Now Reading
IPrasa isacula ingoma endala yengqalasizinda yezitimela
Dark Light

IPrasa isacula ingoma endala yengqalasizinda yezitimela

AbePassenger Rail Agency of South Africa (Prasa) ithi ukuvuselelwa kwezitimela zomphakathi kuzwelonke yinto eseqhulwini.

Lokhu kulandela ukusabisa kweziphathimandla zedolibha eKapa ngokuthi kuzomenyezelwa umbango phakathi kwalelidolobha kanye nalenkampan kahulumeni, uma uMengameli Cyril Ramaphosa engaphenduli esicelweni sokudala ikomidi elisebenzisanayo lokudilizwa kwezitimela ekupheleni kwale nyanga.

Okhulumela iPrasa uNks u-Andiswa Makanda (osesithombeni) uthe ikhona inqubekela phambili. “Ngamangala kakhulu ngesitatimende sokuthi akukho mnyakazo eKapa. Ikhona imnyakazo esiyenzayo eKapa. Sawuvuselela ngokugcwele ulayini oseningizimu, sigijima emhubheni osenyakatho, futhi sigijima kulayini omaphakathi osuka eKapa uya eNyanga. Mningi umsebenzi owenzekayo eWestern Cape, mayelana nokuvuselelwa kwabusha kolayini.

See Also

Sandisa uxhaso, sibone ukwanda kancane kancane kwezibalo zabagibeli, abantu bayabuya basebenzisa izitimela. Ulayini yaseGermiston osanda kwethulwangokusemthethweni, uthwala abantu abangaba yizi- 10 000 nsuku zonke. Ngakho-ke, sibona isidingo esikhulayo sabagibeli bezitimela- yingakho sizama ukusheshisa uhlelo lokuvuselelwa kwabusha kwemizila yethu.”

Scroll To Top