Now Reading
Insika yamaProteas ayikhathazekile ngomkhuhlane onokuhlasela iqembu lesizwe kwelaseNdiya
Dark Light

Insika yamaProteas ayikhathazekile ngomkhuhlane onokuhlasela iqembu lesizwe kwelaseNdiya

Elakuleli liqede imidlalo yamaqoqo endaweni yesibili ngamaphuzu ayishumi nane emidlalweni eyisishiyagalolunye.

NgoLwesine ngo-10 ekuseni azodudulana ne-Australia emdlalweni owandulela amanqamu e-Eden Garden, eKolkata.

URassie Van Der Dussen nezakhe banokuhlaselwa ngumkhuhlale uma bebhetha ngamuva. Sebedliwe kabili bejaha kanti kunemidlalo emibili abeyinqobe ngemicicimezelo kade bejaha.

“Kuyahlekisa ukuthi uma kunengxenye yomdlalo eniyenza kahle bese kubanenye eningayenzi kahle abantu bafaka umfutho labo enibuthaka khona. Irekhodi lethu uma sijaha liwu-50/50 kulo nyaka. Yebo, yinto esingathanda ukuyenza kangcono,” kubeka uVan Der Dussen.

AmaProteas amangazwe yiHolland kweyamaqoqo ejaha isibalo sama-run angama-245.

Agcine ehluleke ancama wukufica lesi sibalo sama-run akhala ngaphansi. Ashaywe ngama-run angama-38.

Umkhuhlane uphinde wahlasela elakuleli libhekene neNdiya. Ibhethe kuqala yaqoqa ama-run angama-326 kwathi amaProteas akhishwa wonke enama-run angama-83. Agcine eguqe ngembundlu yama-run angama-243.

“Sifunde lukhulu emidlalweni emibili eyedlule. Izifundo esizithole kule midlalo emibili zizoba ngumphako wethu kowandulela amanqamu. IKolkata ibinzima ngoba ibingasheshi futhi yomile. Njengamanje sesiyakwazi okumele sikwenze kowandulela amanqamu,” kuqhuba uVan Der Dussen.

See Also

AmaProteas asajahe ngempumelelo amahlandla amabili kule Ndebe yoMhlaba. Anqobe sekuvalwe amehlo equmba phansi iPakistan ngewikhethi eyodwa kwathi kodlule aguqisa i-Afghanistan ngamawikhethi amahlanu.

“Uma nijaha niyadinga ukuthi nibe nomdlali oyedwa ozokwazi ukuyibamba umdlalo uze uyophela. Ku-Afghanistan kube yimina. UTemba (Bavuma) noQuinton De Kock bakhe isisekelo esihle. Benze kwalula ukuthi ngidlale ngokukhululeka.” kubeka uVan Der Dussen.

AmaProteas anerekhodi elihle uma ebhetha kuqala. Yonke imidlalo abhethe kuyona kuqala ayinqobile aphinde ashaya ama-run angaphezu kwama-300.

Scroll To Top