Now Reading
UMntungwa uthi akumthenanga amandla ukubhuntsha kwezimpi
Dark Light

UMntungwa uthi akumthenanga amandla ukubhuntsha kwezimpi

USphesilhle “The soldier“ Mntungwa ubezotholana phezulu noKwenzokuhle Qwabe empini yesisindo se-Junior Featherweight imizuliswano eyisithupha. Le mpi ibizobe iyingxenye ekade izobhulela ezobhulela amazoli izimpi zamabhande eWBF Intercontinental ebeziqhathwe iHlula Dladla Boxing Promotions kaDokotela Hlula Dladla. Lezi zimpi bezizobanjelwa eFordeville Hall, eMtshezi.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMntungwa ubesefana neqaqa kubantu kwabanye ophromotha, njengoba bebemushaya ngesithende uma beqhatha izimpi.

Uba yiqaqa nje uMntungwa waba sematheni ngesikhathi elwa noSimiso Buthelezi ebhandeni leWBF All Africa Lightweight eGreyville eThekwini ngoNhlangulana wanyakenye.

UButhelezi waquleka emva kwempi wagcina ngokudlula emhlabeni esibhedlela, ngemumva kwezinsuku ezimbili.

Kwasabalala izinkulumo ezingezinhle ezinkundleni zokuxhumana besola ukuthi kukhona okusetshenziswe uMntungwa. UButhelezi wavele wabheka ngasekhoneni eshaya ubala, kukhombisa ukuthi umqondo wakhe uhambile.

See Also

“Bengiyibheke kakhulu impi yangoMgqibelo kodwa okwenzekile akungithenanga amandla. Ngizophinde ngithole elinye kthuba ngoZibandlela lapho ngizolwa khona ezimpini ezihlelwe iHlula Dladla Boxing Promotions, nokuyilapho okuzolwa khona noBig Zulu. Ngiyabonga kakhulu kuDladla kumina ukhombise ukungangehluleli ngokwenzeka ezikhathini ezedlule” kusho uMntungwa.

Eqhuba uthe: “Yize kunesikhathi ngagcina ukuba seringini kodwa ngiyathembisa ukuthi ngisesimeni esifanele ngoba ngiyaziqeqesha mihla namalanga. Ngiyabonga angiphezi kuDladla” kubeka uMntungwa.

Scroll To Top