Uvuma ukungabambisani eMkhandlwini owayengusomlomo



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
UNkk uNoluthando Dlamini owabe engusomlomo womkhandlu uMvoti, uvuma ukungasebenzisani kahle kwamakhansela ngaphansi kwalo mkhandlu. Lo mkhandlu waseMvoti ubunjwe ngamaqembu ezombusazwe ahlukahlukene okubalwa kuwona i-Abantu Batho Congress (ABC), African National Congress (ANC), Inkatha Freedom Party (IFP) namanye amaqembu. UMaDlamini ungomunye walamakhansela ayi-8 e-IFP akade exoshiwe, lapho okubalwa nelilodwa le-ABC.
Lamakhansela abesolwa ngokungayihloniphi imithetho elawula ukusebenza kwawo. Abesolwa ngokungayihambeli imihlangano yaze yaba mine. “Kubuhlungu ukuthi lento eyenzakalayo isize yadala uqhekeko ngaphakathi emkhandlwini. Konke okumbi okwenzakalayo kukhonjwa eqenjini lethu i-IFP. Asazi bafunani kuthina ngoba bawathatha amandla kuthina. Lolu qhekeko luzodala ukuthi uMasipala wethu ungayi phambili kunalokho ubuyele emumva” kusho uNkk Dlamini.
Ngeledlule iNkantolo inqume ukuthi la makhansela awabuyele emsebenzini, kuyothi mhla zili-10 kuLwezi bese kuphuma isinqumo esingujuqu.
NgoLwesibili amakhansela e-IFP abebize isithangami sabezindaba ekade siseGreytown lapho athe akulona iqiniso ukuthi ahlala angaya emihlanganweni emine yomkhandlu.
Isinqumo sokuxoshwa kwawo la makhansela sathathwa iziphathimandla zalo mkhandlu ngemumva kokuba zithole iseluleko esasigunyaza ukuba kuthathwe lesi sinyathelo kuMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal oholwa nguNkk uBongi Sithole-Moloi.
“Abantu benza konke ukungcolisa iqembu lethu. Ngaphandle kokungabaza umphakathi ujabule kakhulu njengoba sibuyelile emsebenzini. Thina sibekwe abantu, sisebenzela bona. Okuhle ukuthi ijaji likuvezile ukuthi uMnu uMavundla (Philani) uyena ofake isikhalazo sokuthi amakhansela awezanga emhlanganweni emine, kuphinde futhi kube uyena ohlala ekomitini lokuqondiswa izigwegwe. Lento ayenzayo ingoba unezinhloso ezithize” kusho uNkk uDlamini.
Phakathi kwamanye amakhansela abemisiwe uMnu uGabriel Malembe obeyiMeya yakhona eMvoti noMfundisi uPetros Ngubane oyiMeya kuMasipala wesiFunda, uMzinyathi. UNgubane uthe babonga ukwesekwa iqembu labo kanye namalungu omphakathi.
“Sifisa ukubonga kubantu bemikhakha eyehlukene ngokubambisana nathi ezikhathini ezinzima. Sixoshelwe into engekho. Ngosuku okuthiwa saphuma saduba ngalo umhlangano, asambanga kodwa saphuma ngaphandle siyobhunga okuthize. Lokho kuyasivumela ukuthi iqembu liphume lihambe liyobhunga ngaphandle uma kunezinqumo okufanele zithathwe. Lokhu kuwubufakazi bokuthi vele kunabantu abasemkhankasweni wokufafaza izinto ezingelona iqiniso ngamakhansela e-IFP.” kubeka uNgubane .