Ukusekwa kwebhola kweleNdlovukazi uMthaniya akunabele nakumaligi aphansi
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Emva kokuthi kumenyezelwe ukuthi umdlalo wamanqamu weMTN 8, uzobanjelwa eMoses Mabhida Stadium eThekwini kwaba nokukhulu ukuthi kungani njalo kuba ile nkundla esingatha imidlalo yamanqamu. Akugcini lapho le nkundla ibuye isingathe imidlalo emikhulu yeqembu lesizwe iBafana Bafana. Cishe abantu bakwezinye izifundazwe abaphumelelile nabangaphumelelanga ukuza enkundleni ngoMgqibelo owedlule, bayibonile imbangela yokuthi kungani abahleli bemiqhudelwano behlezi beletha imidlalo yamanqamu kule nkundla eqanjwe ngesinye sezigomagoma kwezepolitiki.
Yize bebekhona abalandeli bakwezinye izifundazwe, kodwa iqiniso lithi iningi labalandeli babeqhamuka lapha esifundazweni iKwaZulu-Natal. Omunye uzothi kwakumele vele igcwale inkundla ngoba kwakudlala amaqembu amakhulu, anabalandeli abaningi.
Yize kunjalo ingxenye eningi yabantu yabe iseka amanye amaqembu ayi lawa ayedlala, okuchaza ukuthi iningi lalabo bantu baqhamuka esifundazweni iKwaZulu-Natal. Abaxhasi bemiqhudelwano nabo uma benza imiqhudelwano basuke behlose ukuthi benze inzuzo, ngokuthi badayise amathikithi amaningi. Ngalokho ingakho bethatha imidlalo yamanqamu beyiletha eMoses Mabhida Stadium. Ngesizini edlule kwakudlala AmaZulu FC nePirates, kowamanqamu amathikithi aphela lokho kukutshela ukuthi iMoses Mabhida Stadium isazoqhubeka nokusingatha imidlalo emikhulu. IKaizer Chiefs inokuthatha imidlalo yayo yasekhaya iyilethe khona eMoses Mabhida Stadium, igcwale inkundla ngoba iyazi lesi sifundazwe sinabantu abalilandelayo ibhola.
Ngaphandle kokuthi abalandeli baphuma ngobuningi babo beyothamela imidlalo kodwa, izindawo zokujabulisa abantu ziningi okubalwa nolwandle ezinye izifundazwe ezingenalo. Okunye kuphinde kube ukuthi kulula kuwona wonke amaqembu ukuthi asuke ezifundazweni zawo. Abantu baKwaZulu-Natal kumele bazishayele elikhulu ihlombe ngalokhu, ngoba kunjena nje kungenxa yabo. Engingabaluleka ngakho manje ukuthi sekumele baphume beseke amaqembu abo adlala kuDStv Premiership nakuMotsepe Foundation Championship. Lokho kolekelela ukuthi lesi sifundazwe siqhubeke sibe namaqembu amaningi adlala kwi-Premier Soccer League (PSL). Buka nje abaphathi bama-South Africa Music Awards (SAMA) bamemezele ukuthi iminyaka emithathu ama-Awadi azobanjelwa KwaZulu-Natal. Lokho kucacisa ngokusobala ukuthi kuningi okuhle ngalesi sifundazwe, okungenza noma ubani into yakhe afune ukuthi isingathwe khona.