Now Reading
UDuma empini yabasekhaya nabasezitheni
Dark Light

UDuma empini yabasekhaya nabasezitheni

Ungene esikhundleni ngethikithi lokuletha izinguquko kuhulumeni naseqenjini obekubonakala sengathi lihlehlelwa zikhuni. LoyonguMnu uSiboniso Armstrong Duma onguSihlalo we-African National Congress (ANC) KwaZulu-Natal. Ezinyangeni ezedlule ubuholi bakhe buke bazanyazanyiswa kukhona nokukhuluma kokuthi bungase buhlakazwe kungenelele uhulumeni kazwelonke. Obekusobala yikuthi ibidudulana ngaphakathi kulandela ukwehlukana phakathi kwamalungu ngesikhathi kunokhetho olakhipha owayenguSihlalo uMnu uZikalala noNobhala wakhe uMnu uNtuli lwafaka uDuma noMtolo.

Enye ingcindezi bekuwukunqoba kwezimbangi zeqembu Inkatha Freedom Party (IFP) ukhetho lokuchibiyela ezindaweni ezahlukene. Yize ezinye zalezi zindawo bekuyizizinda ze-IFP isithombe sokwehlulwa njalo senze kwanemibuzo kwabanye ekutheni engabe iqembu likhethe kahle.Nokho ingcindezi yakamuva ibukeka yenze isibazi esikhulu kuloya Duma obengene ngethikithi lezinguquko-kulokhu kuvezwe isithombe ‘sesikhohlakali’ esifana nabanye. Ukumbulwa kukaDuma ibheshu bekuholwa ngumholi we-Action SA uMnu uMncwango kanye naloyo oqokelwe kwesikaNdunankulu kuDemocratic Alliance (DA) uMnu uPappas. Oluka Pappas udaba luqale ngesikhathi ephawula ngenkulumo kaDuma kuSishayamthetho nalapho amubiza ngebhobhodleyana emuva kokuthi yena uPappas ebize abaholi bakaKhongolose ngamaselesele.

UDuma waphawula wathi: “Nginesiqiseko sokuthi uma isikhathi sesivuma sizoyinkankanya eyalo mfana ocwasayo obizwa ngoPappas. Siyeza isikhathi saleliya bhobhodleyana. Ucabanga ukuthi uncono.”Lapha uPappas wasebenzisa lelithuba ukuveza uDuma njengomholi onodlame nongase abenzakalise njengoba aze wenza okwabukeka njengehaba ekutheni kasaziboni ephephile. Ukusho kanjalo kusifundazwe esithathwa njengesihamba phambili ngokubulawa kwabaholi kwabe kunenhloso okwabekuwukuninda uDuma njengo phumasilwe. Kagcinanga lapho uPappas kepha wabe esethunyelwa amadokodo athile nayebeka umnyango oholwa nguDuma ichashaza lomsanka.ElaboHlanga elinawo amanye alamadokodo lingakuqinisekisa ukuthi amanye adluliswe ngabathile emnyangweni naseqenjini lakhe. ElaboHlanga linawo amagama ezisebenzi eminyangweni nakuzikhungo ezingaphansi komnyango kaDuma ezihlanganise lamadokodo.

ElaboHlanga likhuluma nomunye umthombo ongaphakathi emnyangweni nocele ukuba angadalulwa ukuqinisekisile lokhu. “Kungekudala kuzovela ukuthi indaba iqale ngesenzo sakhe uDuma esihunyushwe ngabanye abaxoshiwe nalabo abaphucwe amandla athize njengokubalahla. Lezi zinto ezikoPappas noMncwango aziphumi kumsebenzi osemazingeni aphansi. Ziphuma kuzikhulu (ube esezibalula ezintathu) esezikhishwe ngaphandle ezinye zaphucwa amandla.” Lo mthombo uqhamuke nezinye izinsolo ezithi uma kumele silandele umkhondo kuyomele sizibuze sijule. “Zibuzeni ukuthi laba bantu engithi baphelelwe ngamandla abanye baxoshiwe bagcina bekuyiphi iminyango. Uma ngithi ngiyakuxosha emnyangweni ngoba ungenzi kahle, omunye kuhulumeni ukuthatha kanjani ungenzi kahle?” kubuza lomthombo.

See Also

Olwezindondo Udaba okubukeka lugadle kakhulu yilolo obelweluswa nguMncwango we-Action SA noluthinta izizumbulu ebezizoxhasa umcimbi owubukhazikhazi iSouth African Music Awards (SAMA). Ngokungangabazisi loludaba lumnindile uMthombeni. Ngaphandle nje kwezimpendulo namanani ashayisanayo ukuvela kwezindaba zokuthi umlilo lona uze wabhulwa nguMengameli wezwe nothe akungaqhubekikube ngumvimbo kuDuma nezakhe.Ngokomthombo welaboHlanga lesi kuseyisiqalo sokuphazamisa uDuma ekubeni ngubuso beqembu ngonyaka ozayo. “Abamyeke uNomusa sikahle ngaye. UDuma noMtolo ngeke basiyise ndawo. Kusazovela ubufakazi ngoba bukhona bokuthi akukho okuhluke ngaye naye yimpisi njengabanye,” kusho umthombo.

Scroll To Top