Ngubani oduduza abaduduzi bethu?



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Umsakazo uKhozi FM unomlando omude kusuka usengu Radio Bantu nalapho usungu-Radio Zulu. Kuzo zonke izigaba zokusakaza nokukhula kwalomsakazo kukhona into eyodwa egqamayo. Ikhono lezizukulwane ezahlukene zabasakazi lokukwazi ngezinhlelo ukuba yingxenye yalowo nalowo mndeni lapho kulilwa khona.
Ngezikhathi zobandlulo nje lomsakazo wenze okukhulu ukwenza isimomqondo saboHlanga singagxili kwingcindezelo nobuhlungu bangaleso sikhathi. Lokhu bekwenzeka ngokwethulwa kwezemidlalo, ngeziqephu ezahlukene zemidlalo yomoya, ukuqhululwa kwezingoma ezabe zondla umphefumulo, zisijuxuzisa silibale yitshe elabe lisemhlane. Abasakazi bakhona babephenduka abazali nothisha ngoba ababekukhuluma kwabe kwakha futhi kusola lapho kukhona okungahambi kahle kepha okukhulu kugqugquzela abalaleli ukuba babe ngaphezu kwezinkinga zabo.
Umbuzo uthi kumuntu noma abantu abenza nje kithi uma sekudingeka kube yithi esenza okuthile kubo siqalaphi? . Isimemezelo esenziwe nguMphathi walesi siteshi uNks uSbongi Ngcobo sibe ngumunyu. Lapha uMangcobo ngokujutshwa ngumndeni ubebikela izwe ukuthi kasekho umsakazi u-Irvin Sihlophe. Okulandele lapho wukwehluleka kwabanye kulomsakazo ukuzibamba emoyeni kuzwakala ukuthi bashayekile. Empeleni lokhu akuqali , kudala kepha okwakamuva okuthinta ukwedlula emhlabeni kuka Mnu uNzimande – ingulube encane, uMnu uBongani Mavuso naye uNyamakayishi (uSihlophe) kwenze kwanokuqaphela.
Okwejwayelekile lapha kobantu wukuthi uma kukhona ohanjelwe uyaduduzwa. Kuthi lapho ezibhonqa , ebalisa eqalekisa ngenxa yobuhlungu abantu bamduduze, bamfukamele , bamsingathe besho khona ukuthi ‘ kalwehli lungehliyo’. Nokho uma sekufika kulomsakazo singabalaleli siyehluleka ngoba nathi sisuke singabalahlekelwe, kuthi lapho abasakazi nabaphathi belila eseNdlovukazi uNandi , nathi senze esifanayo futhi sedlulele.
Lokhu ngisasho asikwenzi ngenhloso kepha yingoba abasakazi laba sebaba ngamantombazane , abafana omama nobaba balapha emakithi. Ingani sivuka ngabo siphinde silale ngabo. Engani yibo abasethulela izindaba ezisithinta ngqo, abasexwayisayo nabasikhulisela izingane nemizi yethu.
Ngalamagama sithi yobe kulomsakazo uma sehluleka ukwenza lokho wona okwenza kithi nsuku zaphuma, ukuniduduza. Sigqazuluka nani nje nangaphezu kwenu wubuhlungu ngoba ningumndeni. Ngelinye ilanga siyochwephesha sazi ukuthi umuntu okududuzayo wena umduduza kanjani – sithi ningakhali nize nizilimaze sikhona!
Sisho lokho okwabe kushiwo yingoma esaqala ukuyizwa kulo Ukhozi, iculo le Soul Brothers – ukuthi nembala “Kwenzeka imihla namalanga kepha akwejwayeleki”