Bakhumbule izinsuku zeSiwelele iGallants itheleka eFree State



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ngeledlule iMarumo Gallants isebenzise okokuqala inkundla iFree State Stadium, njengenkundla yayo yasekhaya kusukela ifuduleke khona kulesiya sifundazwe. Phambilini leli qembu belisebenzisa iRoyal Bafokeng Stadium nePeter Mokaba Stadium, belizinze eLimpopo.
IMarumo Gallants FC ibibhekene neMamelodi Sundowns engagayelwa mphako kowomkhumulajezi iNedbank Cup Last 16, yize iqembu lasekhaya lagcina liguqile ngamagoli amathathu kwelilodwa.
Kodwa iyodwa into eyangichaza kulo mdlalo, ukubona abalandeli beBloemfontein Celtic begcwele inkundla. Bese kuphele iminyaka emibili kungekho iqembu kulesiya sifundazwe kusukela iBloemfontein Celtic yadayisa isitifiketi sayo esigunyaza ukudlala kuDStv Premiership kuRoyal AM ephethwe uShauwn “MaMkhize” Mkhize.
Kuliqiniso ukuthi kwaba into ebuhlungu kakhulu kubalandeli ukulahlekelwa iqembu ababelithanda okudlula yonke into, ngisho kuthiwa ayenzi kahle iBloemfontein Celtic, kodwa babengapheli amandla beqhubeke nokugcwalisa inkundla.
Ukudayiswa kweBloemfontein Celtic kwashiya isilonda esikhulu kumlandeli wokuqina uBotha Msila, nowaze washo ukuthi akahlukile nomuntu “Obulawe ephila”. Ukufika kwezinkumbi zabalandeli bezolandela iMarumo Gallants, kungenze nganemcabango ethize.
Lowo mcabango owokuthi labalandeli bengayisiza iMarumo Gallants ukuthi igcine ivika izembe. Leli qembu alinawo amasizini aminingi likhona ebholeni, ngesizini yangowezi-2020/21 lathenga isitifiketi seTshakhuma Tsha Madzivandila (TTM).
Ukugcwalisa inkundla kwabalandeli kuzokwenza leli qembu likwazi ukwenza kahle uma lidlala ekhaya. Kunenkulumo ethi ukuba khona kwabalandeli kwenza iqembu libe nomdlali we-12, okudlala indima enkulu kulona ukuthi lenze kahle.
Kuyimanje iMarumo Gallants isidlale imidlalo engama-22 inamaphuzu ali-19, nokwenza kube yiyo ebambe ibhuleki kulogi. Ngaphezulu kwayo kukhona iMaritzburg United ngamaphuzu angama-21, iSwallows FC ngama-24 kube iChippa United nayo enamaphuzu angama-24.
Okuhle ngaleli qembu eliteketiswa ngokuthi iBahlabane Ba Ntwa, lisazodlala nalamaqembu elinawo ezansi.
Emdlalweni yasekhaya lizodlala neRoyal AM, iChippa United, iSupersport United neSundowns. Ekuhambeni khona lizodlala neMaritburg United, iSwallows FC, iKaizer Chiefs kanye neCape Town City.
Ukusalelwa kwayo imidlalo eyi-8 iBahlabane Ba Ntwa, kusho ukuthi isazobanga amaphuzu angama-24. Ithimba labalandeli eliholwa uMsila impela ngilibona kukhona elingakwenza ukuhlenga leli qembu lingashoni ehlathini, kunalokho lidlale imidlalo yokuhlunga.
Okuhle ukuthi liphethe nabadlali abahle okukhona, uCelimpilo “Zizou” Ngema nosewumdlali wa-AmaZulu FC, uLebohang Mabotja ofunwa iRoyal AM, uKatlego Otladisa omataniswa neChiefs, uLucky Mohomi noSibusiso Sibeko.