Isizwe sibambe umoya ngaMabhokobhoko koweFrance
Kuphela amaphupho ngeSonto ngehora lesi-9 ebusuku eStade de France emdlalweni we-Quarterfinal kwiNdebe yoMhlaba phakathi kosokhaya iFrance nompetha boMhlaba, Amabhokobhoko.
Izwe elizokhala ngaphansi lizowasha ijezi bese kuthi elinqobayo lidlulele kowandulela amanqamu.
IFrance iqede esicongweni ku-pool A ngemuva kokunqoba yonke imidlalo yayo yamaqoqo kwase kuthi Amabhokobhoko alala endaweni yesibili ku-pool B.
Intatheli yelaboHlanga uZipho Singela ixoxe noqweqwe lomqeqeshi uPeter De Villiers owayeshayela umkhumbi waMabhokobhoko ngeNdebe yoMhlaba yangowezi-2011 ngalendumezulu yomdlalo.
Zipho Singela (ZS): Peter uqeqeshile eNdebeni yoMhlaba. Amabhokobhoko abhekene nosokhaya ngabe yini ezoba ngukhiye wokuweza elakuleli ngelibanzi kowandulela amanqamu.
Peter De Villiers (PDV): Lesi yisigaba somkhumulajezi. Ngakho asikho isikhathi sokwenza amaphutha noma sokulungisa amaphutha uma udliwe. Wadliwa uyagoduka futhi sekuphelile ngawe. Akufani njengemidlalo yamaqoqo lapho ungenza khona iphutha bese uthola ithuba lokulilungisa emdlalweni olandelayo. Kweyamaqoqo senze amaphutha sibhekene ne-Ireland kodwa sathola ithuba lokuwalungisa kolandelayo sesibhekene neTonga. Okuhle wukuthi iningi labadlali abasesikwatini aliqali ukubhekana nalesi simo. Baqonda kahle ubumqoka bokusebenzisa amathuba nokugwema amaphutha alula.
ZS: Indaba esegudwini ngudaba lomdlali ozoyibamba endaweni yeshumi). Ithimba labaqeqeshi kumele lidlalise bani phakathi kukaMaine Libbok noHandre Pollard noma kumele libadlalise bobabili ezindaweni ezahlukene?
PDV: Noma yisiphi isinqumo abazosithatha sizonika izitha amanothi ngendlela abafuna ukudlala ngayo. Bobabili abadlali abamqoka eqenjini futhi abadlala ngendlela eyehlukile. Kuzoya ngokuthi bafuna ukudlala kanjani.
ZS: Manje bazomisa kanjani ngoba iqembu abazogadla ngalo kumele balimemezele ngaphambi komdlalo?
PDV: Ekugcineni umdlalo kumele udlalwe enkundleni. Yebo, indlela izitha ezisuke zibophele ngayo ikunika amaqhinga noma amasu okumele uwasebenzise ngosuku lo mdlalo. Ezemidlalo zinjalo nje. Ungahlela uqede kodwa ngosuku lomdlalo kungahambi ngendlela ohlele ngayo. Noma ungahlela amaqhinga amahle kanjani, kusamele ungene enkundleni wenze umsebenzi. Ngakho angiboni ukuthi ithimba labaqeqeshi kumele lizikhathaze kakhulu ngokudalula indlela elihlose ukudlala ngayo. Okumqoka wukubambisana ngosuku lomdlalo nokulandela uhlelo lokudlala. Bonke bayakwazi abahlose ukukuzuza.
ZS: Ngabe ukukhahlela kahle kukaPollard emdlalweni odlule kumbeka ethubeni lokuqala umdlalo endaweni yeshumi?
PDV: Konke kuncike ethimbeni labaqeqeshi ukuthi lifuna ukudlala kanjani ngosuku lomdlalo. Yebo, uPollard ukhahlele kahle sibhekene neTonga kanti sigeje inqwaba yamathuba sibhekene ne-Ireland. Ngaphambi kwalo mdlalo we-Ireland sidlale cishe unyaka ngaphandle kukaPollard. Iqembu belenza kahle eyibambile u Libbok. Leli yiqembu lesizwe. Alakhiwe ngumdlali oyedwa konke esikwenzayo sikwenza njengeqembu ngoba sikwenzela isizwe.
ZS: Eminyakeni eyedlule iNdebe yoMhlaba siyinqobe ngabadlali abafana noPercy Montgomery, Frans Steyn, Joel Strasky naye uPollard. Kumqoka kangakanani ukuba nomdlali okwazi ukukhahlela ibhola lisuka phansi endaweni yeshumi?
