Uthando nokubekezela kuphumelelise amaphupho entokazi yaseSoweto
Intokazi eyaqopha umlando yaba yimeneja yabadlali yokuqala ngaphansi kwezinga lenhlangano ephethe ibhola emhlabeni, iFifa, uKarabo Mathang kudala iwa ivuka kulo mkhakha.
Le ntokazi edabuka e-Orlando West, eGoli iqale ukuphatha abadlali bebhola ngowezi-2007 kwathi ngowezi-2009 yathola iziqu zayo kuFifa okwayenza yaba ngowesifazane wokuqala emlandweni webhola eNingizimu Afrika ukuba yimeneja yabadlali ebhaliswe ngaphansi kweFifa.
UMathang utshele elaboHlanga ukuthi indlela yakhe ebheke empumelelweni ayizange ibe lula kodwa ukubekezela nokwazi ukuthi ufunani yikona okwenze waba kuleli zinga akulona njengamanje. “Ngikhula bengingezona lezi zingane ezivelele esikoleni. Mina bengizithandela ibhola ngoba ngikhulele elokishini. Ngemuva kokuqeda umatikuletsheni ngangingabaza ukuyofunda emazingeni aphakeme ngokugcwele. Ngihlangane nabangani bami abathathu sathatha isinqumo sokuvula inkampani yokuphatha abadlali bebhola abasuka emazingeni aphansi. Sasicabanga ukuthi yindlela elula yokwenza imali,” kubeka uMathang ephela wuhleko.
Le ntokazi isanda kusiza uJustin Shonga ekutheni ajoyine iSekhukhune United. “Ngemuva kokuvula inkampani ngafaka isicelo sokubhala izivivinyo zeFifa ukuze ngibe yimeneja yabadlali ngokugcwele. Kwangithatha iminyaka emibili ukuphasa lezi zivivinyo. Okokuqala akuhambanga kahle nokwesibili kwaphinde kwabheda. Kwaze kwalunga sengibhala izivivinyo okwesithathu. Sengingenile ebhizinisini lokuphatha abadlali ngithwale kanzima ngasohlangothini lomthetho. Kulapho-ke engithatha khona isinqumo sokwenza izifundo zobummeli. Ngenze iLLB. Njengamanje sengiwummeli ngokugcwele. Lokho kwenza umsebenzi wami ubelula ngoba angisaqashi abammeli uma kunezinto zomthetho okumele ngibhekane nazo,” kubeka uMathang.
Ngemuva kokuqeda umatikuletsheni uMathang wenze iziqu zeMedia and International Relation eNyuvesi iWitwatersrand. “Ngikhulele eSoweto. Besihlukaniswe imizi emithathu nobaba uJomo Sono ongumngani omkhulu kababa. Yingakho nami ngikhule ngithanda ezemidlalo. Kodwa umuntu ongigqugquzele kakhulu ngubaba ozifelayo ngezemidlalo,” kuqhuba uMathang.
Phakathi kwabadlali abangaphansi kwesiteleba sakhe kukhona uTercious Malepe ogijima kuMaZulu, uPule Saleng we-Orlando Pirates, uJustin Shonga weSekhukhune United noTeboho Moloi odume kweZimnyama.