Now Reading
Sekuthanda ukuba ncono emkhakheni wezokuvakasha: De Lille
Dark Light

Sekuthanda ukuba ncono emkhakheni wezokuvakasha: De Lille

UNgqongqoshe wezokuVakasha uPatricia de Lille uthi umkhakha wezokuvakasha ubuye ngamandla kulandela umthelela wobhubhane lokhuvethe,yize ungakabuyeli ngokugcwele kowawuyikho.UDe Lille ubethula amazwi okuvula uMhlangano wezokuvakasha weBRICS eKapa. Imboni yezokuvakasha imile ngesikhathi sobhubhane, kusukela ekumisweni kwezindiza kuye ezindaweni eziheha izivakashi kwakuvalwe thaqa.

Lona bekungumhlangano wokuhlela amasu mayelana nokusheshisa ukusimama kwemboni yezokuvakasha ye-BRICS bloc ngemuva kobhubhane. Isu lokukhulisa amazinga ezokuvakasha lihlanganisa phakathi kokunye, ukuhamba kwezindiza okuqondile phakathi kwamazwe e-BRICS. Kukhona futhi ukukhululwa kwama-visa ezivakashini ezivela eBrazil naseRussia, isikhathi esiyizinsuku ezingama-90 kuyilapho iChina neNdiya ziyingxenye yamazwe angama-34 ohlelweni lwe-e-visa.

 “Kusukela ngoMasingana kuya kuNcwaba wezi2023, isibalo sabavakashi bamazwe ngamazwe abayizigidi ezi-5.5 batheleka eNingizimu Afrika, okusho ukwanda okuphawulekayo okungama-70. 6 uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngowezi-2022. aNgisho lezibalo ezikhuphukayo zijabulisa kepha kubalulekile ukwazi ukuthi lezi zibalo zisangemuva kwalezo zangowezi-2019 ngamaphesenti ali-19. Nokho lezi zibalo ziyasikhuthaza,” kusho uDe Lille.

UDe Lille unethemba lokululama kwalemboni  ngenxa yokukhula okuphawulekayo kwezivakashi ezivela emazweni e-BRICS. Uthe ezinyangeni eziyisishiyagalombili zokuqala zalo nyaka, isibalo sezivakashi ezisuka kulawa mazwe sinyuke ngaphezu kwama-63% uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngonyaka odlule.

See Also

  “Ngiqinisekile ukuthi ngingumuntu onethemba elikhulu, kungenzeka ukuthi ngizibekele umgomo wokuthi ngomhla zingama-31 kuNdasa wezi-2024, kumele sifinyelele lokho okuhlosiwe ngakho ngosizo lwamazwe e-BRICS kanye nawo wonke amanye amazwe. ezinye izimakethe zomthombo esizosisiza ukuthi silethe izinombolo futhi sikufeze lokho,” kwengeza uDe Lille.

 Isu liphinde lihlanganise nokuphepha kwezivakashi. UDe Lille uthi kutshalwe izigidi ezili-R174  ekuqeqesheni abaqaphi bezokuphepha abazotshalwa ezindaweni ezinezivakashi ezweni lonke ngoZibandlela. Izibalo zikhomba ukuthi ngowezi-2019, umnikelo womkhakha wezokuvakasha ku-GDP wawumkhulu kunezolimo, ezokwakha kanye nezinsiza. Nokho, yehla ngowezi-2020.

Scroll To Top