Now Reading
Owake wagijima kwiziMpofana usezobanakala kwiMilford Football Club
Dark Light

Owake wagijima kwiziMpofana usezobanakala kwiMilford Football Club

Umthombo ongashayi eceleni osondelene nelaboHlanga uthe uSibusiso “Mado” Khumalo uqale ukuziqeqesha neMilford FC ngempelasonto edlule.

UKhumalo emasontweni edlule bekubikwe ukuthi usayiniswe iDurban Pioneer okuyiqembu laseThekwini eligijima ku-ABC Motsepe League. Khona ufike wagixabezwa ngebhande wadlala cishe imidlalo emithathu, njengoba eselandwa iMilford FC.

Lo mdlali oneminyaka yobudala engama-34, amava akhe makhulu kakhulu njengoba egijime isikhathi eside kuPremier Soccer League (PSL).

Ukukhula kwakhe ukhuliswe iStars of Africa Academy kaFarouk Khan, esikhiqize inqwaba yabadlali okubalwa oMay Mahlangu, uTokelo Rantie noSuprise Ralani ukubala abambalwa. Ube esedlulela kwiMoroka Swallows, iMamelodi Sundowns, iSuperSport United, iKaizer Chiefs, i-Ajax Cape Town, iTS Sporting neBlack Leopards.

Kanti naseqenjini lesizwe labaneminyaka engaphansi kwengama-20 neBafana Bafana udlalile kuyona uKhumalo.

IMilford FC engene kuMotsepe Foundation Championship ngokuthenga isitifiketi soThongathi FC, kubukeka ibhinjelwa izinto.

Kulogi ihlezi endaweni yesibili uma usuka emsileni, isidlale imidlalo eli-12 kuyona inqobe emibili yadlala ngokulingana kwemithathu yahlulwa kweyi-7.

See Also

“Ukufika komuntu onjengoKhumalo kuleli qembu mhlambe kuzowenza umehluko, ngoba emidlalweni eminingi amagoli angenayo kusuke kungamaphutha abadlali basemumva. Ngimbonile edlala ku-ABC Motsepe League, impela ikhona into ayiphethe ehambisana nesipiliyoni sakhe” kusho umthombo.

Umthombo uphinde wabaluka ukuthi iMilford FC khona umdlali ogijima kwi-ABC Motsepe League esifundazweni iKwaZulu-Natal, emfuna uthuli njengoba egila izimanga kusukela iqalile isizini.

“Lo mdlali unekhono eliyisimanga kakhulu, emidlalweni eminingi ushaya amagoli aphinde awakhande yize edlala emumva. Inkinga kuleli qembu adlala kulona, ukhombisa ukuhlala kahle okunganzima livele limdedele” kusho umthombo.

Scroll To Top