Imibiko ngamabhomu yenze baqapha ngelokhozi
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
IFrance ithi izoqinisa ezokuphepha ezikhumulweni zezindiza ezizungeze inhlokodolobha nasezitimeleni ngemuva kwemibiko engamampunge ethe kuthi kunamabhomu ezindaweni zomphakathi.
Ukuqapha kwezokuphepha ezikhumulweni zezindiza zaseParis kuzokwenyuka ngama-40% kanti abasebenzi benkampani yezitimela kazwelonke i-SNCF bazoqiniswa ngama-20% ngaphezu kwamaphoyisa abengeziwe eziteshini zikaloliwe, kusho ungqongqoshe uClement Beaune ekhuluma neFrance Inter.
IFrance ibihleli ivivile njengoba isesixwayiseni esiphezulu kusukela ngoMfumfu zili-13 ngemuva kokuba owesilisa oneminyaka engama-20 ubudala wagwaza wabulala uthisha edolobheni lase-Arras enyakatho yeFrance. “Ezokuthutha (amanethiwekhi) kube yizindawo ezibone ezibone ukuhlaselwa kwabantu abaningi emlandweni wezwe lethu nase-Europe,” kusho uBeaune.
Eceleni kwengozi bekukhona “abantu abadlala ngokwesaba”, esho, ekhuluma ngegagasi lezaziso ezingamabhomu mbumbulu ezihlasele amanethiwekhi ezokuthutha, izikole kanye nezikhungo zamasiko kuleli sonto eledlule.
Kusukela ngoLwesithathu olwedlule, kube nezaziso zamabhomu mbumbulu ezingama-70 ezikhumulweni zezindiza eFrance, esho, enezela ukuthi cishe zonke lezi zixwayiso zithunyelwe kusukela ekhelini le-imeyili elisekelwe eSwitzerland. Izexwayiso zamanga zivame ukujeziswa iminyaka emibili ejele kanye nenhlawulo eyizi-30 000 yama-euro. Lokhu kungakhuphukela eminyakeni emithathu ejele kanye nenhlawulo yama euro ayizi-45 000 uma isexwayiso sihlanganisa usongo.
UBeaune utshele iFrance Inter ukuthi imibiko eyenziwa ngabantu ngamabhomu awayona “ihlaya elincane-nje, kuyicala elibucayi kakhulu” nokuthi azophenywa. Isigodlo saseVersailles kwakhishwa abantu ngaphakathi ngenxa yezizathu zokuphepha emini ngeSonto okwesikhombisa ezinsukwini eziyisishiyagalombili ezedlule, saphinde savulwa ngemuva kwamahora amabili ngemuva kokuhlolwa kwengozi, kusho umkhulumeli.