USuthu luzovusa abanye abaxhasi abasha


AmaZulu FC asezingxoxweni nenkampani yokubheja, iHollywoodbets. ElaboHlanga lithole ngemithombo yalo engashayi eceleni ukuthi Usuthu luhlela ukusebenzisana nabakwaHollywoodbets njengabaxhasi balo abasha.
Leli qembu lixhaswe yisikhondlakhondla senkampani yesitolo uSpar osehlale naleli qembu iminyaka, inkampani yezimoto uGrindrod, inkampani yamanzi i-aQuelle nabakwa-Umbro okuyibona abagqokisa iqembu.
AbakwaSpar yibona abahlezi esifubeni semifaniswano yeqembu bese kuthi engalweni kukhangise abakwaGrindrod. Lezi zinkampani ziphinde zithole namabhodi okukhangisa enkundleni ngesikhathi kuqhubeka umdlalo.
“Ukungena kuka10Bet kuvule amaqembu ePSL amehlo. Phela kumasizini adlule amaqembu agijima kuPSL abengavunyelwe ukuxhaswa yizinkampani zokubheja. UJohn Comitis ophethe iCape Town City ubhekane nolaka lwePSL eletha abawaSportPesa. Ekuqaleni kwesizini kuthusile ukubona iLamontville Golden Arrows yethula u-10Bet njengabaxhasi bayo abasha. Yingakho naMaZulu engene ezingxoxweni nabakwaHollywoodbets,” kuchaza umthombo othembekile.
Njengamanje uHollywoodbets awukho kuDSTV Premiership. Le nkampani ixhase iligi yabesifazane iHollywoodbet Super League. Iphinde ixhase amaDolphins okuyiqembu lekhilikithi laKwaZulu-Natal (KZN) neKZN Rugby njengoba iKings Park isibizwa ngeHollywoodbets Kings Park.
“UHollywoodbets uvele usebenzisana naMaZulu ngoba kunomqhudelwano ka-Under-15 oxhaswe yileli qembu. Ngemuva kukungena kuka-10Bet izikhulu zeqembu zixhumane nabakwaHollywoodbets bangena ezingxoxweni. Njengamanje izingxoxo sezikuvuthondaba. Kuzocaca kahle ngoLwesihlanu (namuhla) ukuthi uHollywoodbets uyangena oSuthwini noma cha. Kunezinto ezincane esezibambe ukuthi kuvunyelwane,” kuqhuba umthombo.
UHollywoodbets kubhekwe ukuthi ufake isamba sika-R15 million ngesizini uma kuvunyelwana. Kubhekwe ukuthi kuqalwe ngenkontileka yonyaka enombandela wokuthi yelulwe uma ubudlelwano buhamba kahle.
“Izingxoxo sezidonse izinyanga ezimbili. NgoLwesihlanu (namuhla) kuzocaca yonke into,” kubeka umthombo. AmaZulu aphinde asebenzisane nesiteshi esihamba phambili eNingizimu Afrika, uKhozi FM njengabaxhasi bawo kwezokusakaza.
“UHollywoodbets ubheke ukuthi uhlale esifubeni. Lokhu kuzoholela ekutheni uSpar uye engalweni bese uGrindrod ehlala esikhindini. Zonke lezi zinkampani zizophinde zithole namabhodi okukhangisa izinkampani zazo ngesikhathi kuqhubeka umdlalo.” kuchaza umthombo.