Uqokwe kukhona abakhalayo kwesokuhola iPAC uNyhontso



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Nezikhalo Umbango wezikhundla osekuphele iminyaka uqhubeka kuPan Africanist Congress (PAC) kubukeka usekude ukuphela njengoba nakulokhu kukhona uhlangothi olusamile ekutheni alumamukeli uMnu uMzwanele Nyhontso njengoMengameli weqembu.
Ngempelasonto edlule iPAC ibambe ingqungquthela yobuholi yaqoka uNyhontso kwesokuhola. Le ngqungquthela ibigubuzelwe iziqubu zodlame nokujikijelana ngamazwi ezinhlangothini eziyimihlambi eyalanayo yaleli qembu. Kube neziqubu lapho kujijelwane khona ngezihlalo kwaphoqa ukuthi umiswe umhlangano.
Ekugcineni igama likaNyhontso kugcine kuyilo eliphakanyiswayo wawudla umhlanganiso. Umbango awumusha kuleli qembu njengoba selike laphuma lingena ezinkantolo ngombango wezikhundla. Engqungqutheleni yangempelasonto uNyhontso kanye nabayisithupha abaphezulu bakhethwe ngaphandle kokuphikiswa.
UMnu u-Apa Pooe osesithombeni) uphinde wasigcina isikhundla sakhe njengoNobhala-Jikelele weqembu. Phezu kwezinkomba zokuthi isikhundla esokuhola iqembu sizobangwa uMnu uNyhontso nowayeyiPhini lakhe, uDkt uLunga Mantashe, ekugcineni uNyhontso uqokwe ngaphandle kokuphikiswa.
UNyhontso ephawula uthe, “Ngijabule kakhulu lokhu okwenzekile kusigcinele isikhathi nakho konke. Khumbula ukuthi lokhu besingakwenzi ngokwethu besiqashe isikhungo esizimele sokhetho, ngakho yiso ebesengamele ukhetho. Eqinisweni, ukungabi namncintiswano kwabayisikhombisa abaphezulu ikakhulukazi kukhombisa ukuzinza. Kukhombisa ukuthi kukhona ukuqhubeka nokukhula eqenjini.”
UNyhontso uthi ukukhethwa kwakhe njengomengameli kuzokhuphula ukusebenza kweqembu okhethweni lukazwelonke lwangowezi-2024.
“Okhethweni olwedlule sithole inqwaba yamakhansela kanti nalawo makhansela sizowabeka endaweni lapho sizokwethula khona ukhetho lukazwelonke lowezi-2024. Uqhube wathi banethemba lokuthi bazothola izibalo ezikahle zabavoti okhethweni olulandelayo lukazwelonke” kusho uNyhontso.