Now Reading
Baphelelaphi ubuntu ebantwini obabuyisisekelo sempilo esizweni
Dark Light

Baphelelaphi ubuntu ebantwini obabuyisisekelo sempilo esizweni

Ubuntu,ukuzwelana abuqhubeke bungashabalali. Asikutuse ukuzwelana obenziwa ngabasaphila besazibonela ngamehlo abo,besazizwela ngezindlebe zabo nabasebekwelikamoya esababona besaphila, ngezindlela ezinhle eziningi ezinhle ngokuMdali.

Awukho umnikelo odlula lowo, uma besaphila nabozalo, nabangani bengofakazi balokho. Ukuze bande abanobuntu nozwelo nabenza kahle kwabanye.Kwazise abusekho ubuntu nozwelo ebantwini balenkathi.

Siba ngoHubhu kaBhejane ngomufi ngoba engeke esakufakazela wena omtusayo. Ngoba konke okwehlukene, kungokomoya, ngoba kwaqanjwa ngabasengokomoya, ngabasebekwelikamoya. Abanye sababona, asibabonanga, sezwa ngabo.

Ukube kuya ngami,ngabe uMdali wethu ubavusa bonke emabhokisini abasuke betuswa ngabanye,bekhuluma kahle ngabo sebeyizidumbu enkonzweni yabo yomngcwabo. Bengakwenzanga besaphila.

Bavuke,babuze ukuthi:We nja yami! Sibanibani! Wesibani bani!.Wetashinge! Uqambelani amanga! Ukhulumelani okungelona iqiniso ngami sengiyisidumbu. Wawuthuleleni ukusho konke lokhu okuhle ngami ngisadla anhlamvana nani emhlabeni. Asizame ukuyeka indaba yokuthi umuntu ubongwa esefile.

Abanye baqambe amanga ngomufi, bese eceleni uzwe abasuke sebezidlele okumnandi bephikisa bethi: Usethini manje.Kungadikizi ngisho izinqulu zabo.

Kungaba kuhle uma ubhale watusa ithuba likuvumela futhi besekhona abanye noma angaba munye,kuhle nalokho emehlweni kaMdali. Bazokuqinisekisa okubhalile ukuthi naye wayekhona, mzukwana.Nawe ngisho wena, kukhona okuhle ongakwenza ukutusa abanye besaphefumula,besakubona ngamehlo.

Ubuntu nozwelo abusekho ngisho ezinganeni  nabafundi. Azisefani lezingane nezangaleyonkathi. Ubuntu nozwelo bashabalala mzukwana sekungene aboHlanga ngobuningi ephalamende nakomasipala ngokwedemokhrasi.

Kwakungenyanga uMfumfu kowe-1979,lapho ngagula ngalaliswa esibhedlela, iKing Edward Hospital VIII sekusele izinsuku ezimbalwa kubhalwe isivivinyo sokugcina onyakeni, ngasiphumelela. Ekubeni ngangisilungiselanga isivivinyo (okwakuthiwa amaTrial Exams) se-12,salowonyaka, ngisengumfundi e-Isibonelo High School.

Indaba yaqala ekuseni ngiphelelwa amandla, kwaxega amadolo. Ngawa phansi exhibeni phambi kukamama owayehlezi etafuleni ephuza amanzi afudumele. Ngagodola,umzimba wezwela amakhaza, libalele ilanga.

Umama wayobikela uMnu.uSigubhu, Gubhu Ernest Zwane, uLinda, baseVolksrust, esasifunda naye ukuthi ngilele ngimane ngagula esithubeni.Weza uLinda,wangifica ngibhethe itshali kepha kumakhaza ngehora le-06:45, ekuseni.Wabika esikoleni ukuthi ngangigula.

Emva kwehora lesikhombisa ngaya ePoly Clinic ukuyoxilongwa ngudokotela,owathi yayingangaye. Wabhala incwadi yokungidlulisela,ukuba ngiyoxilongwa bese ngilaliswa esibhedlela eKing Edward  Hospital  (eKhangela). Abatholanga lutho esibhedlela.

See Also

Bafika ePoly Clinic,abafundi,uGubhu Ernest Zwane, uThemba Vundla,uThemba “Tshapayi”  Ngcobo, u-Andreas” Mdiksi impangele’ Hlongwa,uMandlesilo Ndodo Dlamini nabanye bezongilanda, kodwa bangibona ngiphakathi kwisithuthiziguli esasesingisa eKhangela.

Kwakubhalwe ebusweni ukujabha kwabo oGubhu, ngoba babethi bazongiphelezela ngiye ekhaya uma sengiqedile ukuxilongwa ePoly Clinic. Beza nasesibhedlela ukuzongibona.Abatholanga lutho odokotela, ukuthi ngangiguliswa yini.

Ingani oGubhu, babeqale ekhaya bezongibheka, batshelwa uDudu uMaKhumalo, umkamnewethu uGie, ukuthi ngangihambe ekuseni ngiye ePoly  Clinic, ngangingakabuyi.

Ngacela incwadi yesikhashana yokuphuma esibhedlela, ngiyobhala.Ngaphumelela njengabanye abafundi, ngingasilungiselanga isivivinyo sebanga lokugcina leshumi, okwakungu-Std 10, uForm V,uMatric manje uGrade12,ibanga leshumi nambili.

Sengakuqonda ukuthi kwakusimo semimoya emihle,eyayidinga ukunakwa, ngingayiphiki,ngiyazi ukuthi ikhona,ihlanjululwe kube kuphela, ikakhulukazi kwaboHlanga abakuqondayo engikucakulayo.

Scroll To Top