi lokhu kungahle kwenze i-United State esembangweni wokuba ngamaqhude omhlaba neChina ingahle imubheke ngamanye amehlo.
UMnu uCameron ubuya ezweni nakwipolitiki eseyehluke kakhulu kunesikhathi esenguNdunankulu. Namuhla amaNgisi awasenawo amandla noma izwi elitheni uma kukhulunywa ngomnotho nepolitiki yesimomazwe. Njengoba asengaphandle kwe-EU nje sekuphoqa ukuba azimele kukho konke.
Ngalesi sikhathi umhlaba wehlukene phakathi ngezimpi eziqhubeka e-Ukraine naseGaza umsebenzi omusha kaCameron uzomphoqa ukuba abambisane ne-EU kanye ne-US. Kanti futhi konke lokhu kwenzeka ngesikhathi iqembu lakhe lizilungiselela ukhetho kungekudala. Ngesikhathi enguNdunankulu kwabe kuhleli iNdlovukazi u-Elizabeth engasekho. Manje sekukhona indodana yakhe iNkosi entsha u Charles. OnguNdunankulu kanqobanga okhethweni kepha waphakama emuva kwezivunguvungu zangaphakathi eqenjini.
Kusase kuseni ukuhlawumbisela ekutheni ukugembula kukaSunak kuzoliweza yini iqembu nezwe.