Now Reading
Izenze elixake abahlonishwa neziphathimandla
Dark Light

Izenze elixake abahlonishwa neziphathimandla

Akamusha kwakwenzayo. Umehluko kulokhu wukuthi usegqoke ikapisi elehlukile. Loyo nguMnu uZwakele Maxwell Mncwango ongumholi weqembu eliphikisayo i-Action SA kusifundazwe iKwaZulu-Natal.

Ezinyangeni ezedlule ubenesikhundla esifanayo kepha ngaphansi kwelinye iqembu eliphikisayo i-Democratic Alliance (DA). Ngaphansi kwe-DA uke waba yikhansela eMkhandlwini weTheku nokuhambe kwahamba wakhuphukela kwesokuba yilungu leSishayamthetho kusuka ngowe-2018 kwaze kwaba ngowezi-2022 nayilapho kunqamuke khona ucu naleli qembu.

Lensizwa edabuka eHlalankosi kwaNongoma inomlando omuhle ekuqaleni izinto ezintsha. Ngesikhathi iyilungu le-DA yenza okwabe kungalindelekile lapho itshala  umlayezo we-DA ezindaweni zakobantu kakhulukazi eziholwa ngaMakhosi. Lokhu ukuqale lapho adabuka khona kwaNongoma. Yize abanye bethi kwaba ‘yinhlanhla’ ngoba wakhela ngamaqubu elinye iqembu elabe lisezinkingeni ngaleso sikhathi i- National Freedom Party (NFP), iqiniso lithi amalungu aleliqembu ayengajoyina amanye amaqembu kepha akhetha ukuhamba noMncwango. Ngenxa yokubonakala kwakhe njalo kwabezindaba nasezinkundleni zokuxhumana waba nogazi kubantu.

Kagcinanga lapho njengoba wasebenzisa isikhundla sakhe sobukhansela eThekwini ukwembula izinqe iqembu elibusayo i-African National Congress (ANC) neziphathimandla. Indlela ayedlala ngawo umdlalo wepolitiki kwezokuxhumana yalidida yaliqeda iqembu elibusayo ngisho izisebenzi zikaMasipala iTheku kwezokuxhumana. UMpangazitha uyalwazi ulimi lwezintatheli futhi uyakwazi nokuzihlinzeka ngalokhu ezikufunayo nokuyinto emenza ahlale esematheni. 

Kungelibaleke emlandweni akwenza ngombiko owaziwa ngokaManase  nowabe uphenya iTheku kulandela umbiko ongemuhle woMgcinimabhuku oMkhulu wangaleso sikhathi uMnu uTerrance Nombembe ngonyaka wezimali wezi-2009/10.  Kulo mbiko kwavela ukuthi kunogcobho nothinta izigidi ezi-R532.

Lo mbiko ongamakhasi angama -700 wakhomba ngeshoba osopolitiki, amaphoyisa, osomabhizinisi abaxhumene nosopolitiki, amakhansela,  iziphathimandla nezisebenzi zikamasipala. Lesi kwaba yisikhali uMncwango ajijibeza ngaso uKhongolose nanamuhla osanuka phu njengeqembu labantu abakhohlakeleyo nabawodloza uMasipala iTheku.

Akukho ukungabaza ekutheni i-DA yalahlekelwa ngokuhamba kukaMncwango. Ngesikhathi sakhe leliqembu labe selikwazi ukukhuluma izindaba zaboHlanga futhi lime kuzo lithi mpo. Ubuchule bakhe benza wakwazi ukuphuma ngesikhathi asithandayo nangendlela eyamukelekile kuye njengoba engaxoshwanga noma azithole esejikijelana ngamazwi nobuholi aze aphume inxiwa.  Uze wakhuluma kabanzi ngezinkinga zakhe esephuma lapho abeka izizathu zokuphuma kwakhe.  Wathi phakathi kokunye yimizamo kaSihlalo we- Federal Council uNkk uHelen Zille yokumnquma ishoba eyenza inhlalo yangaba yinhle.

Ukuwa kwenye kube ngikuvuka kwenye

See Also

Njengoba isiZulu sakudala sisho ukuthi ukuwa kwenye indlu ngukuvuka kwenye. Lesi sisho sifakazelwe ngokwenzeke kuMncwango lapho eshiya i-DA wayojoyina i-ActionSA kaMashaba . Nalapha ukwazile umfo waseMancwangweni ukuhlela izinto zakhe njengoba alinda kwaze kwaba i-ActionSA iyahlukana noDkt uMakhosi Khoza okwabe kungathi uzolihola iqembu leli naKwaZulu -Natal. Othe angaxabana neqembu wase uMncwango eba ngumholi ongangatshazwa walo KwaZulu-Natal. Usukile kuSishayamthetho wehlela kumasipala weTheku lapho ezoba nesikhathi esanele sokugijima nokukhuluma izindaba zakobantu nezemiphakathi eyahlukene.

UMashaba lokhu kumsebenzele ngoba abukho ubufakazi bokuthi yena siqu noma uDkt uKhoza ubezokwazi ukugijima njengoMncwango. Cishe nsuku zaphuma lomholi  ( uMncwango) uhlale esezindabeni nasezinkundleni zokuxhumana enza umsebenzi weqembu. Kusuka odabeni lwamanzi, ukugeleza kwentiki , inkohlakalo igama lakhe ulithola lapho. Muva nje ugobe uhulumeni ohlelweni lwawo lokusingatha umcimbi omkhulukazi i-South African Music Awards (SAMA).  Sekungumlando ukuthi lomcimbi ngeke usaba khona KwaZulu-Natal nonyaka .

Kancane kancane uMncwango uyayigudluza i-DA kubantu. Kagcini lapho kepha uya ngokuvela ukuthi uma kukhona isidingo sokubambisana kwamaqembu KwaZulu-Natal iqembu lakhe hayi i-DA ingaba ngumlingani ongcono.  Yize abanye bengathi kusasekuseni, iqiniso lithi okwamanje uMncwango ungenhla. Ungemzibe njengomdlali nesithako esimqoka kupolitiki yaKwaZulu-Natal. Ubukhona bakhe benza iziphathimandla nabahlonishwa bahlale bejeqeza. 

Scroll To Top