Now Reading
Akawuvali umlomo ngobuhlakani beqembu uBoucher
Dark Light

Akawuvali umlomo ngobuhlakani beqembu uBoucher

Umqeqeshi weqembu lesizwe lekhilikithi uMark Boucher ubonge ubuhlakani obusetshenziswe abadlali bakhe ochungechungeni lwemidlalo yeT20 International lapho elakuleli kade libhekene khona neWest Indies.

INingizimu Afrika neWest Indies bebetholene emidlalweni emihlanu yeT20 International, elakuleli lwalunqoba lolu chungechunge. Elakuleli linqobe imidlalo emithathu kwathi iWest Indies yona yanqoba emibili.

Kube uchungechunge lokuqala kwayisithupha ukuthi anqobe, kusukela ngoNdasa wezi-2019. Kusukela athatha esokuba umqeqeshi uBoucher uyaqala ukunqoba imidlalo yeT20 International.

Yize lo mqeqeshi ejabule ngokuthi ezakhe zinqobile emva kwesikhathi eside kodwa uthe nakanjani zisekhona izindawo okufanele zenziwe ngcono, kodwa ubona kuyisiqalo esihle njengoba leli qembu lizilungiselala umqhudelwano weT20 World Cup ezokuba ngoMfumfu nonyaka e-UAE. “Sidlale umdlalo omuhle kakhulu, emdlalweni wethu wokugcina sinqoba ngamaruns angama-25 nokwenze sanqoba loluchungechunge. Yebo, zisekhona izindawo lapho singathuthukisa khona, kodwa ngicabanga ukuthi ukuzethemba esingakuthatha kule midlalo yaseWest Indies, kungasisiza kakhulu ukuya phambili. Sineqembu elihle kakhulu elingashaya noma ngubani” kusho uBoucher.

IProteas emidlalweni emine iwona aqale ukushaya amabhola kuqala, emdlalweni wokuqala abeka ebhodini amaruns ali-160/6, kowesibili ali-166/7, kowesithathu ali- kanti kowesine abeka ali-167/8 no-168/4. “Okukhulu kimina ukuthi sithathe ulwazi oluningi emidlalweni ebesiyidlala kulo lonke lolu chungechunge. Cishe sizodlala ezimeni ezinjengalezi e-UAE, futhi sithathe izifundo eziningi mayelana nokuthi singadlala kanjani kulezi zimo. Akufani nokuthi sijwayele ukubuyela eNingizimu Afrika lapho ungaphuma ushaye amaruns ali-180 noma ama-200” kusho uBoucher.

Kule mpelasonto ezikaBoucher zizoqala uchungechunge lapho zizotholana ne-Ireland lamazwe azodlala imidlalo emithathu ye-One Day International (ODI) nemithathu yeT20I. “Kuzofanele ube nekhono lapha futhi uhlakaniphe, ngicabanga ukuthi sithathe lezo zifundo sazibeka ekuhlakanipheni kwethu. Iqiniso ukuthi sinabadlali abangekho efomini, ukunqoba ngabadlali abangekho efomini udlala neqembu eliqine njengeWest Indies kusho ukuthi kukhona okuhle esikwenzayo. IWest Indies ibidlala uhlobo lwayo lekhilikithi kanti thina besidlala okwethu” usho kanje uBoucher.

See Also

Lo mqeqeshi uphinde wathi, uma niyiqembu kufanele nizame ukuthola indlela yokunqoba, noma ngabe kuthiwa umdlalo unzima kanjani. Namanje usasho ukuthi okuyikho okubanqobisile ubuhlakani.

IProteas azoya kule midlalo ngaphandle kukaSisanda Magala othole ukulimala, isikhala sakhe sizovalwa uBeuran Hendricks. Umdlalo wokuqala we-ODI uzokuba kusasa eMalahide, Dublin.

Selilonke iqembu elise-Ireland lithakwe kanje:
UTemba Bavuma ukaputeni, uQuinton de Kock, uBjorn Fortuin, uBeuran Hendricks, uReeza Hendricks, uHeinrich Klaasen, George Linde, uKeshav Maharaj, uJanneman Malan, u-Aiden Markram, uDavid Miller, uWiaan Mulder, uLungi Ngidi, u-Anrich Nortje, u-Andile Phehlukwayo, uKagiso Rabada, uTabraiz Shamsi, uRassie van der Dussen, uKyle Verreynne noLizaad Williams.

Scroll To Top