Now Reading
Imibhikisho iyoqedwa ukubhekelela izakhamuzi
Dark Light

Imibhikisho iyoqedwa ukubhekelela izakhamuzi

IMIBHIKISHO engalawuleki yomphakathi cishe kuzona zonke izingxenye zezwe yenza kube lukhuni satshe ukubheka ukuthi yikuphi uHulumeni asekwenzile ukulungisa isimo esadalwa ubandlululo kwezentuthuko. Lokhu okuncane uHulumeni azama ukuletha emphakathini kucekelwa phansi uma kunemibhikisho njengoba muva nje kwenzekile emphakathini wamaKhaladi eWestbury Park, eGoli kushiswa izitobhi ezintsha zamabhasi iRea Vaya nezinye izakhiwo zomphakathi. Ngesikhathi umphakathi waseNorth West ubhikisha ngokugqoza kwentuthuko maphakathi nonyaka ushise inqwaba yezakhiwo okudinga ukuba ziqalwe phansi. Ngowezi-2016 umphakathi waseVuwani, eLimpopo washisa izikole kwaphoqeleka ukuthi abafundi babuyiselwe emakhaya ngoba ungenelisekile ngokuthile. Zonke lezi zigameko zagqugquzela ukusungulwa kohlelo olubizwa ngeBack to Basics Strategy okuhloswe ngalo ukubuyela emuva kubekwe abantu phambili kwezentuthuko. UHulumeni Wezindawo yiwona oseduze kwabantu futhi osekhaleni lentuthuko owenza isiqiniseko sokuthi izidingongqangi njengamanzi ahlanzekile, ukuqoqwa kwendle, ugesi, izindlu, imigwaqo nokuthuthwa kwemfucuza ziyafi nyelela kubantu. Ukulethwa kwezidingo kubantu kuyilungelo elivikelwe wuMthethosisekelo noMqulu Wamalungelo okumele lifi nyelele kuzo zonke izakhamizi. Leli yilungelo izakhamuzi ezingenakuliphucwa muntu ngoba yilo eliqinisekisa impilo engcono kuzakhamuzi.

Kusukela ekuqaleni, umbono ngohulumeni bezindawo abasathuthuka kwakungukuthi babe yisisekelo sokwakhiwa kabusha nokuthuthukiswa kwezwe nomphakathi-indawo lapho bonke abantu baseNingizimu Afrika bengaxoxisana ngqo nezikhungo zikahulumeni.

UHulumeni wendawo ungaphansi koMnyango Wezokubambisana kuHulumeni Nezindaba Zabomdabu. UMthethosisekelo uhlinzeka izinhlobo ezintathu zomasipala: okuyi Metro, iDistrict nobizwa ngeLocal.

Sebebonke omasipala eNingizimu Afrika bangama-278. Bonke omasipala babhekene nokukhuliswa komnotho wendawo, bahlinzeke ngengqalasizinda balethe nezidingo kubantu. UCoGTA wenza isiqiniseko sokwenziwa komsebenzi ngendlela nokuziphendulela kwabangenzi ngendlela ezingeni likahulumeni wesifundazwe nakomasipala.

Ngenxa yomlando wokungathuthuki kweNingizimu Afrika ezindaweni lapho kuhlala khona aboHlanga uHulumeni Wabantu wenza ukwakha kabusha nokulethwa kwentuthuko kwaba phambili.

Yize sekukuningi osekuzuziwe, uhulumeni uyakuvuma ukuthi luselude ukhalo ekwenzeni ohulumeni bezindawo basukumele ngokushesha ukulethwa kwezidingo emphakathini. Kungalesi sizathu uHulumeni angena ohlelweni lweBack to Basic Strategy, olwenzelwe ukuqiniswa kokusebenza komasipala. Ihlandla lokuqala lweBack to Basics Strategy lethulwa ngowezi-2014, kanti kuze kube yimanje uhulumeni usekwazile ukusungula izithangami nomphakathi ukwenza isiqiniseko sokuthi ubamba iqhaza kwezentuthuko ukugwema imibhikisho engenasidingo. Iqhingasu lingumphumela wokuhlolwa ngokubanzi komasipala abangama-278, kubhekwa amaphuzu afana nokuzinza ngokwepolitiki nokulethwa kwezidingo kubantu. Lokhu kuhlola nokucwaninga kudalule ukuthi omasipala abangokukodwa kokuthathu ezweni benza kahle, kuthi abanye abayisibalo esifanayo bayazama kokuningi kodwa basenezinselelo bese kuthi abokugcina abasebenzi nhlobo.

Omasipala abaseqhulwini yilabo abenza umsebenzi wabo kahle. Kulabomasipala kunalabo abenza kahle ngokwedlulele futhi banakho konke okuyizidingongqangi namaqhinga okuqhubekela phambili nokumelana nezinkinga ezingase ziqubuke endleleni. Leli qoqo lomasipala liyikhethelo eliyisithombe salokho omasipala okufanele babe yikho.

Iqoqo lomasipala eliphakathi nendawo lakhiwe yilabo abazama ngokusendimeni. Yize benazo izidingongqangi futhi bewenza umsebenzi njengokulindelekile, kunesimo esikhathazayo sokuhlehlela emuva nokuyekelela.

