Now Reading
Ukolisi uyavuma ukuthi indlela eya empumelelweni ibingelula
Dark Light

Ukolisi uyavuma ukuthi indlela eya empumelelweni ibingelula

Ekuqaleni kweNdebe YoMhlaba bekukhona ukungabaza ngokuthi angabuya nesicoco

Ngesikhathi kuqhathwa amaqembu azoba yingxenye yeNdebe YoMhlaba yebhola lombhoxo, cishe kwaba nongabazane ukuthi Amabhokobhoko angagcina ekwazi ukuvikela isicoco sawo asinqoba ngowezi-2019. Emidlaweni yamaqoqo bekumele atholane namaqembu abekeliswe phezulu, ngokwezikeliso zomhlaba. Lokhu kuveza isithombe sokuthi awuvele ulale bese uvuka usungumpetha, kodwa usuke uhlalelwe umsebenzi onzima wokuginqa izimbangi zakho.

Elakuleli beliseqoqweni elilodwa ne-Ireland okwathi kuqala umqhudelwano yabe ikeliswe kunombolo-1 emhlabeni. Ilo lelizwe elikazwe ukuhlula elakuleli kweyamaqoqo. Elinye izwe bekuyiScotland yona ebalwa namaqembu ali-10 aphezulu emhlabeni.Elakuleli eliqeqeshwa uJacques Nienaber, liphinde lathwala kanzima ngesikhathi selidlulele kweyomkhumulajezi. Emidlalweni yomkhumulajezi umqansa uvele wanyukela kakhulu, njengoba emdlalweni weQuarter-Final Amabhokobhoko atholana nosokhaya iFrance. Sekungumlando ukuthi adlula kanzima ngamaphuzu angama-29 kwangama-28.Kowandulela owamanqamu abe esedlala ne-England, nayo ekeliswe emaqenjini ali-10 emhlabeni.

Naku lo mdlalo adlula kanzima njengoba lanqoba ngamaphuzu ali-16 kwali-15. Avale ngeNew Zealand kowamanqamu, enqoba ngamaphuzu ali-12 kwali-11. Okugqamile ukuthi elakuleli linqobe yonke imidlalo yomkhumulajezi ngomehluko wephuzu elilodwa. Abanye abakubalula njengokunqoba kompetha. Ngisho nokaputeni weqembu lesizwe uSiyamthanda Kolisi, ukubalulile ukuthi indlela yabo ibe mazombazomba ngaphambi kokuthi babe ngompetha.

See Also

“Indlela yethu ibinzima kodwa besazi ukuthi kumele silwe. Umqeqeshi uJacques Nienabernnomqeqeshi uRassie Erasmus bebehlezi besitshela ukuthi izinto ezinkulu azitholakali kalula. Lesi bekungesona isimo esilula. Akulula neze ukubhekana neqembu ezweni lalo. Asigcinanga lapho kodwa siphinde sadlala neNgilandi kwadingeka ukuthi silwe njengoba siphinde senza sidlala nama-All Blacks kowamanqamu. Besimele izwe lethu nemindeni yethu” kusho uKolisi esithangamini sabezindaba.

UKolisi uqukele iWebb Ellis okwesibili njengoba akwenza ngonyaka wezi-2019 eJapan. Lo mdlali wase-Eastern Cape akagcinanga ngokuphakamisa iNdebe, kodwa uphinde wanyelwa inyoni esandleni ngesikhathi esayiniswa iqembu lakhona eFrance iRacing 92. Amabhokobhoko atheleke esikhumeleni sezindiza e-O.R International Airport, eGoli ngoLwesibili.

Scroll To Top