Now Reading
AmaProteas aqhubeka lapho egcine khona
Dark Light

AmaProteas aqhubeka lapho egcine khona

Aphinde adondolozela amaProteas ebhetha okwesibili ngesikhathi ethela othulini i-Afghanistan ngamawikhethi amahlanu emdlalweni wokugcina wamaqoqo eNdebe yoMhlaba eqhubeka kwelaseNdiya.

Elakuleli linenkinga yokujaha izibalo zama-run asuke ebekwe yizitha uma ebhetha kamuva.

Kulo mqhudelwano asedliwe kabili ejaha. Aqunjwe phansi yiHolland ngama-run angu-38 ase exetshulwa ngelaseNdiya ngama-run angu-243.

KuPakistan azabalaze aze afika entanjeni sekubanjwe umoya. Ngenhlanhla agcine enqoba ngewikhethi eyodwa.

Namuhla i-Afghanistan iwine ithosi yaqoka ukubhetha kuqala. Ibeke ama-run angu-244 kuma-over angu-50.

UGerald Coetzee uthathe amawikhethi amane, uKeshav Maharaj noLungisani Ngidi bahlomula ngamabili. U-Andile Phehlukwayo odlale endaweni kaMarco Jansen uzitholele iwikhethi eyodwa. Eyokugcina kube yi-run out kaKagiso Rabada. Umbuzo omkhulu bekuwukuthi amaProteas azokwazi yini ukujaha lesi sibalo sama-run angu-244 ngempumelelo futhi ngaphandle kwezinkinga.

Aqale kahle uTemba Bavuma noQuinton De Kock behlanganisa ama-run angu-57 ku-powerplay yokuqala.

Izinkinga ziqale nge-over ka-11 ngesikhathi uBavuma (24) ekhishwa nguMujeeb Rahman ezama ukweqa intambo. Ubanjwe nguRahmanullah Gurbaz eduze nentambo.

Ngeka-14 kulandele uDe Kock (41) okhishwe nguMuhammed Nabi ngeLeg Before Wicket (LBW). Ingcindezi iqalile yaqonga.

URassie Van Der Dussen no-Aiden Markram bazamile ukuhlanganisa izinto kodwa i-Afghanistan yathi sila. Nge-over ka-24 kuphume uMarkram (25) ekhishwa nguRashid Khan. UVan Der Dussen noMarkram baqoqe ama-run angaphezu kuka-50 bebobabili enkundleni.

See Also

Kulandele uHeinrich Klaasen (10) kodwa naye akazange ahlale. Ubuyele emuva nge-over ka-28. Ukhishwe nguKhan obese eyiphela endlebeni.

UVan Der Dussen uqhubekile wayibamba ishisa ekubeni ozakwabo bebengalutholi uzinzo. Ngeka-38, kuphume uDavid Miller (24) ezama ukuphebeza ibhola lavele labuyela ezandleni zikaNabi.

UPhehlukwayo ubambele esandleni kuVan Der Dussen baze bayoshaya intambo. Bobabili bahlanganise ama-run angu-64 bese nkundleni. UPhehlukwayo nguyena oweze elakuleli ngelibanzi nge-over ka-48 eshaya o-6 ababili no-4. Uqede enama-run angu-39 engazange akhishwe kwathi uVan Der Dussen naye wathola ama-run angu-76 esenkundleni kwaze kwaphela umdlalo.

AmaProteas asezobhekana ne-Australia e-Eden Garden kowandulela amanqamu ngoLwesine.

Scroll To Top