Iqoqo lokugcina yilona elinganikezi ukuphumula ngempela. Lakhiwe ngomasipala abangasebenzi nhlobo nabahlulekayo ukuhlangabezana nokufunwa nguMthethosisekelo. Labomasipala badinga usizo ngokushesha ukuze konke kuhambe kahle.

Ucwaningo lwathola lokhu okulandelayo ngomasipala:

  • Inkohlakalo engenamkhawulo
  • Imikhandlu engasebenzi
  • Ukungabi nakuxhumana komasipala nemiphakathi eyakhele indawo
  • Ukuphathwa budedengu kwezimali zomphakathi okuholela emibikweni engemihle yokuhlolwa kwamabhuku.

Ukwenzelwa phansi

Kukulabo masipala lapho izakhamuzi zaseNingizimu Afrika zenzelwa khona phansi lokhu okuziveza ngokwenyuka kwemibhikisho yokulethwa kwezidingo kubantu. Lokhu kuwuphawu lokuphelelwa yisineke emiphakathini ngalokhu kwehluleka komasipala ukuletha izidingo emphakathini eshiywe ngaphandle kwezomnotho. Inhlosongqangi yeqhingasu iBack to Basics wukutakula omasipala abasezingeni eliphansi bakhuphukele okungenani ezingeni lesibili, okwelesibili anyukele kwelokuqala bese okwelokuqala ahlale lapho anganyakazi.

“Ngeke saxazulula izinkinga zanamuhla ngokucabanga ngendlela efanayo neyasidalela inkinga esizama ukuyixazulula,” kwake kwasho u-Albert Einstein. Ngenxa yalesi sizathu, ngokwashiwo ezingxoxweni, uhulumeni uyasibona isidingo sokwenza izinto ngokwehlukile uma izixazululo ezifunekayo kuzoba ngezehlukile.

Ethula leli qhingasu uMengameli uJacob Zuma wathi: “Lowo nalowo muntu emazingeni amathathu kahulumeni kufanele akuqonde ngokuphelele okulindeleke kuye ukwenza ohulumeni bezindawo basebenze kangcono. Kumele sibuyele ekwenzeni izinto ngokwejwayelekile senze isiqiniseko sokuthi omasipala baletha amanzi, ugesi, amapaki, ukukhanyiswa kwemigwaqo, ukuthuthwa kukadoti, ukuvala imigodi emigwaqweni nokubhekana ngqo nokuphazamiseka kokulethwa kwezidingo nokubala ngokungeyikho izikweletu zezidingo ezihanjiswa kubantu. Konke lokhu okuphatha kabi izakhamuzi.”

See Also

Amaphuzu asemqoka

  • Ukubeka abantu phambili
  • Ukulethwa kwezidingo kubantu (kwenziwe ngcono impilo yabantu)
  • Ukwenza isiqiniseko sokuphatha omasipala ngendlela (lokhu kufaka phakathi ukuhlela ukugcinwa kwengqalasizinda isesimweni, nokwenza isiqiniseko sokuphelelisa imisebenzi kahulumeni)
  • Ukuphatha izimali zomphakathi ngokucophelela (ukulwisana nokumoswa kwezimali kubhajethwe ngendlela)
  • Ukwakhiwa kwezikhungo ezomelele nezenza umsebenzi ngendlela (okuyiyona nhlosongqangi yaleli qhingasu)

OMasipala balindeleke ukwenza lokhu okulandelayo, bese izinkomba kusebenza kube yizo ezichaza kangcono ukukwazi komasipala ukumelana nale misebenzi:

Ukwakha izinhlelo zengqalasizinda ehlangene kwenziwe nesiqiniseko sokugcinwa kwengqalasizinda isesimweni, ukukhanda okuphukileyo ukwehlisa ukumoseka kwemali ngamanzi nokukhucululwa kwendle, ukuhlaliswa kwabantu, ugesi, ukuthuthwa kwemfucuza, ukunakekelwa kwemigwaqo, nezithuthi zomphakathi.

Ukwenza isiqiniseko sokulethwa kwezinsiza zamahhala nokugcinwa kweminingwane yalabo abangathatheli ntweni. Ukuphatha ngendlela nokutshengisa izimpawu zokuphatha kahle eziziveza ngokunciphisa izinga lokumoswa kwezimali, ukusebenzisa izimali zomphakathi ngendlela, ukuqashwa kwabantu abanekhono lokwenza umsebenzi nokusebenza ngendlela esobala nokuphendula lapho kunesidingo khona.

Impela ukuphatha ngendlela kusenhliziyweni yokusebenza ngendlela komasipala.

Omasipala bokweluswa ngelokhozi futhi balandelwe eduze ukuze kubonakale ukuthi bayayifeza yini imigomo enjengokusingatha imihlangano yamakhansela ukuqinisekisa ukusebenza ngendlela kwezinhlaka eziqaphe inkohlakalo, abaphenya ngokusebenza kwezimali, nobudlelwanlo bomasipala nokusebenzisana kohulumeni.

  • Ukubhekela inqubekela phambili ekungeneleleni kwezinhlaka ezingasenhla kweminyaka emithathu kuya kwemihlanu eyandulele.
  • Ukuba khona nokusebenza kwezinhlaka ezibhekene nenkohlakalo.
  • Izinga lokusebenzisana no zompakathi nokwenziwayo ukuhlangabezana nazo.
Scroll To Top