Useyamukele inselelo yokucija ababhali nabalingisi
Ikhono lakhe ekubhaleni nasekuqondiseni imidlalo ehlukahlukene yethevishini neyeshashalazi sekwenze umlingisi wakuleli waphumela obala ngephupho lakhe lokuvula isikole sokucija labo abanothando lokungena kulo mkhakha.
UChris Q. Radebe uthi ibanga aselihambile emkhakheni wozokulingisa nokubhala selenze wakubona ukubaluleka kokudlulisela ulwazi namava akhe kwabanye abantu. Emuva kokubhala imidlalo eminingi, abantu ikakhulukazi intsha enentshisekelo yokubhala nokulingisa ibimphonsela inselelo yokuthi aqale isikole sokucija nokuvundulula amakhono.
Kubonakala eyamukelile le nselelo njengoba elaboHlanga lithole ukuthi sekusemome ukuba ahambele izifundazwe ezahlukene lapho ezocija khona abantu ezindaweni zabo ngenhloso yokungabafaki ezindlekweni zokuya eGoli okuyikhaya elikhulu kwezokulingisa. Ngesikhathi elaboHlanga libhala ngalo mlingisi ngonyaka odlule indaba yokucija abafuna ukungena kulo mkhakha yayiseluhlaza.
Uma echaza uthi ukubhala nokulingisa kusemizweni yakhe. Le nsizwa engadlile ngokukhuluma abaningi baqale ukuyibona ilingisa indawo yenkosi uDabula emdlalweni iSibaya. Indlela eyayibonakala ikwazi ukuhlanganisa ngayo inkulumo yayo nokubeka ngezilimi ezehlukene yikho okwayakhela ugazi kubabukeli. Eminye yemidlalo aseyibhalile iGomora, uZalo. Umkhokha.
URadebe wazalwa zili-19 kuZibandlela we-1983 KwaZulu-Natal. Njengeningi laboHlanga, naye uphuma emndenini owawudonsa kanzima, okungangokuba babengenalo nekhaya. Lokho kwaphoqa ukuba unina awe evuka nabo behlala emizini yezihlobo nezingane zakwabo ezintathu.
Uthando lokubhala lwamngena esemncane. Wafaka isicelo enhlanganweni yokusakaza iSABC eGoli efuna ukuba ngumbhali wemidlalo, nebala basamukela eseda nje umatric. Eqashelwa ukwenza lo msebenzi wayengenayo ilaptop eyabe idingakala kakhulu, nokwaphoqa ukuba afune itoho lokuba unogada eThekwini ukuze aqongelele imali yokuyithenga.
Ngaphandle kokuba nekhono lokubhala uphinde wazithuthukisa ngokucijwa kulo mkhakha esikhungweni iDigital Filmmaking lapho elolwe khona ekubhaleni. Phakathi kwemidlalo yethelevishini aselingise kuyo kukhona Isithembiso, iSingle Guyz, Ifalakhe. Usesebenzisane nezinye izinkakhe ekubhaleni imidlalo njengoba wabamba elikhulu iqhaza ekubhalweni kweRhythm City, iThe Queen neThe River.