Now Reading
Isabelomali sezethembiso zokhetho
Dark Light

Isabelomali sezethembiso zokhetho

Ngesonto eledlule ngaphansi kwesihloko esithi: “UDOBO LUYADOBA: Uhulumeni usevuselele eyama-R350 sekusondele ukhetho” elaboHlanga belelusa udaba lwalesi sibonelelo emuva kokuputshuka kwemibiko yokuthi sizokwelulwa. Kuleli sonto kuye ngawo amagama enkehli enkulumweni kaNgqongqoshe uGodongwane yesabelomali samaphakathi nonyaka esiphenduke izethembiso zomkhankaso wokhetho. Okugqamile kulesi sabelomali yikho kanye elaboHlanga ebelikubalula emibhalweni yalo ukuthi njengoba sezihubela sakusha ngokhetho uhulumeniuseqalile ukucwecwa inkulumo yakhe lapho kukhulunywa nesizwe. Kuqale ngoNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komphakathi uNkk uLindiwe lapho ayehlisa khona amaphaphu izigidi zabantu ezihlomula ngesibonelelo sama-R350, wathembisa nokuthi imibandela ekhona bazoyibuyekeza ukuze abantu bakwazi ukusizakala. Kulandele uMengameli uRamaphosa ngesikhathi aMabhokobhoko egila izimanga eFrance, wathi uma equkula iNdebe uzomemezela usuku oluzoba iholidi lokuwabungaza. Ungqongqoshe uGodongwane naye uhambe ezinyathelweni zozakwabo ememezela ukuthi uhulumeni ubeke eceleni izigidigidi ezingaphansi-R34 ukuhlinzeka abahola isibonelelo sama R350.

Scroll To Top