Now Reading
Awase-Afrika ayocobelelana ngolwazi neRussia
Dark Light

Awase-Afrika ayocobelelana ngolwazi neRussia

INigeria iphakathi kwamazwe alinganiselwa kuma-50 ahambele iRussia-Africa Summit eSt. Petersburg. IPhini likaMengameli wezwe uKashim Shettima uzobe emele uMengameli uBola Tinubu engqungqutheleni. UShettima uzobhekisa amabombo eSt. Petersburg esuka eRome lapho ehambele khona i-UN Food Summit.

Ngokwesitatimende esikhishwe ihhovisi lePhini likaMengameli, uzohlangana nabanye abaholi bezepolitiki nabamabhizinisi engqungqutheleni lapho kulindeleke ukuthi kube nezingxoxo phakathi kwezohwebo, ukuvikeleka kokudla, ukubambisana kanye nempi yaseRussia ne-Ukraine njengoba kunokukhathazeka e-Afrika mayelana nokumiswa kwesivumelwano sokuthengwa kokusanhlamvu kwase-Ukraine.

Ngenkathi eseRussia, iPhini likaMongameli u-Shettima uzobamba iqhaza emihlanganweni  nezikhulu eziphezulu zikahulumeni waseRussia kanye nabaholi bamabhizinisi ngobudlelwano phakathi kweRussia neNigeria.

Lona ngomunye wemicimbi emikhulu bukahulumeni baTinubu selokhu wangena embusweni ngoNhlaba. INigeria iphakathi kwamazwe amaningi ase-Afrika athintwe yiMpi ese-Ukraine.

Izigidi ezweni zibhekene nokushoda kokudla njengoba kuncike kakhulu kokuqhamuka  kwamanye amazwe kanti iRussia ingumthombo ophambili, ikakhulukazi ukudla okunjengokolweni nezilwane zasolwandle kanye nomanyolo. I-Russia Izwe ingumlingani obalulekile wezohwebo eNigeria futhi ukuhwebelana phakathi kwamazwe womabili kulinganiselwa ngaphezu kwezigidigidi ezimbili zamaDollar.

See Also

Engqungqutheleni yokuqala ye-Russia-Afrika ngowezi-2019, uMongameli wangaphambili u-Muhammadu Buhari kanye noMongameli u-Vladimir Putin basayina izivumelwano zokubambisana kwezempi, uwoyela negesi kanye nentuthuko yezitimela futhi bavumelana nangokuthuthukiswa kwemiklamo eqhubekayo yokusungulwa kwesikhungo sokuphehla amandla enuzi eNigeria.

Khonamanjalo, iKremlin isole amazwe aseNtshonalanga ikakhulukazi iMelika, ngokuzama ukucekela phansi umhlangano weRussia-Afrikangokucindezela amazwe ase-Afrika ukuthi angazibandakanyi.

Scroll To Top