Now Reading
Bazoya empini yomkhaya bexhuga aboSuthu
Dark Light

Bazoya empini yomkhaya bexhuga aboSuthu

Kubukeka bezowudlala kanzima umdlalo wabo neLamontville Golden Arrows abadlali baMaZulu FC. 

Lo mdlalo weDStv Premiership kulindeleke ukuthi ube ngeSonto eMpumalanga Stadium, eHammarsdale. 

AmaZulu FC azoya kulo mdlalo womkhaya baKwaZulu-Natal izinhliziyo zabo zisaphukile njengoba, izolo ngoLwesine bebefihla uBonginkosi “Mdeva” Ntuli. 

UNtuli ubengomunye wezithenjwa zaleli qembu likaSandile Zungu udlule emhlabeni ngeSonto, ngenhla yesifo umdlavuza. 

NgokwePremier Soccer League (PSL) ibilindele ukuthi AmaZulu FC asifake isicelo sokuthi lo mdlalo uhlehliswe, bebezosamukela ngezandla zombili isicelo ngoba bayasiqonda isimo. Kodwa kubukeka uZungu  ewathemba amasosha akhe ukuthi azolilwela iqembu yize isimo sisemuncu. 

Njengoba kusukela ngeSonto abadlali baMaZulu FC bezwa izindaba zokudlala emhlabeni kukaNtuli, abazange baziqeqeshe. Kusho ukuthi bazoziqeqesha namuhla ngoLwesihlanu nakusasa ekuseni makwenzeka. 

Lo mdlalo awumncane neze ubudinga ukuthi abadlali beye kuwona umqondo wabo ukulungele ukuba senkundleni. 

See Also

NgoMgqibelo olwedlule Usuthu lubhaxabule kabuhlungu iLamontville Golden Arrows koweBlack Label Knockout ngamagoli amathathu eqandeni. Ngalokho Abafana Bes’thende (i-Arrows) bazofuna ukuziphindiselela kulo mdlalo. 

Omunye wabadlali ongafunanga ukudalulwa igama, wazise elaboHlanga ukuthi uma ugcina udlalwa lo mdlalo kuzoba nzima.

“Asakathobeki amanxeba kusebuhlungu ukuthi singabuyela enkundleni, bekuzoba ngcono ukube besobuyela emva kwekhefu leFIFA. Kodwake akukho esizokwenza uma kudlalwa sizodlala. Silahlekelwe umfowethu bengingayikholwa lento ngikholwe izolo sesimfihla” kusho lo mdlali. 

Scroll To Top