Izingane zamaPalestina: Ezizalwa zifele empini



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.



Njalo emuva kwemizuzu eyi-15 ingane yoPalestine iyabulawa ngamagumgedlela akwa-Isreali
Izingane ziyikusasa lanoma yimuphi umndeni nesizwe. Kumiphakathi eminingi kanjalo namazwe kunemithetho eyakhelwe ukuvikela izingane. Ukuqinisekisa ukuthi zikhula ngaphansi kwesimo esinokuvikeleka , ukudla , uphahla nokuthula.
Konke lokhu kwenza isimomqondo sengane singonakali ikhule njengengane. Konke lokhu kubukeka kuliphupho ezinganeni zasePalestine. Lezi zingane iningi lazo lizalelwe empini phakathi kuka-Israeli nesizwe sonke sasePalistine. Iningi lazo zifela noma zikhubazeke kuyo lempi.
Uma zingafanga empini zisuke ziqgunywe emajele ngabakwa-Israeli. Ngonyaka wezi-2012 imibiko yathi izingane ezingama-9000 ezingaphansi kweminyaka eli-18 zabe zigqunywe emajele. Izibalo zithi cishe ingxenye yezakhamuzi zase Palestine zingaphansi kweminyaka eli-18. Izibalo ezakhishwa kuMnyango weZokwazisa e-Ramallah zaveza ukuthi ezi-1,518 zabulawa ngamagumgedlela ka-Israeli ngesikhathi kunokungqubuzana kusuka ngowezi -2000 kuya kowezi -2013.
Lesi sibalo sabe sisho ukuthi ingane eyodwa ePalestina iyabulawa njalo ezinsukwini ezintathu , lapha kwabe kukhulunywa ngeminyaka engama-13 kuphela kungabalwa okwakamuva neminye iminyaka. Kuwo lowo mbiko kwavela ukuthi eziyizi -6000 zabe zilimele ezinye kanzima.
Ngokwezibalo ze-Unicef okuluhlaka lwenhlangano yezizwe embikweni wayo owaziwa ngele– Children in the State of Palestine, izingane zamaPalestine ziyizigi ezi-2.3 kubantu abayizigidi ezi-4.8. Ziyizi-1.3 eWest Bank, zibe yisigidi eGaza. Ngokwe United Nation indawo iGaza isiphenduke amangcwaba ezingane. Ithe zibalelwa ema-400 izingane ezifayo noma ezilimalayo ngosuku.
Kulokhu isibalo sedlulele. Umbiko woMnyango weZempilo ePalestina uthi okungenani sezingaphezu kwe-1000 izingane ezibulewe nokungahumusheka ngokuthi kusuka ngomhla zi-7 kuMfumfu njalo emuva kwemizuzu engama-15 ingane yomPalestine iyafa ibulawa ngamagumgedlela akwa-Israeli. Lezo ezisindile okwamanje ziphila ngaphansi kwesimo esinzima lapho kungenamanzi, uphahla nokudla okwanele. Ezinye kusolwa ukuthi zingaphansi kwezakhiwo eziqhunyiswe ngamabhomu. Ezili-1400 izingane kazaziwa zikuphi kusolwa ukuthi zingaphansi kwengqalasizinda ebhujiswe ngamabhomu.
Lesi cishe yisibalo esikhulu sokubulawa kwezingane esikhathini sempi emlandweni womhlaba. Nazi ezinye izinombolo ezicishe zifakazele lokhu . Lezi zibalo zikhuluma ngeGaza kuphela :
- Ngokusho kombiko we-United Nations Office for the Coordination of Humanitarian Affairs (OCHA) kubulawe izingane ezi-4,104 ezihlaselwe u-Israeli eGaza kulempi eqhubekayo.
- Lokhu kubulawa kwezingane kubikwe esikhathini esingaphezu kwenyanga kuqhubeka udlame. Lezi zibalo zichaza ukuthi kubulawa ezingane ezi-100 ngosuku.
- IGaza inabantu abayizigidi ezi-2.3 abahlala endaweni ewububanzi okuyi-365sq km (140sq miles), okuchaza ukuthi abantu abayi-6,300 bahlala endaweni ewububanzi obuli16,320 ngokwama skwemitha.
- Ngokwezibalo ze-UNICEF izingane ziyisibalo esingama-47% kubantu base Gaza.
Okunye okubhekene nalezo ezisindileyo wubuntandane njengoba iningi labazali libulewe. Sibhala loludaba izibalo ezisemthethweni bezithi seseqe ezi-11 000 isibalo sababulewe ngu-Isreali. Ngokwamaphesenti abantu aba 0.5 baseGaza .