PDV: Asikwazi ukuzikhatha ngomlando osewadlula. Obalulekile wukubhekana nesimo samanje. Into engiyithanda ngomlando wukuthi noma ngubani unethuba lokuwubhala kabusha. ULibbok akumele abukelwe phansi. Unekhono eliyisimanga. Kungenzeka ukuthi ubuthaka kancane uma kumele ibhola alisuse phansi kodwa uyakwazi ukwakha amathuba amahle okushaya ama-try okusinika amaphuzu amahlanu. ULibbok noPollard baletha okwehlukile bobabili eqenjini ngokwendlela abadlala ngayo. Kulele kubaqeqeshi ukuthi zithini izinhloso zabo ngokubasebenzisa. Sinethuba lomlando uma singenza okufanele.
ZS: Uma ubheka indlela esidlale ngayo kweyamaqoqo. Mangakanani amathuba okuvikela isicoco seNdebe yomhlaba? INew Zealand kusayiyona kuphela eseke yavikela isicoco ngempumelelo. Singaba yizwe lesibili?
PDV: Into enhle ngezemidlalo wukuthi sonke sisuke singazi ukuthi kuzokwenzekani. Okwesibili okuhle wukuthi ithuba lihlale likhona. Njengamanje sekuyisikhathi sokuthi sidlalise okompetha bomhlaba. Sibhekene nejoka ngoba sidlala nosokhaya futhi basefomini. INdebe yoMhlaba injalo-ke uma ufuna ukuyinqoba kumele ushaye amaqembu aseqophelweni eliphezulu. Sizigwaze ngowethu sibhekene ne-Ireland. Asikwazi-ke ukuphinde senze amanye amaphutha kulokhu. Uma sizokwenza isinqumo esifanele ngendlela esibophela ngayo iqembu, isenkundleni bese sisebenzisa amathuba sizoba sethubeni lokuvikela isicoco.
ZS: Ukwesekwa kweFrance njengosokhaya kuzoba namuphi umthelela emdlalweni?
PDV: Umdlandla wabalandeli uzoba ngukhiye eqenjini lesizwe laseFrance. Izakhamizi zaseFrance ziyalithanda izwe lalo nebhola lombhoxo. Zizophuma ngobuningi ukuzofaka ingcindezi kuMabhokobhoko kodwa engikwaziyo ukuthi umbhoxo awudlalwa ezihlweleni. Konke okwenzeka ngosuku lomdlalo kuncike kokwenzeka enkundleni. Yingakho sinethuba lokudla leli qembu yize lizobe linabalandeli abaningi.
ZS: Emdlalweni wokugcina neTonga silinyalelwe nguMakazole Mampimpi okuholele ekutheni isikhala sakhe sivalwe nguLukhanyo AM. Uyambona eqala umdlalo noma uzoqala ebhentshini?
PDV: Angiboni ukuthi bazomqalisa u-AM. Ungomunye wabadlali abaseqophelweni eliphezulu. Okwamanje akakakulungeli ukuthi usengaqala umdlalo ngokubona kwami ngoba ubuya ekulimaleni. Ngimbona engena esuka ebhentshini. Amava akhe amqoka eqenjini. Lokho ngeke sikubalekele. Ungumdlali oqhamuka nemilingo ngosuku lo mdlalo. Yebo, uPollard uqalile ebuya ekulimaleni kodwa okwenze bamqalisa yingoba besibhekene neTonga. Yingakho ithimba labaqeqeshi ligembule ngoPollard. Manje sibhekene nosokhaya. Sibhekene neqembu elingayazi induku kulo mqhudelwano. Asikwazi ukuqagela kulesi sigaba somqhudelwano.
ZS: Ukulimala kwezithenjwa ezifana noMalcom Max noMampimpi kuvule ziphi izimbobo?
PDV: Ukulimala kuyingxenye yomdlalo webhola lombhoxo. Ukulimala kuyingxenye yeNdebe yoMhlaba. Yinto ongeke uyihlele futhi ongeke uyibalekele. Okuhle wukuthi abadlali esicuphe ngabo abanonhlonze. Okwesibili sineqembu eliqinile eliqala imidlalo. Okwesithathu sinebhentshi eliqinile futhi elingakwazi ukuvala izikhala zabadlali abasuke beqale imidlalo. Ukulimala kwabadlali abamqoka akuzange kulilimaze iqembu .
ZS: Ake siyivale ngobuholi bukaSiya Kolisi. Bumqoka kangakanani kuleli qembu?
PDV: USiya akanconywa ngokwanele kulelizwe. Ungumholi oqotho. Uyisibonele esihle ezweni kwabalwela impumelelo. Siphethe igolide kuSiya njengomholi.
ZS: Siyabonga ngesikhathi sakho mfokaDe Villiers.
PDV: Wamukelekile. Noma yingasiphi isikhathi.